Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/97 k. 1
  • Usabela Kanjani Lapho Unganakwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usabela Kanjani Lapho Unganakwa?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qaphela Ukufundisa Kwakho Njalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Anginasithakazelo”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Izethulo Eziphumelelayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Isethulo Esivusa Isithakazelo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 10/97 k. 1

Usabela Kanjani Lapho Unganakwa?

1 Ukunganaki kuwukungabi namuzwa noma umzwelo, ukungabi nasithakazelo noma ukungakhathali. Kungesinye sezimo zengqondo esivame kakhulu nokunzima kakhulu ukubhekana naso enkonzweni. Usabela kanjani kukho? Ingabe kukwenze wahudula izinyawo enkonzweni yakho? Ungakunqoba kanjani ukuze ufinyelele abantu ngesigijimi soMbuso?

2 Okokuqala, thola ukuthi kungani abantu ensimini yenu benganaki. Ingabe kungenxa yokudunyazwa abaholi babo bezombangazwe nabenkolo? Ingabe banomuzwa wokuthi ayikho indlela yokuphuma ezinkingeni ezibakhungethe? Bayazingabaza yini izithembiso zokuthile okungcono? Ingabe abazimisele ukucabanga ngezinto ezingokomoya ngaphandle uma bebona izinzuzo eziphathekayo nezisheshayo?

3 Qokomisa Ithemba LoMbuso: Ayikho inkinga uMbuso ongeke uyixazulule. Ngakho, lapho kungenzeka, kufanele sikhulume ngezithembiso zoMbuso, sisho amazwi ayinhloko asemBhalweni, ngisho noma singenakukwazi ukuvula ivesi leBhayibheli. (Heb. 4:12) Kodwa singayifikisa kanjani ingxoxo kulelo qophelo?

4 Abantu kudingeka bayiqonde injongo yokubahambela kwethu. Kudingeka baqaphele ukuthi siya kubo ngenxa yothando ngomakhelwane nokukhathalela umphakathi. Singabuza umbuzo ocatshangelwe kahle onjengokuthi, “Ucabanga ukuthi liyini ikhambi [lenkinga ethinta umphakathi]?” Uma indlela ethile ingasebenzi, zama enye.

5 Kwenye insimu enabantu abayizinginga ngempela, ababengenandaba nesigijimi soMbuso, abamemezeli bazama ukuthola isethulo esasizovusa isithakazelo. Lapho uhambisa incwadi Ulwazi, omunye umbhangqwana wazama lesi singeniso: “Ucabanga ukuthi imfundo enhle ibalulekile ukuze kube nempumelelo ezweni namuhla? Uyavuma yini ukuthi imfundo ebanzi kumelwe ihlanganise nolwazi ngeBhayibheli?” Ngentambama eyodwa wahambisa izincwadi ezintathu, enye yazo yathathwa owesifazane okwathi uma ubuyela, lona wesifazane wathi useyifunde wayiqeda incwadi Ulwazi futhi wasamukela isifundo seBhayibheli.

6 Lapho ubhekana nokunganaki, zama izindlela ezihlukahlukene, buza imibuzo eshukumisa ingqondo futhi usebenzise amandla eZwi likaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela ungase ukwazi ukusiza abanye bamukele ithemba lethu loMbuso elihle kakhulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela