Ukukholeka Kuyavuzwa
1 KumaHeberu 11:6 sitshelwa ukuthi uNkulunkulu “uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” Enye indlela avuza ngayo izinceku zakhe ezizinikele ebezilokhu ‘zikholekile ezintweni ezimbalwa, ingokuzimisa ezintweni eziningi.’ (Math. 25:23) Ngamanye amazwi, ngokuvamile uJehova uvuza umsebenzi omuhle ngokunikeza ofakazi bakhe abakholekile amalungelo engeziwe enkonzo.
2 Ukukholeka komphostoli uPawulu kwavuzwa ngokwabelwa kwakhe inkonzo eyamenza waya emizini nasemizaneni yaseYurophu nase-Asia Minor. (1 Thim. 1:12) Nakuba kwakudinga umzamo omkhulu ukufeza ngokugcwele inkonzo yakhe, uPawulu walazisa kakhulu ilungelo ayelinikeziwe. (Roma 11:13; Kol. 1:25) Wabonisa ukwazisa kwakhe okusuka enhliziyweni ngokufuna ngobuqotho amathuba okushumayela. Ngenkonzo yakhe yentshiseko, wabonisa ngokusobala ukuthi wayephila ngokholo. Isibonelo sakhe sisishukumisela ukuba siwazise amalungelo ethu enkonzo.
3 UJehova Usinikeze Inkonzo: Singawubheka kanjani lomvuzo oyilungelo ngendlela uPawulu ayewubheka ngayo? Sifuna izindlela zokwandisa ingxenye yethu enkonzweni. Siwasebenzisa ngokunenzuzo wonke amathuba okufakaza ngokwethukela nasendlini ngendlu. Siphindela kubo bonke abebengekho emakhaya bese siphindela kubo bonke abanesithakazelo. Futhi siyazigcina izithembiso esizenzayo zokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
4 Ngokuphathelene nenkonzo yethu, uPawulu weluleka: ‘Ube kuyo unomuzwa wokuphuthuma.’ (2 Thim. 4:2) Into ephuthumayo idinga ukunakekelwa ngokushesha. Ingabe inkonzo yethu siyenza ngokuphuthuma, siyinikeza indawo yokuqala ekuphileni kwethu? Ngokwesibonelo, ngeke sifune ukuvumela ukuzilibazisa kanye neminye iminako yomuntu siqu ngezimpelasonto ukuba kuphazamise isikhathi okufanele ngabe sisinikela enkonzweni yasensimini. Njengoba siqiniseka ukuthi isiphelo salesi simiso sisondela ngokushesha, siyaqiniseka nangokuthi ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuwumsebenzi obaluleke kakhulu esingawenza.
5 Ukukholeka kwethu kuNkulunkulu kubonakala ngokuba qotho kuyena futhi siwenze njalo umsebenzi asabele wona. Kwangathi singayifeza ngokugcwele inkonzo yethu ukuze uJehova akuvuze kakhulu ukukholeka kwethu.