IMihlangano Yenkonzo Ka-January
Isonto Eliqala Ngo-January 6
INgoma 6
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Khulumela umbiko webandla wenkonzo yasensimini wango-October.
20 imiz: Ukufakaza Ngokuziphatha Okuhle. Umdala uxoxa nabasha ababili noma abathathu. Ingxoxo isekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1987, amakhasi 10-20. Hlanganisa okuhlangenwe nakho okusezincwadini kanye nanoma ikuphi okuhlangenwe nakho kwasebandleni okubonisa indlela abantu abahlabeka ngayo umxhwele ngokuziphatha okuqotho kwentsha engamaKristu.
15 imiz: “Ukufanelekela Nokuhlomela Ukufundisa Abanye.” (Izigaba 1-6) Nikeza ukukhulumela okufushane ngezigaba 1-2, ugcizelele isidingo sokuba siqiniseke ukuthi ngosizo lukaJehova singakwazi ukufundisa abanye ngokuphumelelayo. Makube nemiboniso emibili ebonisa izintshumayelo ezisezigabeni 3-6, ngamunye ube nabamemezeli ababili abehlukene, umboniso ngamunye ubonise indlela yokwenza ukuhambela kokuqala nempindelo.
INgoma 14 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 13
INgoma 16
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Gcizelela amaphuzu athile okukhulunyelwa akomagazini bamuva. Nikeza ukusikisela kokuthi singazethula kanjani lapho siya kubantu ukuze sinikeze ubufakazi ngokwethukela. Cela izilaleli ukuba zilandise ukuthi yimaphi amazwi esethulo eziye zawasebenzisa lapho zixoxa nabanye ezitolo, emgwaqweni, epaki nasentweni yokuhamba yomphakathi, njalonjalo.
20 imiz: Isikhathi Sokuvuselela I-Advance Medical Directive/Release Card. Umdala onekhono uxoxa ngokubaluleka kokugcwalisa leli khadi ngokugcwele nokuliphatha ngazo zonke izikhathi. Leli khadi liyakukhulumela lapho ungakwazi ukuzikhulumela ezimweni eziphuthumayo. (Qhathanisa nezAga 22:3.) Kufanele kugcwaliswe ikhadi elisha minyaka yonke ukuze kunikezwe isaziso samuva sokwenqaba igazi, njengoba odokotela abathile nabanye abantu bethi izincwadi ezingaphezu konyaka ubudala zingase zingabonisi inkolelo yomuntu yangaleso sikhathi. Ngemva komhlangano, bonke abamemezeli ababhapathiziwe bazonikezwa ikhadi i-Advance Medical Directive/Release, kanti labo abanezingane ezincane ezingabhapathiziwe bazonikezwa i-Identity Card yengane ngayinye. Chaza ukuthi lamakhadi akufanele agcwaliswe ngalolo suku. Kufanele agcwaliswe ngokucophelela ekhaya kodwa ANGASAYINWA. Ukusayina, ukusayina kofakazi nokubhala usuku kuwo wonke amakhadi kuyokwenziwa eSifundweni Sencwadi Sebandla esilandelayo, ngaphansi kokuqondisa komqhubi wesifundo sencwadi. Uyoqikelela ukuthi bonke ababelwe eqenjini lakhe banawo amakhadi futhi bayaluthola usizo abaludingayo. Labo abasayina njengofakazi kufanele bambone umnikazi wekhadi elisayina. Noma obani abangekho ngaleso sikhathi bayosizwa abaqhubi bamaqembu noma abadala eMhlanganweni Wenkonzo olandelayo kuze kube yilapho bonke abamemezeli ababhapathiziwe sebewagcwalise kahle amakhadi abo futhi asayinwa. (Bukeza incwadi eyayibhalwe ngo-October 15, 1992.) Ngokusebenzisa amazwi abhalwe kuleli khadi bewenza avumelane nezimo kanye nezinkolelo zabo, abamemezeli abangabhapathiziwe bangase babhale esabo isiqondiso abangazisebenzisela sona bona nabantwana babo. Ukubonisa ukuqonda ekunakekeleni lemininingwane ebalulekile kuyokwenza uJehova asenzele okuhle.—IzAga 16:20.
