“Umhlangano Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” Ka-1996
1 Isimiso somhlangano wesigodi kulonyaka ngokuqinisekile sizosisiza ukuba silondoloze ukuthula kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu, futhi sizochaza indima yethu ekusizeni abanye ukuba bakuthole lokhu kuthula. Njengoba kwamenyezelwa kuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 1996, isihloko sithi ‘Izithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu.’ Ingabe usuwenzile amalungiselelo ukuze ungaphuthelwa inoma iyiphi ingxenye yesimiso?
2 Isimiso Sezinsuku Ezintathu: Siyazi ukuthi uzowujabulela ngempela umhlangano walonyaka futhi uyophindela ekhaya unentshiseko evuselelwe. (2 IziKr. 7:10) Kulonyaka sizophinda sibe nesimiso sezinsuku ezintathu. Ingabe usuwenzile amalungiselelo okungayi emsebenzini ukuze ube khona zonke izinsuku?
3 Kulesi senezelo kunezinsuku eziqinisekisiwe nezindawo zemihlangano engu-45 ezoba sensimini yegatsha laseNingizimu Afrika. Cishe manje unobhala webandla lenu usenazisile ngalowo enabelwe kuwo. Ngaphezu kweyesiNgisi, kuzokuba nemihlangano ngesiBhunu, isiKwanyama, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, nesiZulu. ULimi Lwabakhuluma Ngezandla luyoba sezindaweni ezimbili.
4 Isimiso siyoqala ngo-9:30 ekuseni ngazo zonke izinsuku ezintathu futhi ngeSonto siphethe cishe ngo-4:00 ntambama. Ingabe siyowubonisa umusa kubafowethu asebegugile nababuthakathaka ngokubashiyela izihlalo ezindaweni okulula ngabo ukuhlala kuzo nezithokomele? Khumbula ukuthi “uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”—1 Kor. 13:4, 5; Fil. 2:4.
5 Ingabe Uyololeka? Ngemva kokucaphuna izAga 27:17, ezithi, “Insimbi ilola insimbi,” INqabayokulinda ka-August 15, 1993, yathi: “Sifana namathuluzi adinga ukulolwa njalo. Njengoba ukubonisa uthando ngoJehova nokwenza izinqumo ezisekelwe okholweni lwethu kusho ukuba abahlukile ezweni, kumelwe ngaso sonke isikhathi sithathe inkambo ehlukile kweyeningi.” Singasisebenzisa kanjani leso seluleko?
6 Sihlukile ezweni futhi kufanele sihlale sinjalo. Kufanele siqhubeke senza umzamo wokukufeza lokhu ukuze sishisekele imisebenzi emihle. (Thithu 2:14) Yingakho lesi sihloko se-Nqabayokulinda ecashunwe ngenhla saqhubeka sathi: “Lapho sinabanye abathanda uJehova, siyalolana—sishukumiselana othandweni nasemisebenzini emihle.” Umhlangano wesigodi ungelinye lamalungiselelo avela kuJehova okusisiza ukuba sihlale sikhaliphile ngokomoya. Ngeke sivume ukulahlekelwa yinoma iyiphi ingxenye yalesi simiso.
7 Umuntu Ohlakaniphile Uyolalela: Ukulalela kuyikhono okufanele lihlakulelwe. Kuthiwa umuntu ovamile ukhumbula cishe ingxenye yalokho akuzwile—kungakhathaliseki ukuthi ucabanga ukuthi ulalela ngokucophelela kangakanani. Njengoba siphila esikhathini seziphazamiso, ngezinye izikhathi singase sibe nobunzima bokugxilisa ingqondo isikhathi eside. Ingabe singazama ukukhulisa amandla ethu engqondo okulalela ikakhulukazi lapho sihleli nezilaleli eziningi silalele othile okhulumayo? Uma ubungacelwa ukuba ufingqe ngamazwi akho isimiso sosuku ngalunye lapho ubuya emhlanganweni, ubungase ukwazi yini ukukwenza? Singalithuthukisa kanjani sonke ikhono lethu lokulalela nokulalelisisa ingxenye ngayinye enikezwayo esimisweni somhlangano?
8 Ukuba nesithakazelo esijulile kubalulekile, ngoba isipho saphezulu senkumbulo asinakusebenza kahle uma singekho leso sithakazelo. Ngokwesibonelo, lapho umuntu enesithakazelo esikhulu endabeni ethile, kuba lula ngokwengeziwe ukukhumbula amaphuzu ayinhloko enkulumo noma engxenye yesimiso. Nokho, okuningi kuxhomeke ekuqaphelisiseni izinto esinelungelo lokuzizwa emihlanganweni yesigodi. Ukuba kwethu nesithakazelo esijulile nokulalelisisa ingxenye ngayinye yesimiso somhlangano kuhlobene nesimiso sethu esingokomoya samanje namathemba ethu esikhathi esizayo. Emihlanganweni sifundiswa izindlela zikaJehova futhi sinikezwa iziqondiso zokufeza umsebenzi osindisa ukuphila. (1 Thim. 4:16) Zicabange uwumkhumbi osolwandle oluyaluziswa iziphepho. Izithembiso zikaJehova ziyihange eliqinile lethemba. Uma umuntu engalaleli emihlanganweni yobuKristu futhi avumele ingqondo yakhe izule, angase alahlekelwe amaphuzu abalulekile eseluleko nokuqeqesha angase amvikele ekufelweni umkhumbi ongokomoya.—Heb. 2:1; 6:19.
9 Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, abafowethu benza umzamo omkhulu wokuba khona emihlanganweni. Kuyamangalisa ukubona ukulalelisisa kwabo emihlanganweni. Nokho, kwezinye izindawo abantu abathile baye baphazamisa abanye ngokuzula ezinkundleni zomhlangano phakathi nesimiso. Abanye bafika sekuqaliwe. Kweminye imihlangano yesikhathi esidlule, kwakunzima ukuzwa isimiso emizuzwini embalwa yokuqala ngenxa yabantu abaningi ababesahambahamba emaphasishi nangemva kwezihlalo. Laba ngokuvamile akubi abazalwane abenza izabelo zomsebenzi noma omama abanakekela izidingo zezingane zabo ezincane. Ukuphazamisa okukhulu kwenziwa abantu nje abazixoxelayo. Kulonyaka uMnyango Wabalindi uzoyiqaphelisisa lenkinga, futhi sethemba ukuthi nonke niyobe senihleli phansi lapho usihlalo esicela ukuba senze kanjalo. Ukubambisana kwenu kulendaba kuyokwaziswa kakhulu.
10 Yikuphi ukusikisela okuwusizo okungasisiza ukuba silalelisise esimisweni somhlangano futhi sikhumbule okuningi kwalokho okushiwoyo? Lokho okwake kwashiwo eminyakeni engaphambili kuyafaneleka ukuba sikuphinde: (a) Cabanga ngokujulile ngesizathu esiyinhloko sokuya edolobheni lomhlangano. Akukhona ukuyozilibazisa, kodwa ukuyolalela nokufunda. (Dut. 31:12) Zama ukuphumula ngokwanele ubusuku ngabunye. Uma uya emhlanganweni ukhathele uyingcuba, kuyoba nzima ukugxilisa ingqondo. (b) Zinikeze isikhathi esanele sokupaka imoto yakho nesokuhlala phansi ngaphambi kokuba isimiso siqale. Ukubhuduzela uyohlala esihlalweni ngomzuzu wokugcina ngokuvamile kubangela ukuba ulahlekelwe ingxenye ethile yokuqala. (c) Bhala kafushane amaphuzu ayisihluthulelo. Ukubhala amaphuzu ngokweqile kungaba isiphazamiso ekulaleleni kahle. Lapho ubhala, qikelela ukuthi aweqiwa amanye amaphuzu ngenxa yokugxila kulokho okubhalayo. (d) Lapho ingxenye ethile yomhlangano yethulwa, yilangazelele. Zibuze, ‘Yini engingayifunda kulengxenye ezokhulisa ukwazisa kwami nothando lwami ngoJehova? Lokhu kwaziswa kungangisiza kanjani ukuba ngibonise ubuntu obusha ngokugcwele ngokwengeziwe? Lokhu kuzongisiza kanjani ukuba ngithuthuke enkonzweni yami?’
11 Ukuziphatha Okuhlobisa Inkonzo Yethu: UPawulu wakhuthaza uThithu ukuba azibonakalise ‘eyisibonelo semisebenzi emihle.’ Ngokubonisa ukungonakali ekufundiseni kwakhe, uThithu wayeyosiza abanye ukuba ‘bahlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke.’ (Thithu 2:7, 10) Unyaka ngamunye, sithola izikhumbuzo zomusa ezimayelana nokuthi kungani ukuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu kubaluleke kangaka lapho siya noma sibuya emhlanganweni, lapho sesisemahhotela nasezindaweni zokudlela nalapho sisemhlanganweni ngokwawo. Ngonyaka odlule siphinde sezwa amazwi ajabulisayo esithanda ukuwahlanganyela nani.
12 Umphathi wehhotela wathi: “Ngiyakujabulela njalo ukunikeza oFakazi indawo ngoba banesineke, bayabambisana nathi, futhi baneso elibukhali ezinganeni zabo.” Omunye umabhalane wasehhotela wathi kwenza umsebenzi wakhe “ube lula kakhulu uma oFakazi befika noma behamba ehhotela ngoba, noma kudingeka balinde emgqeni, abacanuki, banesineke, futhi bayaqonda.” Owesifazane othile kwamhlaba umxhwele ukuziphatha kwentsha engoFakazi eyayihlala kulelo hhotela kangangokuba wacela izincwadi ezikhuluma ngenhlangano yethu.
13 Ngakolunye uhlangothi, kusafanele sithuthukise ezicini ezithile. Sithanda ukuhlanganyela nani okunye okuye kwaphawuleka kwase kuthunyelwa eNhlanganweni. Omunye umbonisi wesifunda wabika ukuthi izingane zoFakazi BakaJehova zidinga ukuqondiswa okwengeziwe emahhotela. Ezinye ziye zabonakala zigijima emaphasishi, zehla zenyuka ngamakheshe, zibanga umsindo edanyini lokubhukuda, futhi zihlale edanyini noma sesidlule kudala isikhathi sokuvalwa kwalo, ngaleyo ndlela ziphazamise ezinye izivakashi ezilele. Kudingeka siqeqeshe izingane zethu ukuba ziqonde ukuthi ukuziphatha kobuKristu akusebenzi nje ngezikhathi ezithile. Akupheli lapho siphuma emagcekeni omhlangano. Kufanele kuthathe amahora angu-24 ngosuku. Ukuziphatha kwethu ehhotela, ezindaweni zokudlela, nasemigwaqweni kufanele kuhlonipheke njengalapho sihleli phansi phakathi nesimiso nabafowethu, sifundiswa uJehova.—Isaya 54:13; 1 Pet. 2:12.
14 Singathanda nokunikhumbuza ngomusa ukuba nibonge ngokunikeza ithiphu. Oweta, izisebenzi ezihlanzayo kanye nezishaya insimbi, nabanye abenza imisebenzi efanayo ngezinye izikhathi bathembele kulawo mathiphu ukuze baphile.—Bheka i-Phaphama! yesiNgisi ka-June 22, 1986, amakhasi 24-7.
15 Nakuba ingasekho inkonzo yezokudla emihlanganweni yethu, kusenezindleko ezinkulu ezihilelekile ekuqasheni inkundla, ekulungiseleleni indawo yokupaka, nasekunakekeleni ezinye izinto eziningi. Iminikelo yethu yokuzithandela inakekela lezi zidingo. Udade othile onezingane ezisanda kweva eshumini nambili weza emhlanganweni enemali elinganiselwe. Noma kunjalo, yena nezingane bakwazi ukusiza ngomnikelo omncane. Lokho umuntu ngamunye anquma ukukwenza ngokuphathelene nalendaba kuyindaba yomuntu siqu, kodwa siyazi ukuthi niyazazisa izikhumbuzo ezinjalo.—IzE. 20:35; 2 Kor. 9:7.
