IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-October: Omagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho kutholakala khona isithakazelo, kungase kuhanjiswe izikhokhelo. (Lokhu kushintsha lokho okwakushiwo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September.) Kusukela ngo-October 12, kuzosakazwa i-Kingdom News No. 35. Ngo-November: Ukusakazwa kwe-Kingdom News No. 35 kuzoqhubeka. Amabandla aseyihlanganisile insimu yawo ngokufinyelela bonke abaninikhaya emzini ngamunye nge-Kingdom News No. 35 angahambisa Ulwazi ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-December: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R8,00. Ngo-January: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R12,00, noma ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R6,00.
◼ Isenezelo esikule-Nkonzo Yethu YoMbuso ‘siyiSimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1998’ futhi kufanele silondolozwe kahle ukuze sisetshenziswe ngo-1998.
◼ Njengoba inyanga ka-November inezimpelasonto ezinhlanu, ingaba isikhathi esifanelekayo ngabaningi sokuba amaphayona asizayo.
◼ Izikhathi zemihlangano zamabandla amaningi zizoshintsha ngo-January 1. Ngakho, kungase kube nesidingo soku-oda isitokwe esisha samapheshana abonisa izikhathi zemihlangano ezishintshile.
◼ Sicela nazise umbonisi wenu owengamele nganoma imiphi imibiko yabezindaba ephawulekayo, emibi noma emihle, engase ithinte indlela abantu ababheka ngayo oFakazi BakaJehova. Uyobe-ke eseyithumela eNhlanganweni.
◼ Amabandla asengali-oda manje itekisi lonyaka lika-1998 ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa nangesiZulu ngomnikelo ka-R14,00 lilinye, oyofakwa kuyi-akhawunti yawo yezincwadi. Amabandla anesikweleti kuyi-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Kusikiselwa ukuba wonke amabandla afake itekisi lonyaka elisha ngo-January 1, 1988.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1998 e-odeni lawo lezincwadi kusukela ngo-October 1. Lezi zincwajana zizotholakala ngesiBhunu, isiChewa, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiKwanyama, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu. Lezi zincwajana ziyobhalwa kuma-invoice ebandla ngokuthi “Back Ordered” kuze kube yilapho sezitholakala futhi sezithunyelwe. Lezi zinto ziyizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi ziyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi ngo-R2,00 iyinye, okuyinani labamemezeli namaphayona. Amaphayona avamile nakhethekile abesohlwini kusukela ngo-July 1, 1997, angathola eyodwa mahhala. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti kuyi-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Izincwadi ezinikezwe amaphayona mahhala kufanele zibhalwe ngokuhlukile efomini le-Mali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20). Kufanele zi-odwe ngebandla. SIKHUTHAZA WONKE AMALUNGU OMKHAYA, KUHLANGANISE NEZINGANE EZIKWAZIYO UKUFUNDA, UKUBA ABE NEZINCWAJANA ZAWO SIQU.
◼ SIZA UQAPHELE: Ipheshana i-Kingdom News No. 35 AKUFANELE libikwe njengokuhanjisiwe embikweni we-S-4 noma ekhadini loMbiko Webandla (S-1).
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
I-Watch Tower Publications Index 1996 (ibandla, iningi namaphayona: R2,00)—ngesiNgisi