Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/97 k. 2
  • IMihlangano Yenkonzo Ka-October

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMihlangano Yenkonzo Ka-October
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-October 6
  • Isonto Eliqala Ngo-October 13
  • Isonto Eliqala Ngo-October 20
  • Isonto Eliqala Ngo-October 27
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 10/97 k. 2

IMihlangano Yenkonzo Ka-October

Isonto Eliqala Ngo-October 6

INgoma 39

10 imiz:Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenza ebandleni. U-October uyinyanga yokugcina yomkhankaso wensimu engabelwe. Bakhuthaze bonke ukuba babe nengxenye egcwele.

15 imiz:“Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?” Imibuzo nezimpendulo. Bukeza amaphuzu avelele e-Kingdom News No. 35. Veza izizathu zokuthi kungani abantu ensimini beyozuza kulokhu kwaziswa. Gcizelela isidingo sokuba umuntu ahlele manje ukuze abe nengxenye egcwele ekuyisakazeni futhi akhuthalele ukulandelela isithakazelo esitholakele.

20 imiz:“Yisakazeni Kabanzi I-Kingdom News No. 35.” Inkulumo eyisethulo enikezwa umbonisi wenkonzo. Hlanganisa izigaba 5-8 ngemibuzo nezimpendulo. Bukeza amalungiselelo ebandla omsebenzi owandisiwe. Xoxani ngezindlela zokuqikelela ukuthi yonke insimu ihlanganisiwe. I-Kingdom News No. 35 ingasetshenziswa abamemezeli lapho befakaza kubantu ezitobhini zamabhasi, emabhizinisini amancane, ezindaweni zokupaka nakwezinye izindawo. Nikeza ukusikisela kokusiza abasanda kuhlanganyela abafuna ukuqala emsebenzini wokushumayela. Hlanganisa nokwaziswa okusesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1995, isigaba 11. Kwamanye amasimu kungaba yinzuzo ukusebenza wedwa lapho uhambisa i-Kingdom News. Makube nemiboniso emibili noma emithathu emifushane.

INgoma 126 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 13

INgoma 41

10 imiz:Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Bukeza amaphuzu angase akhulunyelwe akomagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! Bakhumbuze bonke ukuthi emsebenzini wangempelasonto, kuzohanjiswa omagazini kanye ne-Kingdom News No. 35. Kufanele siphindele kwabanesithakazelo.

20 imiz:“UMhlangano Wesigodi ‘Wokholo EZwini LikaNkulunkulu’ Ka-1997.” (Izigaba 1-12) Imibuzo nezimpendulo. Funda izigaba 7 no-9. Gcizelela ukubaluleka okungokomBhalo kokulondoloza ngokucophelela ukubukeka kwethu okunesizotha kobuKristu, ukuziphatha nokuqondisa kahle izingane zethu.

15 imiz:“Usabela Kanjani Lapho Unganakwa?” Ingxoxo ephakathi kwabadala ababili.

INgoma 130 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 20

INgoma 42

15 imiz:Izaziso zebandla. Bukeza okunye kokuhlangenwe nakho okuse-Ncwadini Yonyaka Ka-1996, amakhasi 6-8, ngaphansi kwesithi “Ukusakazwa Kwe-Kingdom News Embulungeni Yonke.” Yisho umzamo owenziwa ummemezeli ngamunye ekusakazweni kwe-Kingdom News okudlule. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele ekusakazeni i-Kingdom News No. 35.

15 imiz:“UMhlangano Wesigodi ‘Wokholo EZwini LikaNkulunkulu’ Ka-1997.” (Izigaba 13-19) Imibuzo nezimpendulo. Funda isigaba 13 nemibhalo ekhonjiwe. Gcizelela isidingo sokuhleleka nokucabangela abanye, ikakhulukazi lapho kuziwa ezindaweni zokuhlala. Phetha ngenkulumo emfushane ebukeza esithi “Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi.”

15 imiz:“Ingabe UnguFakazi Wasikhathi Sonke?” Inkulumo enikezwa umdala.

INgoma 133 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 27

INgoma 43

12 imiz:Izaziso zebandla. Bukeza intuthuko yokusakazwa kwe-Kingdom News No. 35. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo. Yisho ukuthi ingakanani insimu esisetshenziwe kuze kube manje nokuthi yini okuzodingeka yenziwe ukuze ibe isihlanganiswe yonke ngo-November 16. Uma insimu isihlanganiswe yonke, sizohambisa Ulwazi engxenyeni esele yenyanga. Gcizelela umgomo wokuqala izifundo lapho siphindela kubantu abayamukela kahle i-Kingdom News. Khuthaza bonke bafake imibiko yango-October kulempelasonto.

15 imiz:Indlela Yokuthola Ithemba Esikhathini Esidangalisayo. Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 1997, amakhasi 22-5.

18 imiz:Ukukhanya Kwakho Makukhanye. Inkulumo nengxoxo esekelwe encwadini Ukuhlelelwa, amakhasi 84-8. Hlela kusengaphambili ukuba abamemezeli bakhulumele lemibuzo elandelayo: (1) Kungani oFakazi BakaJehova beshumayela endlini ngendlu? (2) Lendlela yasetshenziswa ngezinga elingakanani ngekhulu lokuqala? (3) Kungani kunesidingo esiphuthumayo sokuqhubeka sishumayela endlini ngendlu namuhla? (4) Yiziphi izimo ezingenza kube nzima ngathi ukuba nengxenye njalo? (5) Singaluthola kanjani usizo ukuze sibekezele? (6) Sibusiswa kanjani ngokwenza ukukhanya kwethu kukhanye? (7) Yini esingayenza ukuze siphumelele ngokwengeziwe ekuthintaneni nabantu? Bonisa ngokuthi abamemezeli abathathu noma abane balandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo abakuthole lapho befakaza ezitolo noma emgwaqweni.

INgoma 136 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela