Ukuqondisa Abafundi ENhlanganweni Emelelwa Yigama Lethu
1 “Lesi isigijimi esidluliselwa ngezilimi ezingaphezu kuka-200. Isigijimi esizwiwa emazweni angaphezu kuka-210. Isigijimi esiyiswa umuntu qobo lwakhe noma kuphi lapho abantu betholakala khona. Siyingxenye yomkhankaso omkhulu kakhulu wokushumayela owake wenziwa emhlabeni, isigijimi esihlanganisa izigidi emhlabeni wonke. Sekuphele iminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi BakaJehova behlelelwe ukufeza lomsebenzi!”
2 Ukulandisa kwe-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name kuqala ngalawo mazwi. Kuyaqhubeka kuphendula imibuzo enjengokuthi: Bangobani ngempela oFakazi BakaJehova? Umsebenzi wabo uhlelwa kanjani? Uqondiswa kanjani? Usekelwa kanjani ngokwezimali? Kulabo abayibukayo igcizelela iphuzu lokuthi “oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baye baqeqeshwa njengenhlangano ukuba basize omakhelwane babo ukuba bakhe ukholo eBhayibhelini,” futhi kuyabakhuthaza ukuzibonela ngokwabo inhlangano emelelwa yigama lethu. Ngemva kokubona le-video, owesifazane othile owayefundelwa wachiphiza izinyembezi zenjabulo nokwazisa wabe esithi: “Kungenzeka kanjani ukuba umuntu angaboni ukuthi lena yinhlangano kaNkulunkulu weqiniso, uJehova?”—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 14:24, 25.
3 Owesifazane othile wayesenesikhathi eside efunda iBhayibheli abuye ayeke, engenakukwamukela ukuthi uZiqu-zintathu uyimfundiso yamanga. Yena nomyeni wakhe babe sebebukiswa le-video yethu. Yabahlaba umxhwele kangangokuba bayibuka kabili ngobusuku obubodwa. Esifundweni sabo esilandelayo, inkosikazi yaveza isifiso sayo sokuba uFakazi. Yathi yayilokhu igxile enkolelweni yayo kaZiqu-zintathu futhi ihluleka ukubheka inhlangano yethu nabantu abakuyo. Kule-video yaqaphela ukuthi yayithole inhlangano kaNkulunkulu yeqiniso. Yayifuna ukuqala ukushumayela endlini ngendlu ngaso leso sikhathi. Ngemva kokuba ichazelwe ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele zithathwe ukuze umuntu abe ummemezeli ongabhapathiziwe, yathi: “Masingabe sisalibala.” Yasula esontweni layo, yaqala emsebenzini wensimu, futhi yaba uchwepheshe ekuchitheni inkolelo kaZiqu-zintathu.
4 Kunobufakazi obuqand’ikhanda bokuthi abafundi beBhayibheli bathuthuka kangcono ngokomoya futhi bakhulele ekuvuthweni ngokushesha ngokwengeziwe uma beyiqaphela inhlangano kaJehova futhi bazihlanganise nayo. Kungokuphawulekayo ukuthi ngemva kokuba abangu-3000 bebhapathiziwe ngePhentekoste, ‘baqhubeka bezinikela ekufundiseni kwabaphostoli nasekuhlanganeni ndawonye.’ (IzE. 2:42, umbhalo waphansi we-NW) Kubalulekile ukuba sisize abantu esifunda nabo ukuba benze okufanayo namuhla. Singakwenza kanjani?
5 Thwala Umthwalo Wemfanelo: Wonke umuntu owenza umfundi kufanele aqaphele ukuthi kuwumthwalo wakhe wemfanelo ukuqondisa abantu afunda nabo iBhayibheli enhlanganweni kaNkulunkulu. (1 Thim. 4:16) Isikhathi ngasinye sesifundo kufanele sibhekwe njengesinyathelo sokuthuthukela osukwini olujabulisayo lapho osanda kuhlanganyela eyobonisa khona ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Omunye wemibuzo ayoyibuzwa ngesikhathi sobhapathizo uwukuthi: “Uyaqonda yini ukuthi ukuzinikezela kwakho nobhapathizo kukubonakalisa njengomunye woFakazi BakaJehova abahlanganyela nenhlangano kaNkulunkulu eqondiswa ngomoya?” Ngakho, kubalulekile ukuba aqaphele ukuthi akanakukwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphandle kokuba ahlanganyele ngenkuthalo nebandla lobuKristu leqiniso.—Math. 24:45-47; Joh. 6:68; 2 Kor. 5:20.
6 Qhubeka ufundisa umuntu ofunda naye ngebandla lendawo nenhlangano yomhlaba wonke emelelwa oFakazi BakaJehova. Kwenze lokhu esifundweni ngasinye seBhayibheli, kusukela kwesokuqala ngqá. Zisuka nje amadaka, mmemele emihlanganweni, futhi uqhubeke ummema.—IsAm. 22:17.
7 Sebenzisa Amathuluzi Alungiselelwe: Izincwadi zethu ezingcono kakhulu ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli zasekhaya incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? nencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Zombili ziqokomisa isidingo sokuhlanganyela nebandla. Isiphetho sesifundo 5 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? sithi: “Kudingeka uqhubeke ufunda ngoJehova futhi ulalela izimfuneko zakhe. Ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova langakini kuyokusiza ukuba ukwenze.” Incwadi Ulwazi imkhuthaza ngokuphindaphindiwe umfundi ukuba abe khona emihlanganweni. Isahluko 5, isigaba 22, sidlulisela lesi simemo: “OFakazi BakaJehova . . . bakunxusa ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo ekukhulekeleni uNkulunkulu ‘ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:24)” Isahluko 12, isigaba 16, sithi: “Njengoba uqhubeka nalesi sifundo futhi ukwenza umkhuba ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, ukholo lwakho luyoqina nangaphezulu.” Isahluko 16, isigaba 20, sithi: “Kwenze umkhuba ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova.” Sinezele ngokuthi: “Lokhu kuyokusiza ukuba uqonde bese usebenzisa ulwazi ngoNkulunkulu ekuphileni kwakho futhi kuyokulethela injabulo. Ukuba ingxenye yobuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke kuyokusiza ukuba uhlale useduze noJehova.” Isahluko 17 sikhuluma ngokuningiliziwe ngendlela umuntu athola ngayo ukulondeka kweqiniso phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Njengoba sifunda nabanye, kuwumthwalo wethu wemfanelo ukuzigcizelela lezi zingxenye zalencwadi.
8 Incwajana engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni Wonke iyithuluzi elihle eliye lenzelwa ukuba lijwayelanise abantu newukuphela kwenhlangano ebonakalayo uJehova ayisebenzisayo namuhla ukuze afeze intando yakhe. Ukwaziswa okuningilizayo ekuqukethe okuphathelene nenkonzo yethu, imihlangano kanye nenhlangano kuyomkhuthaza umfundi ukuba ahlanganyele nathi ekukhulekeleni uNkulunkulu. Lapho isifundo seBhayibheli sesiqhubeka, kutuswa ukuba sinikeze umfundi ikhophi yalencwajana ukuze azifundele yona. Asikho isidingo sokuyifunda naye njengoba kwakwenziwa esikhathini esidlule.
9 Amanye ama-video iNhlangano eye yawenza angamathuluzi amahle okuqondisa abantu esifunda nabo enhlanganweni emelelwa yigama lethu. Bekungaba kuhle uma bebengabuka (1) ethi The New World Society in Action, ewukubukezwa kwefilimu yango-1954 eyayiqokomisa indlela eshelelayo, ephumelelayo neyothando inhlangano kaJehova esebenza ngayo; (2) ethi United by Divine Teaching, ebonisa ubunye obunokuthula obuye babonakala emihlanganweni yethu yezizwe eMpumalanga Yurophu, eNingizimu Melika, e-Afrika nase-Asia; (3) ethi To the Ends of the Earth, eyayiphawula ukuphela kweminyaka engu-50 i-Watchtower Bible School of Gilead ikhona futhi ebonisa impumelelo izithunywa zevangeli eziye zaba nayo emsebenzini wokushumayela; (4) ethi Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault, elandisa ngendaba evusa amadlingozi yesibindi soFakazi nokunqoba kwabo lapho bebhekene nokushushiswa kwabo ngonya uHitler; (5) bese bebuka nalena ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name.
