Isimiso Esisha Sosuku LoMhlangano Okhethekile
Isihloko sesimiso esisha sosuku lomhlangano okhethekile esiqala ngo-September sithi “Yenza Zonke Izinto Ngenxa Yezindaba Ezinhle.” (1 Kor. 9:23) Izindaba ezinhle zoMbuso ziyizindaba ezibaluleke kunazo zonke ezizwakala namuhla. Lesi simiso sizosisiza ukuba sazise ilungelo eliyingqayizivele esinalo lokuthwala lezi zindaba ezimangalisayo. Siyosenza futhi sibe nesibindi sokuqhubeka simemezela izindaba ezinhle ngokungayekethisi.—IzE. 5:42.
Lesi simiso sizosibonisa indlela esingasebenzisa ngayo ukuqeqeshwa kwethu okungokwasezulwini ngokugcwele ukuze sifeze okuningi enkonzweni. Sizokuzwa abanye abaye benza ukulungisa ukuze bandise inkonzo yabo, kuhlanganise nentsha enikela ngakho konke ukuze iqhubekisele phambili izindaba ezinhle.—Qhathanisa neyabaseFilipi 2:22.
Inkulumo eyinhloko, eyonikezwa isikhulumi esihambele, iyogcizelela isidingo sokuhlala “singabakufanelekelayo ukuphathiswa izindaba ezinhle.” (1 Thes. 2:4) Siyosizwa ukuba sibone ukuthi ukuze sililondoloze leli lungelo lokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye, kufanele njalo sihlangabezane nezindinganiso zikaNkulunkulu ngokucabanga nangokuziphatha. Izibusiso esizitholayo ngokwenza lokhu nazo ziyoqokonyiswa.
Ungaphuthelwa yilesi simiso esibalulekile. Abasanda kuzinikezela abafuna ukubhapathizwa emhlanganweni wosuku olukhethekile kufanele bazise umbonisi owengamele ngokushesha. Bameme bonke ofunda nabo iBhayibheli ukuba babe khona. Masivumele uJehova asiqinisele ukwenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle ngaleyo ndlela sifeze umsebenzi omkhulu kunayo yonke ngaphambi kwe-Armagedoni.