Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/98 k. 2
  • IMihlangano Yenkonzo Yango-July

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMihlangano Yenkonzo Yango-July
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-July 6
  • Isonto Eliqala Ngo-July 13
  • Isonto Eliqala Ngo-July 20
  • Isonto Eliqala Ngo-July 27
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 7/98 k. 2

IMihlangano Yenkonzo Yango-July

Isonto Eliqala Ngo-July 6

INgoma 110

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. IZindaba Ezingokwasezulwini.

15 imiz: “Yeka Ukuthi Kuhle Kanjani Ukuba Khona Njalo!” Imibuzo nezimpendulo. Khulumela ne-Phaphama! ka-June 8, 1988, amakhasi 20-2, ukuze ukhuthaze intsha ukuba ibe khona njalo emihlanganweni.

20 imiz: “Omakhelwane Bethu Badinga Ukuzwa Izindaba Ezinhle.” Hlela ukuba abamemezeli ababili noma abathathu abanekhono babukeze ukusikisela kokuhambisa izincwajana ezimbalwa kulezo ezisesitokweni sebandla. Chaza ukuthi kungani zingaphumelela ensimini yebandla. Gcizelela umgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma ngencwadi Ulwazi. Makube nomboniso wokuhambela kokuqala bese ulandelwa owempindelo okusikiselwa kuyo isifundo.

INgoma 73 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 13

INgoma 116

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Khuthaza bonke ukuba bakucabangele ngokungathi sína ukubhalisa njengamaphayona asizayo ngo-August, lapho kuyobe kunezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele.

15 imiz: Izidingo zebandla.

20 imiz: Ingabe Ungenwa Ubuthi Obungumoya Wezwe? Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1997, amakhasi 25-9.

INgoma 182 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 20

INgoma 18

8 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza ibhokisi elinesihloko esithi “Izinkulungwane Ezingamashumi Ayisithupha Nanhlanu!”

12 imiz: “Ukuhanjelwa Okungaba Isibusiso.” Abadala ababili bayaxoxa. Bachaza imigomo yomsebenzi wokwalusa njengoba ibukezwe kuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 1993, amakhasi 20-3. Bakhuthaza ibandla ngokufudumele ukuba likulindele ngokulangazela ukuhanjelwa abadala.

25 imiz: “Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?” (Izigaba 1-14) Umbonisi wenkonzo wenza isethulo esifushane, ekhuthaza bonke ukuba bakucabangele ngokungathi sína ukuba amaphayona avamile. Ube esexoxa ngombuzo 1, akhulumele nesihloko esithi “Umoya Wentshiseko Wokuphayona” esise-Ncwadini Yonyaka Ka-1998, amakhasi 104-5. Amalungu amabili noma amathathu ebandla anokuhlangenwe nakho ngokuphathelene nokuphayona nawo aya phambili ukuze axoxe ngombuzo 2. Axoxa ngombono owusizo nongokoqobo wendlela amaphayona angakwazi ngayo ukuziphilisa. Abazali ababili nabo bangena kuleli qembu ukuze kuxoxwe ngombuzo 3. Banikeza izizathu ezinhle zokuthi kungani kufanele abasebasha bawucabangele ngokungathi sína umsebenzi wenkonzo yesikhathi esigcwele. Khuthaza bonke ukuba babe khona eMhlanganweni Wenkonzo wangesonto elizayo, lapho kuzobe kucatshangelwa imibuzo esele.

INgoma 80 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-July 27

INgoma 155

15 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza bonke ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-July. Yisho amalungiselelo enkonzo empelasonto yokuqala ku-August, futhi ukhuthaze bonke ukuba bahlanganyele. Bukeza esithi “Isimiso Esisha SoMhlangano Wesifunda.”

30 imiz: “Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?” (Izigaba 15-25) Inkulumo nengxoxo eqhutshwa umdala. Hlela ngaphambi kwesikhathi ukuba amaphayona nalabo ababephayona ukuba bahlanganyele ngamazwi aqotho emibuzweni 4-5. Bagcizelela isidingo sesimiso esihle nokunamathela kuso, benikeza izibonelo zezimiso zenkonzo zamasonto onke ezisebenza ngempela. Umdala uphetha ngenkulumo ekhuthazayo ephendula umbuzo 6. Ukuqala konyaka wenkonzo ngo-September 1 kuyisikhathi esikahle sokuba amaphayona amasha aqale inkonzo yesikhathi esigcwele. Izicelo zingatholakala kunoma iliphi ilungu leKomiti Yenkonzo Yebandla.

INgoma 51 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela