Gxilisa Ukuphila Kwakho Enkonzweni KaJehova
1 UJesu wafanisa izilaleli zakhe nezinhlobo ezimbili zabakhi. Omunye wakha indlela yakhe yokuphila phezu kwedwala eliwukulalela uKristu futhi wakwazi ukumelana neziphepho eziwukuphikiswa nokushushiswa. Omunye wakha phezu kwesihlabathi esiwukungalaleli kobugovu futhi akakwazanga ukuma lapho kufika ukucindezeleka. (Math. 7:24-27) Njengoba siphila esiphelweni salesi simiso sezinto, sibhekana neziphepho eziningi zobunzima. Emkhathizwe kunamafu amnyama osizi olukhulu aqoqana ngokushesha. Ingabe siyokhuthazela kuze kube sekupheleni ukholo lwethu lusaqinile? (Math. 24:3, 13, 21) Okuningi kuxhomeke ekutheni sikwakha kanjani ukuphila kwethu manje. Ngakho, kuyaphuthuma ukuba sizibuze, ‘Ingabe ukuphila kwami kobuKristu kugxile ngokuphelele ekukhonzeni uNkulunkulu ngokuthobeka?’
2 Kusho ukuthini ukugxilisa ukuphila kwethu enkonzweni kaJehova? Kusho ukubheka uJehova njengobaluleke kunakho konke ekuphileni kwethu. Kuhilela ukubheka eMbusweni njengento eyinhloko esiyikhathalelayo. Kuhlanganisa ukulalela uNkulunkulu kuyo yonke imisebenzi yokuphila kwethu kwansuku zonke. Kudingeka ukuba sihlanganyele ngenhliziyo yonke esifundweni seBhayibheli somuntu siqu, somkhaya nesebandla nasenkonzweni yethu yasensimini, lokhu sikwenze kube yizinto eziza kuqala. (UmSh. 12:13; Math. 6:33) Inkambo enjalo yokulalela iphumela okholweni oluqine njengedwala, olungeke ludilike lapho lubhekene neziphepho zobunzima ezingase zigadle.
3 Kuyajabulisa ukubona izigidi zabantu zigxilisa ngesibindi ukuphila kwazo namathemba azo esikhathi esizayo ekukhonzeni uNkulunkulu, njengoba noJesu enza. (Joh. 4:34) Banamathela esimisweni esingaguquguquki semisebenzi engokwasezulwini futhi ngenxa yalokho bajabulela izibusiso ezicebile. Omunye umama walandisa indlela yena nomyeni wakhe abakhulisa ngayo ngempumelelo amadodana abo amabili ukuba akhonze uJehova: “Sagcwalisa ukuphila kwethu ngeqiniso—sasiya kuyo yonke imihlangano emikhulu, silungiselela futhi siba khona emihlanganweni futhi senza inkonzo yasensimini yaba ingxenye eyinhloko yokuphila kwethu.” Umyeni wakhe wanezela: “Iqiniso aliyona ingxenye yokuphila kwethu, liwukuphila kwethu. Yonke enye into igxiliswe kulo.” Ingabe nawe uye wenza ukuba inkonzo kaJehova ibe yinto ebaluleke kunazo zonke emkhayeni wakho?
4 Yenza Isimiso Esisebenzisekayo Samasonto Onke: Inhlangano kaJehova isisiza ukuba silandele isimiso esihle esingokomoya ngokuhlela imihlangano emihlanu ngesonto. AmaKristu agxilisa ukuphila kwawo ekukhulekeleni uJehova ahlela izimo zawo zezemisebenzi nezomkhaya ngendlela yokuba abe khona kuyo yonke le mihlangano ebalulekile. Awazivumeli izinto ezingabalulekile kangako ukuba ziphazamise ukuba khona kwawo njalo kuyo.—Fil. 1:10; Heb. 10:25.
5 AmaKristu avuthiwe ayaqaphela ukuthi njengoba nje kubalulekile ukudla njalo ngezikhathi ezithile usuku ngalunye, kubaluleke ngendlela efanayo ukwenza isimiso esiqondile sesifundo somuntu siqu nesomkhaya, kuhlanganise nokulungiselela imihlangano. (Math. 4:4) Ingabe ungabekela eceleni okungenani isikhathi esiyimizuzu engu-15 noma engu-20 usuku ngalunye ukuze ube nesifundo somuntu siqu? Isihluthulelo salokhu siwukungavumeli ezinye izinto zingene esikhathini esibekelwe isifundo. Kwenze kube umkhuba owusizo. Lokhu kungase kusho ukusheshe uvuke kunesikhathi ovuka ngaso manje njalo ekuseni. Amalungu angu-17-000 omkhaya waseBethel emhlabeni wonke avuka ekuseni ukuze abe nengxoxo yetekisi losuku. Yiqiniso, ukuze usheshe uvuke kudingeka ukuba usheshe ulale ebusuku ukuze uqale usuku olulandelayo ungumqemane.
