Sishumayela Izwi’
1 Ngokuvumelana nencazelo yeBhayibheli ‘yezinsuku zokugcina,’ abantu abaningi namuhla ‘banesimo nje sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ (2 Thim. 3:1, 5) Lokhu kungenxa yokuthi abaholi benkolo baye behluleka ukunikeza isiqondiso esingokomoya esiqotho emihlanjini yabo. Abefundisi beLobukholwa abalimeleli iBhayibheli. Bakhetha ukusekela izimfundiso eziyize zezazi zefilosofi nezenkolo noma ukuxoxa ngezindaba zezenhlalo nezombangazwe kunokushumayela iZwi likaNkulunkulu. Abaholi abaningi benkolo abalikholelwa iBhayibheli. Banomuzwa wokuthi liphelelwe isikhathi, ngakho bathuthukisa ngokungeyikho imfundiso yokuziphendukela kwemvelo esikhundleni semfundiso yeBhayibheli yoMdali Omkhulu Kakhulu. Abefundisi abaningi abalisebenzisi nokulisebenzisa igama likaNkulunkulu, futhi akuthi dikí njengoba likhishwa ezinguqulweni zamuva zeBhayibheli.
2 Njengoba kwakunjalo ngabaholi benkolo bosuku lukaJesu, ukushumayela kwabefundisi banamuhla kuyize. (Math. 15:8, 9) Kunjengoba nje umprofethi u-Amose abikezela. ‘Kunendlala, okungeyona indlala yesinkwa, okungeyona eyokomela amanzi, kepha eyokuzwa amazwi kaJehova.’ (Amose 8:11) Abantu badinga ukudla okungokomoya okuseZwini likaNkulunkulu kakhulu kunanoma yini enye.
3 Indlela Yokwanelisa Isidingo Esingokomoya Sabantu: UPawulu wayala uThimothewu ukuba anamathele ‘emibhalweni engcwele, ekwazi ukumhlakaniphisela insindiso,’ wabe esemnikeza umyalo ongathi sína ‘wokushumayela izwi’ kwabanye. (2 Thim. 3:14, 15; 4:2) NjengoFakazi BakaJehova, lapho sishumayela kufanele sinamathele kulokho iBhayibheli elikufundisayo, ngaleyo ndlela silingise iSibonelo sethu, uJesu, owathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Joh. 7:16) Sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu njengesisekelo sokufundisa kwethu ngoba siyaqaphela ukuthi linokuhlakanipha kwaphezulu, futhi sifuna abantu bawazi umthombo wokwaziswa esikuhlanganyela nabo.—1 Kor. 2:4-7.
4 Abantu kufanele baqale bezwe iqiniso eBhayibhelini ukuze bafunde ngoJehova futhi babe nokholo kuye. UPawulu wabhala lamazwi anengqondo: “Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?” (Roma 10:14) Ngokushumayela iZwi likaNkulunkulu, sisiza abanye ukuba babe nokholo ngokuba nolwazi olunembile. Ulwazi olunjalo lungakushintsha ukuphila kwabanye kube ngcono futhi yilokho olukwenzayo. Umlobi oyiNgisi uCharles Dickens wabhala lokhu ngokuqondene neBhayibheli: “Liyincwadi ephambili kwezake zaba khona noma eziyoke zibe khona ezweni, ngoba likufundisa izifundo ezinhle kakhulu noma isiphi isidalwa esingumuntu esizama ukuba neqiniso nokwethembeka esingaqondiswa yizo.”
5 Labo abalambele iqiniso elingokomoya baqala ukuqaphela ukuthi lisekelwa igunya leZwi likaNkulunkulu. Emuva ngo-1913, uFrederick W. Franz, esewumfundi wasekolishi osemusha, wanikezwa incwajana enesihloko esithi Where Are the Dead? Ngemva kokufunda ngesikhulu isithakazelo impendulo yeBhayibheli kulombuzo, wathi: “Iqiniso leli.” Izigidi zabantu abafuna iqiniso ziye zazizwa ngendlela efanayo. Masiqhubeke sishumayela iZwi ngenkuthalo nangentshiseko ngaleyo ndlela sihlanganyele enjabulweni yokuzwa abanye bethi: “Iqiniso leli.”