IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,20 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Ensimini engabelwe: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R4,00 nethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,00. Ngo-September: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya ngomnikelo ka-R4,00. Ngo-October: Isikhokhelo se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda esifika ngeposi somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngomnikelo ka-R48,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngonyaka singu-R24,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini uma isipho senqatshwa. Kusukela ngasekupheleni kwenyanga, sizobe sihambisa i-Kingdom News No. 35.
◼ Kusukela ngo-September, ababonisi besifunda bazonikeza inkulumo enesihloko esithi “Thembela Emandleni KaJehova Asindisayo.”
◼ Amabandla akhunjuzwa ukuba a-ode amafomu anele onyaka wenkonzo ka-1998. Lamafomu akufanele asaphazwe; kufanele asetshenziselwe injongo enzelwe yona.
◼ INhlangano ithola izincwadi eziningi ezingenalo ikheli emvilophini elishoyo ukuthi zivelaphi. Ukuze nisize i-Post Desk, sicela nibhale ngokucacile emvilophini igama lebandla kanye nenombolo yalo, noma uma kuyincwadi evela kumuntu othile, ibhalwe igama nekheli lakhe.
◼ SICELA NIPHAWULE LOKHU: Izinsuku ezintsha zomhlangano wesigodi olandelayo yilezi:
December 26-28: KaNyamazane