6 Uma uyinhloko yomkhaya, thatha isinyathelo kuqala sokuhlela isimiso somkhaya wakho semisebenzi engokwasezulwini. Eminye imikhaya ifunda iBhayibheli, INcwadi Yonyaka, noma enye incwadi ndawonye lapho iziphumulele ngemva kokudla kwakusihlwa. Abazali abaningi abaye babona izingane zabo zikhula ziba amaKristu aqinile bathi esinye isici esabenza baphumelela kwakuwumkhuba womkhaya wokubekela eceleni ubusuku obubodwa isonto ngalinye lapho babejabulela khona isikhathi esakhayo ngokomoya ndawonye. Omunye ubaba owayenza kanjalo wathi: “Nginomuzwa wokuthi ukukhula ngokomoya kwezingane zethu kwabangelwa ngokuyinhloko isifundo somkhaya esasiba naso njalo ngoLwesithathu ebusuku, esaqala eminyakeni engaba ngu-30 edlule.” Zonke izingane zakhe ezintathu zabhapathizwa zisencane, futhi kamuva zonke zangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngaphandle kwesifundo somkhaya, kungase kuprakthizwe izintshumayelo zenkonzo yasensimini noma izingxenye ezithile zomhlangano futhi kujatshulelwe ndawonye neminye imisebenzi eyakhayo.
7 Esimisweni senu samasonto onke, ingabe niye ‘nasithengisisa isikhathi’ sokushumayela ngoMbuso? (Kol. 4:5) Iningi lethu liphila ukuphila okumatasa, linemithwalo yemfanelo yomkhaya neyebandla okufanele liyinakekele. Uma singawenzi amalungiselelo aqondile okuhlanganyela emsebenzini wokushumayela nokufundisa isonto ngalinye, kuyoba lula kakhulu ukuba ezinye izinto ziminyanise lo msebenzi obalulekile. Umnikazi wepulazi elikhulu lezinkomo wathi: “Ngawo-1944 ngaqaphela ukuthi okuwukuphela kwendlela engangingahlanganyela ngayo enkonzweni yayiwukuba ngimise usuku oluthile. Kuze kube namuhla ngisenosuku engilubekela eceleni lokuya enkonzweni phakathi nesonto.” Omunye umdala ongumKristu uthola ukuthi ukuba nesimiso esiqondile sokufakaza kumsiza ukuba enze amahora alinganiselwa kwangu-15 ngenyanga emsebenzini wokushumayela. Uma kunomsebenzi othile okufanele awunakekele ngoMgqibelo, uwenza ngemva kokuba enze inkonzo yasensimini ekuseni. Ingabe wena nomkhaya wakho ningahlela ukuba nibe nosuku okungenani olulodwa masonto onke lokuya enkonzweni yasensimini, nenze lokhu kube yingxenye yokuphila kwenu okungokomoya?—Fil. 3:16.
8 Hlolisisa Isimiso Sokuphila Kwakho: Kunezinto ezimelana nokugxilisa ukuphila kwethu enkonzweni kaJehova. Izimo ezingalindelekile zingase ziphazamise isimiso sethu esihlelwe kahle sesifundo, semihlangano nesenkonzo. Futhi iSitha sethu, uSathane, siyokwenza konke okusemandleni ukuba ‘sivimbe indlela yethu’ futhi sibhuntshise amalungiselelo ethu. (1 Thes. 2:18; Efe. 6:12, 13) Ungazivumeli lezi ziphazamiso zikudumaze, zikwenze uyeke. Yenza noma ikuphi ukulungisa okudingekayo ukuze ufeze umsebenzi wakho ongokwasezulwini ohleliwe. Kudingeka ukuzimisela nokuphikelela ukuze ufeze izinto ezinenzuzo ngempela.
