IMihlangano Yenkonzo Ka-July
Isonto Eliqala Ngo-July 7
INgoma 6
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Tusa abafowethu ngokuzikhandla ensimini phakathi no-April bese wazisa ibandla ukuthi yini eyafezwa phakathi nomsebenzi okhethekile wezinyanga ezintathu.
15 imiz: “Ukukholeka Kuyavuzwa.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nesibonelo okulandiswe ngaso kuyi-Phaphama! ka-January 22, 1993, amakhasi 18-21.
20 imiz: “Siza Abanye Bathole Induduzo.” Ingxoxo nezilaleli. Makube nomboniso wentshumayelo eyodwa noma ezimbili. Cela izilaleli zilandise ngezinye izindlela eziye zaqala ngazo izingxoxo, zisebenzisa izincwajana ezifanayo. Khuthaza ukuba kusetshenziswe amazwi alula nakhethwe kahle ukuze kuvuswe isithakazelo. (Bheka Incwadi Yokuchasisa Isikole, ikhasi 7, izigaba 9-11.) Yisho ezinye izincwajana ezingase zihanjiswe futhi ibandla elinazo esitokweni.
INgoma 70 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 14
INgoma 5
12 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Bukeza esithi “Sizofunda Incwadi Ethi Injabulo Yomkhaya.”
18 imiz: “Fakaza Nomaphi Lapho Kunabantu Khona.” Inkulumo. Uma isikhathi sivuma, ungase uhlanganyele nezilaleli okunye okuhlangenwe nakho okuse-Ncwadini Yonyaka Ka-1997, amakhasi 43-6.
15 imiz: Lungiselela Insimu Engabelwe Kusengaphambili. Inkulumo enikezwa umbonisi wenkonzo. Bukeza incwadi enayibhalelwa ngo-May 30, 1997. Xoxani ngesipho esikhethekile sencwadi, izinsuku zomkhankaso, indawo ezosetshenzwa, nangendawo yokulala kanye namalungiselelo ezinto zokuhamba. Ingabe bakhona abangaba amaphayona asizayo? Amabandla angeke aye ensimini engabelwe kufanele axoxe ngamalungiselelo okuhlanganisa insimu engasetshenzwa njalo.
INgoma 71 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 21
INgoma 14
12 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza esithi “Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda.”
13 imiz: Ngubani Oyakusiyela Na? Inkulumo ekhuthazayo kwabangase bakwazi ukungenela ubuphayona obuvamile kusukela ngo-September 1. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okusesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1997, izigaba 16-17. Labo abangenakukwazi ukuba amaphayona avamile bangase bahlole ukuthi iyiphi inyanga noma izinyanga abangaba ngazo amaphayona asizayo phakathi nonyaka wenkonzo ozayo.
20 imiz: Zilungiselele Ukufakaza Ngokwethukela. Nsuku zonke sivulekelwa amathuba okufakaza kubantu esihlangana nabo. Lapho ithuba livuleka, singase sithole ukuthi asiliphethe iBhayibheli noma incwadi esingayisebenzisa. Hlela kusengaphambili. Ekhaya, hlala unezincwadi ezingasemnyango lapho wamukela khona izivakashi. Faka izinhlobonhlobo zezincwadi esikhwameni, futhi usiphathe njalo emotweni yakho, emsebenzini, noma esikoleni. Phatha okuthile lapho uzogibela into yokuhamba yomphakathi. Phatha izincwadi ezithile lapho uthatha uhambo lwezebhizinisi, uya emhlanganweni noma uya eholidini. Xoxa ngokunye ukusikisela okusencwadini ethi Incwadi Yokuchasisa Isikole, amakhasi 80-2, izigaba 11-16. Makube nomboniso omfushane obonisa indlela yokuxoxa nomuntu odayisayo, osebenza naye, ofunda naye esikoleni, umuntu ohambisana naye ngento yokuhamba noma oseholidini kanye naye.
INgoma 72 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-July 28
INgoma 15
12 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza isipho sencwadi sika-August. Ngo-August phindela kubo bonke abathatha izincwajana owazihambisa ngo-July, uzame nokuqala izifundo zeBhayibheli. Izifundo kufanele ziqalwe ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi ethi Ulwazi.
15 imiz: Bazali—Fundisani Izingane Zenu Kusukela Ziseyizinsana. Umdala uxoxa ngezimiso ezingokomBhalo ezichaza isidingo sokuba abazali bafundise izingane zabo kusukela ziseyizinsana. (IzAga 22:6; 2 Thim. 3:14, 15) Abanye abazali banomuzwa wokuthi akufanele izingane zinikezwe imfundo yeBhayibheli ngenkuthalo kuze kube yilapho sezizindala ngokwanele ukuba zizenzele izinqumo zazo. Ezimweni ezinjalo izingane eziningi ziye zaya ezweni. Imfundo engokomoya kufanele iqale lapho ziseyizinsana. (g97-ZU 3/8 26-7; w88-ZU 8/1 12-13) Xoxa nombhangqwana oshadile obonakalisa ukulikhathalela ingokomoya lezingane zawo. Bonisa indlela ubaba ahola ngayo nokuthi bobabili abazali bafeza izindima zabo ekulungiseleleni isimiso sasikhathi sonke, esingashwampuluzi sokufundisa izingane zabo. Umbhangqwana ulandisa ukuthi yini obulokhu uyenza ukuze ufundise izingane zawo iqiniso, usebenzisa ukusikisela okunikezwa inhlangano kokuba nesimiso esihle, esiwusizo sokufundisa ekhaya. Umdala ugcizelela ukubaluleka kokusebenzisa lokho iZwi likaNkulunkulu eliyala abazali ukuba bakwenze.—w85 4/1 23; Efe. 6:1-4.
18 imiz: Feza Inkonzo Yakho Ngokugcwele. Inkulumo enikezwa umbonisi wenkonzo esekelwe encwadini ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 5-8. Gcizelela ukubaluleka nokuphuthuma komsebenzi wokushumayela, ubashukumise bonke ukuba bawuthathe ngokungathi sína umthwalo wabo wokuba izikhonzi. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini yango-July. Bakhuthaze ngemfudumalo ukuba bonke bahlanganyele ngokugcwele enkonzweni yasensimini ngo-August ngoba uyinyanga yokugcina yonyaka wenkonzo.
INgoma 75 nomthandazo wokuphetha.