16 Sibonakala Ngendlela Esigqoka Ngayo: Indlela esigqoka ngayo yembula okuningi ngathi nangemizwa yethu ngabanye. Intsha nabantu abadala abaningi esikoleni noma emsebenzini bazungezwe izimfashini, nezitayela zokugqoka eziwubudlabha. Unyaka ngamunye izitayela zezingubo ziya zeqisa, futhi zishaqisa ngokwengeziwe. Uma singaqapheli, kalula singathonywa ontanga bezwe ukuba sigqoke njengabo. Izitayela eziningi azikufanelekeli ukugqokwa emihlanganweni yokukhulekela. Incwadi esayithola ngemva komunye wemihlangano yanyakenye yabonisa ukwazisa ngesimiso kodwa yabe isinezela: “Kwangimangaza ngempela ukuthi kungani kwakunamantombazane amaningi kangaka ayegqoke izingubo ezimfushane ngaleya ndlela, nezikibha ezimfushane, kanye nemiqhewu emide.” Ngokuqinisekile sonke sifisa ukugqoka ngendlela efanela izikhonzi ezingamaKristu kokubili emhlanganweni nalapho sihlangene ngemva kwesimiso. Senza kahle ukucabanga njalo ngeseluleko somphostoli uPawulu sokuba sizihlobise “ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.”—1 Thim. 2:9.
17 Ubani okufanele anqume ukuthi iziphi izingubo ezinesizotha, “ezilungiswe kahle?” Ukuba nesizotha kusho “ukungagabadeli noma ukungaqhoshi.” Isichazamazwi sichaza elithi isizotha nangokuthi “ukungabukisi.” INhlangano noma abadala akufanele bashaye imithetho ngokuphathelene nokugqoka noma ukuzilungisa. Nakuba kunjalo, akufanele yini kube sobala kumKristu ukuthi iziphi izitayela zokugqoka ezingazothile neze noma ezingahloniphekile? (Qhathanisa neyabaseFilipi 1:10.) Ukuzilungisa nokugqoka kwethu akufanele kuhehe ngokungafanele. Indlela esibukeka ngayo kufanele ifaneleke, ingabi eyezwe noma icasule. Njengezikhonzi zezindaba ezinhle, ukugqoka nokuzilungisa kwethu ngokufanele ngesikhathi sisedolobheni lomhlangano kuletha udumo kuJehova futhi kuyimelele kahle inhlangano. Ngakho, abazali bayobeka isibonelo esihle bese beqikelela ukuba izingane zabo zigqoke ngendlela efanele isenzakalo. Nabadala kufanele babeke isibonelo esihle futhi bahlale bekulungele ukunikeza iseluleko somusa uma kudingeka.
18 Amahhotela: Ngenhla sicaphune izisebenzi zasehhotela ezathi isineke sabafowethu, umusa, nokubambisana nazo kwazihlaba umxhwele. Sifuna ukuqhubeka sibonakalisa lezi zimfanelo zobuKristu uma kudingeka silinde emgqeni ukuze sibhalise amagama ethu. Siyawazisa amahhotela aye abambisana noMnyango Wezindawo Zokulala ekulungiseleleni amakamelo okulala ngemali ephansi. Nakuba kungenzeka ukuthi sikhathazwe uhambo, kufanele sikhumbule ukuphatha izisebenzi zasehhotela ngomusa. Ukwenza kwethu kanjalo kungabangela abanye ukuba bahlolisise iqiniso. Ngaphezu kwalokho, akufanele kuphekwe ezindlini zasehhotela ngaphandle kwalapho kunekhishi laleyo njongo.
19 Amakhamera, Ama-camcorder, Nemishini Yokuqopha: Kuyavunyelwa ukusebenzisa amakhamera neminye imishini yokuqopha, uma nje sibonisa ukubacabangela labo abakhona. Uma sizulazula phakathi nesimiso sithatha izithombe, ngeke nje siphazamise abanye abazama ukulalela kodwa nathi siyolahlekelwa ezinye izingxenye zesimiso. Ngokuvamile sizuza kakhulu emhlanganweni ngokulalelisisa izikhulumi nangokubhala amaphuzu ngokulinganisela. Kungenzeka ukuthi siqophela umzalwane othile noma udade ovaleleke ekhaya; kodwa lapho siziqophela thina, singase sithole ukuthi ngemva kokuqopha isimiso amahora amaningi, lapho siphindela ekhaya asibi khona isikhathi sokubukeza okuningi kwalokho esikuqophile. Akukho mishini yokuqopha yanoma iluphi uhlobo okufanele ixhunywe ezimisweni zikagesi noma ze-sound, futhi akufanele kube khona imishini evimbe emaphasishi, noma esitha abanye.
20 Izindawo Zokuhlala: Siyaqhubeka sibona intuthuko endabeni yokugcina izihlalo. Ngonyaka odlule, iningi lenu lazilandela iziqondiso ezithi: IZIHLALO ZINGAGCINELWA KUPHELA AMALUNGU OMKHAYA WAKHO ASEDUZE KANYE NANOMA UBANI OKUNGENZEKA UHAMBA NANI EMOTWENI YENU. Cishe nakuthola kulula ukukwenza ngoba abaningi bazilandela lezi ziqondiso ezicacile. Okubaluleke nangaphezulu, ukulalela kwakho kwamjabulisa uJehova ‘nesigqila esikholekile,’ esinikeza ukudla okungokomoya.—Math. 24:45.
21 Kunenani elikhulayo labafowethu abanezidingo ezikhethekile zempilo. Abanye beza emhlanganweni ngezinqola zabakhubazekile futhi kudingeka banakekelwe amalungu omkhaya. Abanye bayelashwa ngezindlela ezinhlobonhlobo ngenxa yezifo ezingamahlalakhona ezinjengezifo zenhliziyo noma izifo ezibavuka isigubhukane. Kuyasijabulisa ngempela ukubona laba bafowethu nodadewethu abathandekayo besemhlanganweni, bezimisele ukungaphuthelwa yinoma ikuphi ukudla okungokomoya. Nokho, ngezinye izikhathi, kuye kwaba khona inkinga yabantu abagula umhlangano usaqhubeka, kungekho malungu omkhaya noma ebandla angase anikeze usizo. Kwezinye izimo kuye kwadingeka ukuba abaphathi bomhlangano bafune usizo oluphuthumayo lwabezokwelapha ukuze udade noma umzalwane aphuthunyiswe esibhedlela. Umthwalo wemfanelo wokunakekela abantu abanezifo ezingamahlalakhona kufanele ngokuyinhloko unakekelwe amalungu omkhaya kanye nezihlobo eziseduze. UMnyango Wosizo Lokuqala wasemhlanganweni ngeke ukwazi ukunikeza usizo kubantu abanezifo ezingamahlalakhona. Uma ilungu lomkhaya lidinga usizo olukhethekile, sizani niqikelele ukuthi alishiywa lodwa funa kuphakame izimo eziphuthumayo. Ngaphezu kwalokho, emhlanganweni ngeke abe khona amalungiselelo ezindawo ezikhethekile zokuhlala labo umzimba wabo ongezwani nezinto ezithile (allergies), okwenza bangakwazi ukuhlala neningi. Abadala kudingeka baqaphele noma ibaphi ebandleni abakulo abanezidingo ezikhethekile zempilo futhi baqikelele ukuthi kwenziwa amalungiselelo kusengaphambili okunakekelwa kwabo.
22 Izidingo Zokudla Zasemhlanganweni: Kuye kwashiwo amazwi amaningi amahle ngokuphathelene nezinzuzo zokuziphathela ukudla kwethu. Omunye umzalwane wabhala: “Ngiyayibona ngempela inzuzo enkulu engokomoya kulokhu. Sonke lesiya sikhathi namandla manje sekungasetshenziselwa izinto ezingokomoya. Akekho engike ngamuzwa esho okuphambene.” Udade wabhala: “Ngesibonelo, nina bafowethu abathandekayo niyasikhuthaza njengamaKristu ngamanye ukuba sizihlole futhi sifune izindlela zokwenza ukuphila kwethu kube lula futhi sandise umsebenzi wethu ongokwasezulwini.” Umbonisi ojikelezayo wabhala ngokuphathelene namalungiselelo enkonzo yezokudla ebesinawo: “Ilungiselelo elidala lalenza ukuba abafowethu abaningi balahlekelwe yiso sonke isimiso somhlangano.” Ngokuphathelene nokudla abafowethu ababekuphethe, omunye umdala wabhala: “Babenalokho nje abakudingayo, futhi kwakungadingeki bame emgqeni ukuze bakuthole.” Okokugcina, omunye udade wabhala: “Ngemva kwezingxenye zesimiso kwakunokuthula futhi kuzolile futhi kunomoya wenjabulo.” Yebo, umuntu ngamunye wayeziphathele okwanele ukumqhuba yonke intambama. Abaningi baphawula ukuthi babenesikhathi esengeziwe sokuvakashela abangane.
