Sizofunda Incwadi Ethi Injabulo Yomkhaya
Nizojabula ukwazi ukuthi kusukela ngesonto lika-October 6, 1997, sizofunda incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya eSifundweni Sencwadi Sebandla. Akekho oyofuna ukuphuthelwa isifundo seqembu salesi siqondiso esingokomBhalo esiwusizo sokuphila okujabulisayo komkhaya. Isimiso sesifundo sizokwenza ukuba isigaba ngasinye nemibhalo yeBhayibheli esencwadini kuhlolisiswe kahle.
Sonke isahluko sokuqala siyofundwa ngesonto lokuqala lalesi sifundo, ngoba sinemibhalo embalwa engacashuniwe. Ngenxa yesizathu esifanayo, isahluko 15 siyocatshangelwa ngosuku olulodwa. Nokho, zonke ezinye izahluko ziyohlukaniswa zibe izingxenye ezimbili, kufundwe ingxenye yesahluko isonto ngalinye. Ngaleyo ndlela, kuyoba nesikhathi esanele sokufunda nokuxoxa ngayo yonke imibhalo ekhonjiswe kanye nokuhlolisisa ukusebenza kwayo yonke imibhalo ecashuniwe esesigabeni ngasinye.
Isici esibalulekile salesi sifundo siyoba ukuxoxa ngokwaziswa okusebhokisini lokufundisa elisesiphethweni sesahluko ngasinye. Khona-ke, kufanele isikhathi esiningi sinikezwe ukucatshangelwa kwemibuzo kanye nemibhalo ekhonjiwe esebhokisini.
Abaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla bakhuthazwa ukuba banakekele ngokukhethekile indlela abalungiselela ngayo isifundo futhi babakhuthaze bonke ababelwe eqenjini labo, kuhlanganise nabasanda kuhlanganyela, ukuba balungiselele kahle, babe khona njalo futhi baphendule.—om-ZU 74-6.