Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/96 k. 2
  • Sebenzani Insimu Yenu Ngokungashwampuluzi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sebenzani Insimu Yenu Ngokungashwampuluzi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokushumayela Ensimini Yamabhizinisi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokufakaza Ngesibindi Ensimini Yamabhizinisi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Ingabe Unensimu Yakho Siqu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukufakaza Ensimini Yamabhizinisi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 10/96 k. 2

Sebenzani Insimu Yenu Ngokungashwampuluzi

1 Ezindaweni ezihlala abantu ngezikhathi ezithile sithola indawo encane yamabhizinisi, njengesitolo sokudla, indawo yokudlela, noma isitolo esidayisa yonke into. Ukuze lamabhizinisi ahlanganiswe nayo yonke lensimu, kufanele niwahambele ngendlela efanayo neyokuhambela imizi yabantu.

2 Ungasebenzisa intshumayelo elula, emfushane, mhlawumbe uthi: “Nginokuthile engithanda ukukubonisa khona.” Uma umnikazi wesitolo ebonakala ematasa ngaleso sikhathi, ungase nje uhambise ipheshana bese uthi: “Ngiyodlula futhi uma ungematasa. Ngingathanda ukwazi ukuthi ucabangani ngalo.”

3 Asikho isidingo sokuzizwa umadolo nzima ngokwenza lomsebenzi. Omunye ummemezeli wabika: “Ngangilindele ukuba bangasabeli kahle. Kodwa ngamangala, basabela ngendlela ehlukile esigijimini soMbuso. Babemnene ngempela futhi benobungane futhi cishe bonke babamukela omagazini.”

4 Owesifazane othile osebenza enkampanini edayisa izindlu nemihlaba wabangenisa ehhovisi lakhe oFakazi. Wabamukela omagazini wabe esebonisa isithakazelo ekubeni nesifundo seBhayibheli. Waboniswa incwadi ethi Ulwazi, futhi isifundo saqalwa khona lapho, khona kanye ehhovisi!

5 Isabelo sokusebenza insimu yenu ngokungashwampuluzi sihlanganisa nokuhambela abantu abaqhuba amabhizinisi kuleyo ndawo. (IzE. 10:42) Hlelani ukuhambela lezi zindawo ngendlela nje efana neyokuhambela imizi yabantu. Lokhu ngeke nje kunenze ukuba niyihlanganise kangcono insimu yenu kodwa ningase nivuzwe ngokuhlangenwe nakho okujabulisayo!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela