Bazali—Qeqeshani Abantwana Benu Ukuba Bashumayele
1 Amabandla ethu abusiswe ngabantwana abaningi abanezinhliziyo eziqotho zokukhonza uNkulunkulu. (UmSh. 12:1) Baphakathi kwalabo abamenywa uJehova ukuba bahlanganyele ekumdumiseni. (IHu. 148:12-14) Ngakho, ukuqeqesha kwansuku zonke abazali abakunikeza abantwana babo kufanele kuhlanganise nokubafundisa ukuthi bangaluhlanganyela kanjani ukholo lwabo nabanye emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.—Dut. 6:6, 7.
2 Abantwana Baqeqeshe Ngendlela Ethuthukayo: Abantwana kufanele baqeqeshwe besebancane kakhulu ukuba baye nabazali babo enkonzweni. Ngaphambi kokuba uye enkonzweni, lungiselela ukuba abantwana bakho bahlanganyele ngendlela ezuzisayo. Hlela kusengaphambili ukuthi ulindele ukuba benzeni endlini ngendlu. Abantwana abancane kakhulu banganikeza abantu amapheshana nezimemo futhi babamemele eHholo LoMbuso. Abantwana abafunda kahle bangase bacelwe ukuba bafunde imibhalo endlini ngendlu. Bangahambisa omagazini, besebenzisa intshumayelo emfushane. Njengoba bethuthuka, baqeqeshe ukuba basebenzise iBhayibheli entshumayelweni yabo. Abamemezeli abaningi abasebancane baye baqala umzila wabo kamagazini futhi njalo benza izimpindelo. Kungcono kakhulu ngengane ukuba isebenze nomuntu omdala kunokuba isebenze nenye ingane. Umuntu omdala angamchazela umninikhaya ukuthi lengane iqeqeshelwa inkonzo.
3 Intombazanyana ethile yacela abadala ukuba bayisize ifanelekele ukuba ummemezeli woMbuso. Nakuba ngaleso sikhathi yayineminyaka emihlanu kuphela futhi ingakwazi ukufunda, yayikwazi ukunikeza isigijimi soMbuso ngokuphumelelayo ezindlini. Yayikubamba ngekhanda ukuthi imibhalo itholakalaphi, bese iyivula, icele umninikhaya ukuba ayifunde, bese inikeza incazelo.
4 Izingane kufanele zifundiswe nangesibonelo sabazali ukubaluleka kokuba nesimiso esihle sokuhlanganyela njalo enkonzweni. Abazali kudingeka babe nesimiso senkonzo samasonto onke esingaguquguquki bese benamathela kuso, ukuze izingane zazi ukuthi iyiphi ingxenye yesonto njalo ebekelwa umsebenzi wokushumayela.
5 Uma izingane ziqeqeshwa zisencane ukuba ziyithande futhi ziyijabulele inkonzo, ziyoshukumiseleka ukuba zilwele ukufinyelela amathuba amakhudlwana enkonzweni esikhathini esizayo, mhlawumbe kuhlanganise nenkonzo yamaphayona. (1 Kor. 15:58) Sonke kufanele sikhuthaze izingane esikanye nazo ukuba zithuthuke njengabadumisi bakaJehova.