Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini
Ukubukezwa izincwadi zivaliwe kokwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-January 6 kuya ku-April 21, 1997. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhalela kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:
1. Eminyakeni eminingi ngaphambi kokumiswa kwe-Watchtower Bible School of Gilead, izindaba ezinhle zaziyiswa kwamanye amasimu oFakazi ababefunde iqiniso bekwamanye amazwe base bebuyela emazweni akubo beyoshumayela. [jv-ZU k. 428 isig. 2]
2. Ukuqhosha kungaba umgoqo osivimbela ukuba sivume amaphutha ethu futhi samukele iseluleko. [rs-ZU k. 375 isig. 2]
3. Ekugcwalisekeni kukaZakariya 9:2-4, iTire labhujiswa ngokuphelele uNebukadinesari. [si-ZU k. 169 isig.4]
4. Akukho gunya emhlabeni elalingathethelela izono kwaze kwaba yilapho uJesu efa futhi elungiselela isihlengo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 4/15 k. 29.]
5. Nakuba uC. T. Russell ayaziwa njengesikhulumi sasobala esinekhono ngokwemvelo, yisithakazelo sakhe esiqotho kubantu esamenza waba umshumayeli ophumelelayo. [jv-ZU k. 404 isig. 2]
6. UNkulunkulu akufanele asolwe “ngezinhlekelele zemvelo” ezabikezelelwa usuku lwethu njengoba nje ababikezeli besimo sezulu kungafanele basolwe ngesimo sezulu abasibikezelayo. [rs-ZU k. 289 izig. 1-3]
7. Phakathi ‘kwezimbuzi’ okukhulunywa ngazo kuMathewu 25:31-46, eziyothola ukunqunywa okumi phakade, kuyoba namalungu akhuthele eBabiloni Elikhulu nabaholi bawo benkolo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 10/15 k. 26 izig. 13-15.]
8. Ngenxa yoshushiso olunonya eYurophu, inani labamemezeli khona lancipha ngokuphawulekayo phakathi neMpi Yezwe II. [jv-ZU k. 454 isig. 2]
9. Ukuthethelela abanye kusicabela indlela yokuba izono zethu zithethelelwe uNkulunkulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w94-ZU 9/15 k. 7.]
10. Zonke izono zabantu abangaphelele zisitshekelwa isihlengo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 12/15 k. 29.]
Phendula lemibuzo elandelayo:
11. Iyiphi indlela ekhangayo eyasetshenziswa eLondon, eNgilandi, ngo-1938 ukuze kumenyezelwe inkulumo yomhlangano ethi “Bhekana Namaqiniso”? [jv--ZU k. 447 isig. 2]
12. Yiziphi izindima ezimbili ezigcwaliswa uJesu Kristu ezazichazwe kuZakariya 6:12, 13? [si-ZU k. 172 isig. 25]
13. Ilungiselelo lokuba amabandla ahlanganyele ekunikeleni eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso liyisibonelo sokusetshenziswa kwasiphi isimiso? [jv-ZU k. 344 izig. 3-4] 14. Abantu bazuza ngaziphi izindlela emhlatshelweni kaJesu njengamanje? [kl-ZU kk. 68-9 izig. 17-19]
15. Kungani kungafanele sinqikaze ukuchazela abaninikhaya ukuthi umsebenzi wethu usekelwa ngeminikelo yokuzithandela? [jv-ZU k. 349 isig. 3]
16. “U-Eliya umprofethi” wavela ngamuphi umqondo ngekhulu lokuqala, ekugcwalisekeni kukaMalaki 4:5? [si-ZU k. 174 isig. 15]
17. Isono sasakazekela kanjani kubo bonke abantu? [kl-ZU k. 58 isig. 13]
18. Encwadini kaMathewu sisitholaphi iseluleko esinengqondo esanikezwa uJesu ngokuxazulula ukungezwani okungathi sína? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 7/15 k. 22.]
19. Uyini “udenariyu” okukhulunywa ngawo emfanekisweni kaJesu okuMathewu 20:1-16? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-gt-ZU 97 isig. 6.]
20. Yisho izinto ezimbili eziye zafakazelwa ukuvumela kukaNkulunkulu ububi. [kl-ZU kk. 77-8 izig. 18-20]
Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
21. AmaVangeli amathathu okuqala avame ukubizwa ngokuthi synoptic, okusho ukuthi “․․․․․․․․․” [si-ZU k. 175 isig. 3]
22. Uma umuntu othi unomoya kaNkulunkulu engazivezi ․․․․․․․․ zomoya ekuphileni kwakhe futhi engazigcini ehlukile ․․․․․․․․ nasemikhubeni yalo, lokho akushoyo akunasisekelo. [rs-ZU k. 168 isig.6–k. 169 isig. 3]
23. Nakuba uJesu engazange ethiwe igama elithi ․․․․․․․․, indima yakhe njengomuntu yayigcwalisa ․․․․․․․․ yalelo gama. (Isaya 7:14; Math. 1:22, 23) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 1/15 k. 22.]
24. Ngenxa yokucabangela ․․․․․․․․ abamkhonza ngokwethembeka, uNkulunkulu ubheka ․․․․․․․․ babo abasebancane njengaba․․․․․․․․. (1 Kor. 7:14) [rs-ZU k. 288 isig. 4]
25. “Umoya” ophuma kubantu lapho befa ․․․․․․․․ avela uNkulunkulu. (IHu. 146:4) [kl-ZU kk. 81-82 izig. 5-6]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Kunobufakazi bokuthi uMathewu wabhala iVangeli lakhe (ngesiHeberu; ngesi-Aramu; ngesiGreki) kwathi kamuva walihumushela (esiHeberwini; kuyisi-Aramu; esiGrekini). [si-ZU k. 176 isig. 6]
27. UmShumayeli 9:11 usisiza ukuba siqonde ukuthi ezikhathini eziningi abantu balimala noma bahlupheke ngenxa (kaDeveli; yabantu ababi; yethuba, ukuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele). [rs-ZU k. 285 isig. 1]
28. Abantu abaningi baseNtshonalanga Afrika baqala ukujwayelana neqiniso ngezinkulumo zeBhayibheli ezivuth’ uphondo (zika-Edwin Skinner; W. R. Brown; Juan Muniz). [jv-ZU k. 433 izig. 1-4]
29. Umvuzo uJesu awuthembisa labo abamukela abafundi bakhe njengabaprofethi, njengoba kulotshwe kuMathewu 10:41, (ukuphila okumi phakade; isivikelo saphezulu; ukuzwa isigijimi soMbuso). [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 1/1 k. 24.]
30. UJesu waba uMesiya ngesikhathi (ezalwa; ebhapathizwa; evuswa), okwenzeka ngonyaka (ka-2 B.C.E.; 29 C.E.; 33 C.E.). [kl-ZU k. 65 isig. 12]
Qondanisa imiBhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Zak. 4:6; Math. 4:8-10; Math. 16:19; Jak. 1:13; 1 Joh. 5:19
31. Izinkathazo eziningi ezihlupha isintu azibangelwa uNkulunkulu. [kl-ZU k. 71 isig. 3]
32. Abalandeli bakaJesu beqiniso bayenqaba ukuhileleka ezindabeni zezombangazwe zalelizwe. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 5/1 k. 12 isig. 9.]
33. Ulwazi mayelana noMbuso kaNkulunkulu lwaluyovulela amaJuda, amaSamariya nabeZizwe indlela eya ezulwini. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w91-ZU 3/15 k. 5.]
34. Ukuphikiswa emhlabeni wonke komsebenzi wethu wokushumayela kuye kwanqotshwa ngesiqondiso nesivikelo sikaJehova, hhayi ngomzamo wabantu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w94-ZU 8/15 k. 17 isig. 4.]
35. AmaKristu anesizathu esihle sokuzehlukanisa nezwe. [kl-ZU k. 60 isig. 18]