Ingabe UnguFakazi Wasikhathi Sonke?
1 Ubungawuphendula ngoyebo lombuzo? Nakuba kungezona zonke izinceku zikaJehova ezizinikezele ezingabhalisela inkonzo yesikhathi esigcwele, akukhona yini okunengqondo ukulindela ukuthi sonke kufanele sizibheke njengoFakazi bakhe basikhathi sonke? Ngempela kufanele sizibheke kanjalo.
2 Ayikho into ebizwa ngokuthi umKristu wangezikhathi ezithile. UJesu wathi ngoYise: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Joh. 8:29) UPawulu, owazizwa ngendlela efanayo, wasinxusa ukuba ‘zonke izinto sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu.’ (1 Kor. 10:31) Khona-ke, kufanele sonke sizibheke njengoFakazi BakaJehova basikhathi sonke. Ukucabanga kwethu ngalendlela kuyoba nethonya elihle kuwo wonke umsebenzi esiwenzayo.
3 Cabangela UbuFakazi: Ukubukeka kwethu, inkulumo nokuziphatha kungabonisa abanye abantu ukuthi singoFakazi BakaJehova ngempela. Siyasiqaphela isidingo sokubukeka ngesizotha, inkulumo ehlanzekile nokuziphatha okufanele noma nini lapho sisenkonzweni yasensimini noma sisemihlanganweni yobuKristu. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sisesikoleni, siyasebenza emsebenzini wokuziphilisa noma siyazijabulisa, yonke into yethu kufanele inikeze ubufakazi bokuthi siphila ngezindinganiso zikaJehova zokulunga.
4 UJesu wathi: “Umuzi ungefihleke lapho uphezu kwentaba. . . . Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Math. 5:14-16) Kufanele kube njalo kukho konke esikwenzayo nangazo zonke izikhathi. Uma kungenzeka sizithole simathinta nyawo ngokufakaza ngenxa yendawo esisuke sikuyo noma esisuke sikwenza, kudingeka sizibuze, ‘Ingabe ngikhonza uJehova ngezikhathi ezithile noma ngaso sonke isikhathi?’ Kwangathi singelokothe silahle ithuba lokukhuluma nabanye ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.
5 Khumbula, sisuke sidumisa uJehova futhi simjabulisa lapho siphendula umbuzo othi, “Ingabe unguFakazi wasikhathi sonke?” ngo-“Yebo” ozwakalayo!