15 imiz: “Ukufanelekela Nokuhlomela Ukufundisa Abanye.” (Izigaba 7-9) Landisa okuhlangenwe nakho kokwenza izimpindelo okutholakala e-Ncwadini Yonyaka Ka-1995, ikhasi 45, ugcizelele ukubaluleka kokulandelela noma isiphi isithakazelo esitholakalayo. Ummemezeli onekhono makenze umboniso wezintshumayelo ezisezigabeni 7-8. Nakuba kuyaye kuhanjiswe ezinye izincwadi ekuqaleni, kufanele imizamo yethu igxiliswe ekubeni ngokuhamba kwesikhathi siqhube izifundo ngencwadi ethi Ulwazi. Bakhuthaze bonke ukuba bahlele isikhathi esithile sokwenza izimpindelo phakathi nesonto elizayo.
INgoma 15 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 20
INgoma 21
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.
20 imiz: Lungiselela Izingane Zakho Unyaka Omusha Wesikole. Inkulumo enikezwa umdala esekelwe encwajaneni ethi Imfundo, amakhasi 27-30. Siza abazali baqaphele isidingo sokulungiselela izingane zabo izinselele ezizohlangabezana nazo esikoleni. Izinkinga okungakhulunywa ngazo encwajaneni ethi Imfundo, njengemisebenzi yangemva kwesikole, amaholide nemikhosi ethile, nemfundo yezenkolo, kungase kucwaningwe ngazo encwajaneni ethi Isikole nakwezinye izincwadi zeNhlangano. Abazali nezingane kufanele banamathele ezimisweni okukhulunywa ngazo lapho. Bonisa indlela okubaluleke ngayo ukuba abazali bajwayelane nothisha bezingane zabo bangaxoxi nje nabo lapho sekuphakeme izinkinga. Kufanele futhi baqikelele ukuthi bayabanikeza othisha lencwajana ethi Imfundo. Kubikwa ukuthi abanye abazali abasiboni isidingo sokucela ukuba izingane zikhululwe ezifundweni zezenkolo, ngisho noma umthetho ulenzile leli lungiselelo. Ngokuphathelene nalokhu, kubalulekile ukuvakashela uthishanhloko uphethe isicelo esibhaliwe sokukhululwa. Makube nomboniso omfushane olungiselelwe kahle womzali exoxa nothisha ngezindaba eziphathelene nengane yakhe futhi aphethe ngokumshiyela incwajana ethi Imfundo.
15 imiz: “Zonke Izinhlobo Zabantu Ziyosindiswa.” Imibuzo nezimpendulo. Cela izilaleli ukuba zilandise kafushane okuhlangenwe nakho okuthile okubonisa indlela ezathola ngayo ukusabela okuhle kubantu bezizinda ezihlukahlukene zokuphila.
INgoma 23 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 27
INgoma 20
5 imiz: Izaziso zebandla. Bakhuthaze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ngokushesha ekupheleni kwenyanga.
10 imiz: Umbonisi owengamele noma umbonisi wensimu ubukeza iBhokisi Lemibuzo. Gcizelela iphuzu lokuthi kuwumthwalo wemfanelo wommemezeli ngamunye ukufaka umbiko wakhe ngokushesha ekupheleni kwenyanga ngayinye.
15 imiz: “Sishumayela Izwi.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokukhulumela okubonisa ukuthi kungani sikwazisa ngokujulile ukuba yinzuzo kweZwi likaNkulunkulu.—Bheka i-Phaphama! ka-September 8, 1984, amakhasi 8-11 [g84 3/22 kk. 9-11].
15 imiz: Bukeza Isipho Sencwadi Sango-February. Yisho izici ezithakazelisayo zencwadi, ezinjengokuthi: (1) Izihloko ezikhangayo zezahluko, (2) izithombe ezinemibala emihle, (3) amabhokisi namashadi okufundisa, kanye (4) nemibuzo eshukumisa ingqondo esencwadini. Ngokuvumelana nengxenye eyandulelayo, khuthaza ukuba entshumayelweni kusetshenziswe imibhalo ekhethwe kahle. Makube nomboniso omfushane owodwa noma emibili. Bakhumbuze bonke ukuba bazitholele izincwadi abazozisebenzisa kuleli sonto.
INgoma 26 nomthandazo wokuphetha.