Fakaza Nomaphi Lapho Kunabantu Khona
1 Eqaphela indima eyayifezwa umoya kaNkulunkulu enkonzweni yakhe, umphostoli uPawulu wabhala: “UNkulunkulu waqhubeka ekhulisa.” Wavuma futhi ukuthi: “Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu.” (1 Kor. 3:5-9) Leli ilungelo elimangalisayo. Singabonisa kanjani obala ukuthi siyakwazisa ukuba izisebenzi ezikanye noNkulunkulu? Ngokumemezela izindaba ezinhle kubo bonke esihlangana nabo emsebenzini wendlu ngendlu nakuzo zonke ezinye izindawo.
2 Siyalwe ukuba ‘senze abantu babe abafundi.’ (Math. 28:19) Uma sithola abantu abambalwa nje lapho sisenkonzweni, singase sisheshe sikhathale bese siba nomuzwa wokuthi sifeze okuncane. Ngakolunye uhlangothi, siyijabulela kakhulu inkonzo yethu uma sithola abantu abaningi futhi sixoxe nabo. Lokhu kungase kube inselele, ngoba kudinga ukuba sithathe isinyathelo kuqala sokuya nomaphi lapho kunabantu khona ukuze sikwazi ukuxoxa nabo.
3 Izibonelo Eziwusizo: Singafakaza kubantu ezimakethe, emapaki, ezindaweni zokuphumula, eziteshini nasemarenke. Lapho ugibela into yokuhamba yomphakathi, ingabe usuke ukulungele ukunikeza ubufakazi njengoba uqhubeka nohambo? OFakazi ababili ababegibele ibhasi eliminyene beya emhlanganweni wenkonzo baxoxa ngesithombe sePharadesi esisencwadini Ulwazi, bexoxa ngezithembiso zikaNkulunkulu zesikhathi esizayo. Kwenzeka lokho ababenethemba lokuthi kuzokwenzeka, insizwa eyayimi eduze kwabo yalalela futhi kwayihlaba umxhwele eyakuzwa. Ngaphambi kokuba yehle ebhasini, yathatha incwadi futhi yacela ukuba othile ayivakashele emzini wayo.
4 Abamemezeli abaningi baye bathola injabulo ekufakazeni ngokwethukela. Udade othile waya ezitolo zendawo ntambama futhi waxoxa nabantu abase beqedile ukuthenga kodwa ababebonakala bengajahile. Wazihambisa zonke izincwadi ayenazo esikhwameni sakhe. Owesilisa othile owayelinde emotweni yakhe wakujabulela ukuthatha omagazini kulodade. Wayeke waya emihlanganweni, futhi ingxoxo ababa nayo yasivuselela isithakazelo sakhe.
5 Kuyilungelo ukuphakamisa igama likaJehova. Ngokubonisa intshiseko yethu emsebenzini wokushumayela, sibonisa ukuthi asamukelanga umusa kaNkulunkulu ongafanelwe sase silahlekelwa injongo yawo. Masiye nomaphi lapho kunabantu khona futhi sibanikeze ubufakazi ‘ngosuku lukaJehova lwensindiso,’ ngenxa yokuthi “manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile” sokusiza abanye.—2 Kor. 6:1, 2.