23 Nakulonyaka ngeke ibe khona inkonzo yezokudla. Ungase usebenzise imizuzu embalwa ubukeze isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1995, isigaba 26, ukuze uthole ukusikisela ngokuphathelene nokudla okunomsoco okungase kuphathwe emhlanganweni. Lapho nize nokusanyama emhlanganweni, nisize nikhumbule ukuthi kuvame ukonakala uma kushisa, ngaphandle-ke uma unendlela yokukugcina endaweni epholile. Akufanele kuziwe nezitsha zengilazi noma iziphuzo ezidakayo endaweni yomhlangano. Uma kudingeka ama-cooler box amancane, kufanele akwazi ukwenela ngaphansi kwesihlalo sakho. Khumbula ukuthi kunesikhathi esanele ngekhefu lasemini sokudla nokuphuza okuphethe. NjengasemaHholo OMbuso phakathi nemihlangano, siyakugwema ukudla lapho umhlangano uqhubeka. Ngaleyo ndlela sibonisa inhlonipho ngelungiselelo lokukhulekela nangokudla okungokomoya okunikezwayo.
24 Kungekudala uzoqala uMhlangano Wesigodi wokuqala “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu.” Ingabe usuwenzile amalungiselelo okuba khona, futhi usukulungele ukujabulela izinsuku ezintathu zobudlelwane obujabulisayo nezinto ezinhle ezingokomoya? Umthandazo wethu oqotho uwukuthi uJehova abusise imizamo yakho yokuba khona emhlanganweni wehlobo lalonyaka.
[Ibhokisi ekhasini 10]
Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi
Ubhapathizo: Abazobhapathizwa Kufanele Babe Sezindaweni Zabo Zokuhlala Endaweni Elungiselelwe Lokho Ngaphambi Kokuba Isimiso Siqale Ngomgqibelo Ekuseni. Kuye Kwaphawuleka Ukuthi Abanye Bagqoka Izingubo Ezingahloniphekile Futhi Ezilulaza Lesi Senzakalo. Ngamunye Ohlela Ukubhapathizwa Kufanele Eze Nengubo Yokungena Emanzini Enesizotha Nethawula. Abadala Bebandla Ababukeza Imibuzo Esencwadini Ethi Ukuhlelelwa Nabafuna Ukubhapathizwa Kufanele Baqikelele Ukuthi Ngamunye Wabo Uyawaqonda Lamaphuzu. Ngemva Kwenkulumo Yobhapathizo Nomthandazo Wesikhulumi, Usihlalo Wesimiso Uyonikeza Abazobhapathizwa Iziyalezo Ezimfushane Abese Esho Ingoma. Ngemva Komugqa Wokugcina, Abalindi Bayoqondisa Abazobhapathizwa Endaweni Yokucwiliswa. Njengoba Ubhapathizo Luyisibonakaliso Sokuzinikela Komuntu, Luyindaba Engathi Sína neyomuntu siqu phakathi kwakhe noJehova, alikho ilungiselelo lalokho okuthiwa ubhapathizo lwabangane lapho ababili noma ngaphezulu abazobhapathizwa begaxana khona noma babambane ngezandla ngesikhathi bebhapathizwa.
Amabheji: Siza ufake ibheji lika-1996 emhlanganweni, lapho uya nalapho ubuya endaweni yomhlangano. Lokhu ngokuvamile kusenza sikwazi ukunikeza ubufakazi obuhle lapho sisendleleni. Amabheji nezembozo kufanele atholwe ngebandla lakini. Sizani ni-ode ngokushesha ngoba ngeke atholakale emhlanganweni. Ungalindi bese ucelela wena nomkhaya wakho amabheji sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuba uqale umhlangano. Ukhumbule ukuphatha ikhadi lakho lamuva le-Advance Medical Directive/Release.