10 Beka Imigomo Yokumthuthukisa Ngokuphathelene Nemihlangano: Abantu esifunda nabo kufanele sibachazele ukuthi sikudinga kokubili ukufundiswa ngasese okwenziwa esifundweni seBhayibheli sasekhaya kanye nezingxoxo zasekilasini ezenziwa emihlanganweni yebandla. (Joh. 6:45) Umuntu osanda kuhlanganyela kufanele athuthuke ngokulinganayo ekuqondeni kwakhe kokubili imiBhalo nenhlangano. Ukuze afinyelele lokho, kumelwe nakanjani abe khona emihlanganweni. (Heb. 10:23-25) Mmeme zisuka nje ukuba eze emihlanganweni yebandla. Abanye abasanda kuthakazela baqala ukuba khona emihlanganweni ngisho nangaphambi kokuba kube nesifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke. Yiqiniso, thina ngokwethu sifuna ukubeka isibonelo esihle sokuba khona njalo emihlanganweni.—Luka 6:40; Fil. 3:17.
11 Mtshele ukwaziswa okwanele ngemihlangano nangendlela eqhutshwa ngayo ukuze umfundi azizwe ekhululekile lapho eza emhlanganweni okokuqala. Njengoba abanye abantu bengakhululeki lapho beqala ukuya ezindaweni abangakaze baye kuzo, kungasiza ukuya naye eHholo LoMbuso lapho eqala ngqá ukuya emhlanganweni. Uyozizwa ekhululeke kakhudlwana uma unaye njengoba ehlangana namalungu ebandla. Ngaphezu kwakho konke, siphathe kahle isivakashi sakho, usenze sizizwe samukelekile futhi sithokomele.—Math. 7:12; Fil. 2:1-4.
12 Ngethuba nje lokuqala, mkhuthaze umfundi ukuba abe khona emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa, emhlanganweni wesifunda noma wesigodi. Mhlawube ungamhlanganisa emalungiselelweni akho ezinto zokuhamba.
13 Gxilisa Ukwazisa Okusuka Enhliziyweni: Incwadi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, ikhasi 92, iyachaza: “Uma ukwazisa kwakho okujulile ngenhlangano kaJehova kubonakala ezingxoxweni zakho nabantu abathakazelayo, kuyoba lula ngabo ukuba bakhulise ukwazisa kwabo futhi kubashukumisele ukuba benze ukuthuthuka okwengeziwe ekwazini uJehova.” Khuluma kahle njalo ngebandla lakini, ungalokothi ukhulume kabi ngalo. (IHu. 84:10; 133:1, 3b) Emithandazweni yakho esifundweni seBhayibheli, phawula ngebandla nangesidingo sokuba umfundi ahlanganyele nalo njalo.—Efe. 1:15-17.
14 Ngokuqinisekile sifuna abasanda kuhlanganyela babe nokwazisa okusuka enhliziyweni ngobungane obujabulisayo nangokulondeka okungokomoya okutholakala kubantu bakaNkulunkulu. (1 Thim. 3:15; 1 Pet. 2:17; 5:9) NjengoFakazi BakaJehova, masenze konke esingakwenza ukuba siqondise abantu esifunda nabo iZwi likaNkulunkulu enhlanganweni emelelwa yigama lethu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Abafundi bathuthuka ngokushesha kakhulu ngokomoya uma bezibonela ngokwabo inhlangano
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Ungazindeli ukumema abafundi ukuba beze emihlanganweni