Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/98 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 12/98 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-December: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngomnikelo ka-R9,00 lapho uhambisa incwadi enoqwembe oluqinile, ngo-R7,75 lapho uhambisa enoqwembe oluthambile. Ngo-January: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R19,00, noma nethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R11,50. Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile, nanoma iyiphi enye incwadi endala enamakhasi angu-192 eninayo esitokweni ngomnikelo ka-R1,00. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile, nanoma iyiphi enye incwadi endala enamakhasi angu-192 eninayo esitokweni ngomnikelo ka-R1,00. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya ngencwadi Ulwazi.

◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-December 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe, yazisani ibandla ngemva kokuba sekufundwe umbiko wezimali olandelayo.

◼ ISikhumbuzo sonyaka ka-2000 siyoba ngoLwesithathu, ngo-April 19, ngemva kokushona kwelanga. Nitshelwa lokhu kusengaphambili ukuze abazalwane bakwazi ukwenza amalungiselelo adingekile okufuna izindawo noma okuqasha amahholo angase atholakale uma kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kungase kudingeke ezinye izindawo. Abadala kufanele benze isivumelwano nabaphethe esiqinisekisa ukuthi ngeke kube khona ezinye izinto eziyoqhubeka esakhiweni ezingaphazamisa ukuze umkhosi weSikhumbuzo uqhubeke ngokuthula nangokuhleleka. Ngenxa yokubaluleka kwalesi senzakalo, lapho ikhetha isikhulumi seSikhumbuzo, indikimba yabadala kufanele ikhethe omunye wabadala abafaneleka kangcono esikhundleni sokumane nje bashintshane noma basebenzise umzalwane oyedwa minyaka yonke. Kuyokwenziwa okuhlukile uma kunomdala ogcotshiwe onekhono ongase akwazi ukunikeza le nkulumo.

◼ Njengoba inyanga ka-January inezimpelasonto ezinhlanu, iyisikhathi esihle sokuba abaningi babe amaphayona asizayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela