Izinkolo Eziningi Kangaka!
UMA kunoNkulunkulu oyedwa kuphela, kungani kunezinkolo eziningi kangaka? Ingabe wake wazibuza ngalokhu? Abantu abaningi abacabangayo bake bazibuza. Futhi akulula ukuthola impendulo. Isimo esingokwenkolo ezweni sidida kakhulu. Ake ucabange nje ngamanye amaqiniso.
Zingaki Izinkolo Ezikhona? Lokho kunzima ukukusho. Kodwa kunezinhlobonhlobo. Ezinye izizwe zomdabu zikhulekela onkulunkulu bendawo. Abaningi basemazweni aseMpumalanga bakhulekela okhokho babo. Abanye banonkulunkulu oyedwa kuphela; amaHindu anabayizigidi. Abantu abaningi kweLobukholwa bakholelwa kuziqu-zintathu—abantu abathathu kunkulunkulu oyedwa. Abanye abantu bayakholwa ngaphandle kokuba nenkolelo eqondile kunoma imuphi unkulunkulu.
Ingabe Zonke Izinkolo Ziyizindlela Ezahlukene Zokukhulekela UNkulunkulu Oyedwa? Abaningi bakholelwa yilokhu. Kodwa njengoba amaqiniso anikeziwe ebonisa, lokhu akunakuba iqiniso. Ngaphandle kwalokho, ngisho nezimo zonkulunkulu abakhulekelwayo zahlukene. Ezinye izinkolo zinonkulunkulu okukholelwa ukuthi abasikhathalele isintu. Ezinye zinonkulunkulu abaphindisayo, kanti ezinye zibheka onkulunkulu bazo njengabamnene. Ngokusobala, zonke lezinkolo azikhulumi ngonkulunkulu ofanayo.
Ingabe Zikhona Izinto Ezifanayo Phakathi Kwazo Zonke Izinkolo?
Naphezu komehluko, kukhona ukufana okuningi esizoxoxa ngakho kamuva. Nokho, okwamanje, make sisho lokhu nje: Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi kunamandla angaphezu kwawomuntu (nakuba zingavumelani ekutheni ayini lamandla). Izinkolo eziningi zinikeza ukuqondisa ngokuphathelene nokuziphatha komuntu kulokhukuphila kwamanje (nakuba lokho kuqondisa kwahlukene ngezinkolo). Futhi izinkolo eziningi zifundisa uhlobo oluthile lo“sindiso,” noma ithemba lokuphila lapho izinsizi zethu zanamuhla zingasayikuba-khona (nakuba zehlukana ngokuqondene nohlobo lwalolo“sindiso”).
Ingabe Kukhona Esingakufunda Kulokhu? Isintu sonke ngokusobala sinomuzwa wokujabulela uhlobo olungcono lokuphila kunalolo esinalo manje. Nokho, abantu banomuzwa wokungabi namandla okubhekana nezinkinga ezibavelelayo futhi babone isidingo sokuba amandla aphakeme abasize.
Kodwa kulezinkolo eziningi kangaka ezinikeza iseluleko esiphikisanayo, umuntu kumelwe aye kuphi ukuze athole lolusizo ngokusobala aludingayo? Empeleni zavelaphi zonke lezinkolo eziphikisanayo? Ingabe ikhona indlela yokwazi ukuthi eyeqiniso iyiphi?