Ukufunda Isiprofetho SikaDaniyeli
1 Kusukela ngesonto lika-April 17, sizofunda incwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! eSifundweni Sencwadi Sebandla. Abaningi sebeyifundile kakade le ncwadi ethakazelisayo, kodwa manje sinethuba lokujabulela izinzuzo zokuxoxa ngayo njengeqembu. Bayamenywa bonke abamemezeli, abantu abathakazelayo, kanye nezingane, yebo bayakhuthazwa ukuba babe khona isonto ngalinye kulesi sifundo esijulile sencwadi yeBhayibheli kaDaniyeli.—Dut. 31:12, 13.
2 Isimiso Sokufundwa Kwayo Neziyalezo: Isimiso esiphelele sokufundwa kwencwadi ethi Isiprofetho SikaDaniyeli sikhona kule-Nkonzo Yethu YoMbuso. Qikelela ukuba ugcine ikhophi yaso encwadini yakho. Isimiso sibonisa isahluko nezigaba zencwadi kanye namavesi kaDaniyeli okuyoxoxwa ngawo esifundweni sesonto ngalinye. Imibhalo yaphansi ichaza indlela okunye ukwaziswa okusencwadini okuyocatshangelwa ngayo nokuthi nini. Ekuphetheni kwesifundo sesonto ngalinye, umqhubi ukhuthazwa ukuba abukeze neqembu amavesi athile kuDaniyeli esimisweni salelo sonto. Uma isikhathi sivuma, amavesi angase afundwe bese ekhulunyelwa. Amanye amavesi ayocatshangelwa amasonto angaphezu kwelilodwa ngenxa yokuthi kucatshangelwa indlela asebenza ngayo ngokuqhubekayo.
3 Lungiselela Kahle: Kuye kwenziwa umzamo wokuthi kube nesikhathi esanele isonto ngalinye sokuxoxa ngesineke ngokwaziswa okwabelwe ukufundwa. Kunezifundo ezine ezimfushane. Ngakho ekuphetheni kwesifundo sesonto lango-June 5, umqhubi angase ahlanganise nokubukezwa kukaDaniyeli 2:1-40. Ngesonto lika-June 26, angabukeza uDaniyeli 3:1-30. Isonto lika-September 4 kufanele lihlanganise nokuxoxa ngezithombe nemibhalo esekhasini 139. Kufanele kuxoxwe ngeshadi elisemakhasini 188 no-189 ekuphetheni kwesifundo sango-October 2.
4 Silungiselele kahle isifundo sesonto ngalinye, futhi ukujabulele ukuhlanganyela kuso. Lazise ilungelo lakho lokuhlanganyela nenhlangano kaJehova ebonakalayo futhi uzuze ekuqondeni okunikezwa abagcotshiwe bakhe abathembekile. (Dan. 12:3, 4) Ngomusa khuthaza abanye ukuba babe khona njalo esifundweni sencwadi. Kwangathi sonke singalinaka izwi likaNkulunkulu lesiprofetho njengoba lembulwe encwadini eyesabekayo kaDaniyeli.—Heb. 10:23-25; 2 Pet. 1:19.