Izindawo Zokulala: Sicela ukubambisana kwawo wonke umuntu ekusebenziseni uMnyango Wezindawo Zokulala. Onobhala bamabandla kufanele baqikelele ukuthi amafomu eSicelo Sendawo Yokulala athunyelwa ngokushesha ekhelini lomhlangano elifanele. Uma ungasayidingi indawo yokulala elungiselelwe uMnyango Wezindawo Zokulala, kufanele umazise ngokushesha umnikazi wendawo noma ihhotela noMnyango Wezindawo Zokulala womhlangano ukuze leyo ndawo inikezwe abanye.
Izingoma: Njengoba ukuhlabelela kuyingxenye yokukhulekela kwethu sinikhuthaza nonke ukuba niprakthize lezi zingoma ezilandelayo eziyoba ingxenye yesimiso: 159, 59, 26, 211, 215, 174, 123, 16, 207, 111, 42, 38, 127, 170, 8, 187, 15, no-212. Situsa ukuba amabandla aprakthize okungenani ingoma eyodwa ngemva komhlangano ngamunye.
Izinqola Zabantwana: UMnyango Wezomlilo awukuvumeli ukuba zilethwe enkundleni noma ukuba zibekwe emaphaseshi noma phakathi kwezihlalo. Njengoba izixuku zabantu zingase zibangele ukuminyana, izinqola zabantwana ngeke zibe yingozi kumntwana kuphela kodwa nakunoma ubani ezingase zimkhube. Ngakho sicela ukuba ningezi nazo endaweni yomhlangano. Nokho, izihlalo zabantwana noma zasemotweni zivunyelwe, ngoba zingabekwa ngokulondeka ezihlalweni eziseduze kwabazali. Ukubambisana kulokhu kuyokwaziswa.
Inkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela: Njengoba inkonzo yezokudla ingasekho, abaningi ababesebenza kulomnyango manje bangase bathole ukuthi bangasebenza ngokuzithandela kwenye indawo. Ingabe ungakwazi ukubekela eceleni isikhathi esithile emhlanganweni sokuba usize komunye weminyango? Ukukhonza abafowethu, noma ngabe amahora ambalwa nje, kungaba wusizo kakhulu futhi kukulethele ukwaneliseka okukhulu. Uma ungase ukwazi ukusiza, siza ubikele uMnyango Wenkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-16 nazo zingenza umnikelo omuhle ngokuthi zisebenze ngaphansi kokuqondisa komzali noma omunye umuntu omdala othembekile.
Izixwayiso: Hlala uphaphamele izinkinga ezingavela ukuze ugweme izinkinga ezingadingekile. Ngokuvamile amasela nabantu abayimidlwembe bagebenga abantu abakude namakhaya abo. Qikelela ukuthi imoto yakho ikhiyiwe ngazo zonke izikhathi, futhi ungalokothi ushiye noma yini isobala ngaphakathi engayenga othile ukuba ayigqekeze. Amasela nabakhuthuzi bagxila emibuthanweni emikhulu. Ngeke kube ukuhlakanipha ukushiya izinto ezibalulekile esihlalweni. Ngeke uqiniseke ngokuthi wonke umuntu okhona ungumKristu. Kungani-ke ubafaka esilingweni? Kuye kwatholwa imibiko yabantu bangaphandle abazama ukuyengela kude izingane. NGAZO ZONKE IZIKHATHI ZAZI IZINGANE ZAKHO UKUTHI ZIKUPHI.
Amathelevishini namakhasethi ama-video atholakala emahhotela amaningi ngokuvamile abukisa izinhlelo zokuziphatha okubi, nezithombe ezingcolile zobulili. Luqapheleni lolu gibe, futhi ningazivumeli izingane ukuba zibuke ithelevishini ngaphandle kokuqondiswa kulezi zindawo zokulala.
Sicela ningabashayeli ucingo noma nibabhalele abaphathi bendawo yomhlangano, nifuna ukwaziswa nganoma iziphi izindaba zomhlangano. Uma ukwaziswa kungatholakali kubadala, ningabhalela ekhelini elifanele lomhlangano, eningalithola kunobhala webandla.