IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,20 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ensimini engabelwe: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R4,00 nethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R4,00. Izincwadi ezincane zingu-R2,00. Ngo-September: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-October: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda esifika ngeposi noma se-Phaphama! ngomnikelo ka-R48,00 esomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma esezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R24,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini uma isipho senqatshwa. Kusukela ngasekupheleni kwenyanga, kuzosakazwa i-Kingdom News No. 35. Ngo-November: Ukusakazwa kwe-Kingdom News No. 35 kuzoqhubeka. Amabandla ayihlanganisile insimu yawo ngokufinyelela abaninikhaya emzini ngamunye noma ngokushiya i-Kingdom News No. 35 angase ahambise incwadi Ulwazi.
◼ Kuyo yonke imiphakathi ngezikhathi ezihlukahlukene onyakeni, kuba namaholide ezwe enza izingane zingayi esikoleni nabasebenzayo bangayi emsebenzini. Lokhu kunikeza ibandla amathuba amahle okuhlanganyela kakhudlwana enkonzweni yasensimini. Abadala kufanele baqaphele ukuthi lamaholide azokuba nini bese belazisa ibandla kusengaphambili ngamalungiselelo enziwayo okushumayela njengeqembu phakathi namaholide.
◼ Kusukela ngo-August 29 no-30, 1997, iNhlangano izobala zonke izincwadi enazo esitokweni saseBethel. Ngenxa yalokhu kubalwa, phakathi nalezo zinsuku ngeke asingathwe ama-oda ezincwadi amabandla ngenjongo yokuwathumela noma ukuwalanda.
◼ Ibandla ngalinye lizothola amakhophi amathathu efomu elithi Ukubalwa Kwezincwadi (S-AB-18). Unobhala webandla kufanele ahlangane nenceku yezincwadi ekuqaleni kuka-August bese bemisa usuku lokubala isitokwe sezincwadi zebandla ekupheleni kwenyanga. Kumelwe zibalwe ngokoqobo zonke izincwadi ezisesitokweni, bese izingqikithi zifakwa efomini elithi Ukubalwa Kwezincwadi. Ingqikithi yenani lomagazini eninabo ingatholakala encekwini kamagazini. Sicela nibe senikuqedile lokhu ngaphambi kuka-September 1 bese nithumela amafomu eNhlanganweni ngokushesha ngangokunokwenzeka lapho senisitholile isitatimende senu sango-August. Gcinani ikhophi emafayilini enu. Elesithathu kungase kubalelwe kulo. Ukubalwa kwezincwadi kufanele kwenganyelwe unobhala, futhi ifomu eseligcwalisiwe lihlolwe umbonisi owengamele. Unobhala nombonisi owengamele bayolisayina leli fomu.
◼ Amabheji omhlangano wesigodi ka-1997 kufanele a-odwe futhi imali yawo iyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi yebandla ngamasenti ayishumi lilinye. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni, noma anesikweleti kuyi-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nemali. Sicela ni-ode ngamaqoqo ahamba ngama-20 lapho kunokwenzeka. Amabheji atholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa nesiZulu. Sicela ni-ode ngefomu i-Literature Order (S-AB-14). Lama-oda kufanele afike eNhlanganweni ngaphambi kuka-November 1, 1997. Ngemva kwalokho ngeke siwasingathe ama-oda amabheji.
◼ SIZA UPHAWULE: Kunezinguquko emihlanganweni yesigodi elandelayo:
December 12-14: EMafikeng (izinsuku ezintsha)
December 19-21: EBloemfontein, eGaborone (izinsuku ezintsha)
December 26-28: Ermelo (isiZulu; omunye umhlangano) KaManzini (isiNgisi; indawo entsha)