9 Akumelwe sivumele amathonya ezwe nethonya elibi lenyama yethu engaphelele kusenze sinake imisebenzi engeyona engokomoya engase iqale ukudla isikhathi nokunaka kwethu okwengeziwe. Kudingeka sizihlolisise, sisebenzisa imibuzo enjengokuthi: ‘Ingabe inkambo yokuphila kwami iye yaqala ukungalinganiseli noma ukuphambuka? Ingabe sengiqale ukugxilisa ukuphila kwami ezintweni ezidlulayo zaleli lizwe? (1 Joh. 2:15-17) Singakanani isikhathi engisichitha ngiphishekela iminako yami, uhambo lokuzijabulisa, ezemidlalo noma okunye ukuzijabulisa—kuhlanganise nesikhathi engisichitha ngibukele ithelevishini noma ngibheka i-Internet—uma kuqhathaniswa nesikhathi engisisebenzisa ezintweni ezingokomoya?’
10 Uma unomuzwa wokuthi ukuphila kwakho kuminyaniswa imisebenzi engabalulekile, yini okufanele uyenze? Njengoba nje uPawulu athandazela ukuba abafowabo ‘balungiswe,’ noma ‘baqondiswe,’ kungani unganxusi kuJehova usizo lokuba uphinde ugxile enkonzweni yakhe? (2 Kor. 13:9, 11, umbhalo waphansi we-NW) Yibe usuzimisela ukuphila ngokwesinqumo sakho futhi wenze ukulungisa okudingekayo. (1 Kor. 9:26, 27) UJehova uyokusiza ukuba ungaphambukeli ngakwesokudla noma ngakwesobunxele ekumkhonzeni ngokuthobeka.—Qhathanisa no-Isaya 30:20, 21.
11 Zigcine Umatasa Enkonzweni KaNkulunkulu Ejabulisayo: Izigidi zabantu ziphishekela injabulo ngokuzikhandla kodwa kamuva zithola ukuthi njengoba ukuphila kusondela esiphelweni, izinto ezibonakalayo ebezizifuna ngokulangazela azizilethelanga injabulo ehlala njalo. ‘Bekuwukufuna umoya.’ (UmSh. 2:11) Ngakolunye uhlangothi, uma sigcina ukuphila kwethu kugxile kuJehova, ‘simbeke njalo phambi kwethu,’ sithola ukwaneliseka okujulile. (IHu. 16:8, 11) Lokhu kungenxa yokuthi sikhona ngenxa kaJehova. (IsAm. 4:11) Ngaphandle kwakhe, uMsunguli Wezinjongo Omkhulu, ukuphila akunanjongo. Ukukhonza uJehova kugcwalisa ukuphila kwethu ngomsebenzi ozuzisayo nonenjongo ozuzisa thina nabanye ngendlela ehlala njalo, yebo, ngendlela emi phakade.
12 Kubalulekile ukungabi nomuzwa wokwaneliseka bese silahlekelwa umuzwa wokuphuthuma ngokuphathelene nokuphela kwezwe likaSathane okusondela ngokushesha. Ukuphila kwethu kwansuku zonke kuthonywa umbono wethu ngekusasa. Abantu bosuku lukaNowa, ababengakholelwa ukuthi kwakuzokuba nozamcolo womhlaba wonke, “abanakanga,” babegxilise ukuphila kwabo kwansuku zonke eminakweni yomuntu siqu—bedla, bephuza futhi beganwa—kwaze kwaba yilapho isikhukhula ‘sibakhukhula bonke.’ (Math. 24:37-39) Namuhla, labo abagxilisa ukuphila kwabo kuleli lizwe bayobona amathemba abo ekusasa eshabalala phambi kwabo embubhisweni enkulu kunayo yonke umuntu ake wayibona, ‘usuku lukaJehova.’—2 Pet. 3:10-12.
13 Khona-ke, qhubeka ugxilisa ukuphila kwakho kuNkulunkulu ophilayo, uJehova, nasekwenzeni intando yakhe. Ayikho into enenzuzo ongayenza kulokhu kuphila enoMsekeli onokwethenjelwa njengoJehova. Akawaqambi amanga—uyozigcina izithembiso zakhe. (Thithu 1:2) Ngeke afe—akukho lutho olugcinwe kuJehova oluyolahleka. (Hab. 1:12; 2 Thim. 1:12) Ukuphila kokuthobeka nokholo esikwakhayo manje kumane nje kuyisiqalo sokuphila okuyohlala phakade enkonzweni ejabulisayo kaNkulunkulu wethu ojabulayo!—1 Thim. 1:11; 6:19.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
“Iqiniso aliyona ingxenye yokuphila kwethu, liwukuphila kwethu. Yonke enye into igxiliswe kulo.”