Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/96 kk. 5-6
  • Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Izihlokwana
  • Phendula lemibuzo elandelayo:
  • Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 8/96 kk. 5-6

Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini

Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini zamasonto ka-May 6 kuya ku-August 19, 1996. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhale kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.

[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi wnbuzo. lzikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]

Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:

1. Kungakhathaliseki ukuthi sikwazi ukupha kancane noma kakhulu, kungokomBhalo ukucela ngobuqotho ilungelo lokusiza abafowethu abangamaKristu abathembekile abazithola beswele izidingo zokuphila. (2 Kor. 8:1-4) [jv-ZU k. 314 isig. 1]

2. ‘UGogi wakwamaMagogi’ uyigama elingokomfanekiso elibhekisela kohulumeni balelizwe. (Hez. 38:2) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w91-ZU 8/15 k. 27 isig. 2.]

3. Njengoba nje u-Ohola ayengudadewabo ka-Oholiba omdala, njengoba kuchazwe kuHezekeli isahluko 23, ngokufanayo ubuRoma Katolika buwudadewabo omdala wobuProthestani, futhi zombili lezi zinhlangano ziye zazingcolisa ngokuphinga okungokomoya nemibuso yezwe yezentengiselwano neyezombangazwe. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 4/1 30.]

4. OFakazi BakaJehova baye banda ngenani kwaze kwafinyelela lapho bedlula khona inani lezizwe eziningi ngazinye. [jv-ZU k. 278 isig. 3]

5. Inkosikazi kufanele ilalele indoda njengenhloko yomkhaya, lapho iphikisa ukukhulekela kweqiniso. [td-ZU 33B]

6. Umbhalo kaJakobe 4:17 nokaHezekeli 33:7-9 iyavumelana, ibonisa ukuthi ukuba nolwazi lwalokho uNkulunkulu akufunayo kithi okusenza silandise kuye. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w93-ZU 4/1 k. 7 isig. 1.]

7. UDaniyeli wazibonakalisa engumprofethi weqiniso ngokusho incazelo yomfanekiso wasephusheni ngemva kokuba iNkosi uNebukadinesari imchazele wona. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka uDaniyeli 2:7-9, 26.]

8. Amanzi ageleza evela ethempelini elabonwa embonweni achazwa kuHezekeli 47:1 amelela amandla okuhlanza obhapathizo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 27 isig. 20.]

9. Kunokuba abantu bamiselwe kusengaphambili, sinikezwa ukuzikhethela kokukhonza uJehova noma ukungamkhonzi. (Joh. 3:16) [td-ZU 32A]

10. Akulungile ukulahla izimfundiso zamanga ezingokwenkolo. (Math. 23:15, 23, 24; 15:4-9, 14) [td-ZU 8B]

Phendula lemibuzo elandelayo:

11. UCharles Taze Russell wabonisa ngaziphi izindlela ukuthi wayewalalela amazwi kaJesu okufuna uMbuso kuqala? (Math. 6:33) [jv-ZU k. 284 isig. 1]

12. Yibuphi ubufakazi obuqand’ ikhanda obunikezwa imihlangano emikhulu yoFakazi BakaJehova? [jv-ZU k. 254 izig. 2, 3]

13. OFakazi BakaJehova abagcotshiwe nabangane babo kufanele bafane noHezekeli ngayiphi indlela? (Hez. 11:25) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 16 isig. 3.]

14. Kungani imihlangano ehlukile yentsha ebandleni yavalwa ngo-1938? [jv-ZU k. 246 isig. 1]

15. Yisiphi isiqinisekiso esinaso sokuthi bonke abasemathuneni okukhunjulwa bayovuswa? [td-ZU 43A]

16. Lisho ukuthini igama laphezulu, elithi Jehova? [kl-ZU k. 25 isig. 7]

17. Lapho umKristu weqiniso eswele, ubani onomthwalo wemfanelo oyinhloko wokumnikeza usizo lwezinto ezibonakalayo, futhi siyini isisekelo esingokomBhalo sempendulo yakho? [jv-ZU k. 305 isig. 1]

18. Yini edingekile ukuze imithandazo yethu izwiwe uNkulunkulu? [td-ZU 42A]

19. Yimuphi umprofethi owathi umhlaba ‘uyisiyingelezi’ futhi kulotshwephi emiBhalweni? [kl-ZU k. 17 isig. 14]

20. Yini ngempela eshiwo ukufuna uMbuso kuqala? [jv-ZU k. 295 isig. 1]

Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:

21. Ekugcwalisekeni kukaHezekeli 21:26, umbuso ‘ophakeme’ wakwa-․․․․․․․․‘wehliswa’ ngokubhujiswa ngo-․․․․․․․․, imibuso ․․․․․․․․ ‘ephansi’ ‘eyaphakanyiswa,’ idedelwa ukuba ilawule umhlaba ngaphandle kokuphazanyiswa ․․․․․․․․ ofanekisela okaNkulunkulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 9/15 k. 19 isig. 16.]

22. Ingxenye yencwadi ka-․․․․․․․․ empeleni ․․․․․․․․ obhalwe ngaphambi kokuba wenzeke, igxile ekuqhubukushaneni kwamakhosi ohlanga emakhulwini eminyaka. [si-ZU k. 138 isig. 1]

23. Amazwi athi “inceku yami uDavide” akuHezekeli 34:23 abhalwa sekukade yafa ․․․․․․․․; angamazwi angokwesiprofetho futhi abhekisele ku-․․․․․․․․ [si-ZU k. 137 isig. 31]

24. Phakathi kuka-January 1946 no-August 1948, abantu bakaJehova babapha ․․․․․․․․ ne-․․․․․․․․ oFakazi ababehlala emazweni angu-18 athinteka ․․․․․․․․ [jv-ZU k. 308 izig. 3, 4]

25. Okwaqopha umlando ekukhuleni okungokomoya kwafinyelelwa ngo-1931 lapho samukela igama elithi ․․․․․․․․, ngo-1935 lapho kuchazwa ․․․․․․․․, ngo-1950 lapho kukhululwa i-․․․․․․․․, nango-1962 lapho kulungiswa indlela esasiqonda ngayo ․․․․․․․․ [jv-ZU k. 260 isig. 3–k. 264 isig. 2]

Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:

26. UJehova uzilinganisa kahle lezi zimfanelo (isihe nentukuthelo; ․․․․․․․․; uthando nomusa) ngaleyo ndlela angazivikeli izoni zangamabomu emiphumeleni yokona kwazo. [kl-ZU k. 28 isig. 17]

27. Ikusasa lomhlaba nesintu lifingqwe ngezwi elilodwa ngokuthi, (uvuko; isihlengo; ․․․․․․․․). [kl-ZU k. 8 isig. 8]

28. U-Isaya waprofetha kusasele iminyaka (․․․․․․․․; engu-500; engu-800) ukuthi uKoresi wayeyonqoba umuzi (waseJerusalema; ․․․․․․․․; waseNineve). [kl-ZU k. 18 isig. 17]

29. Igama likaNkulunkulu eliyingqayizivele livela cishe izikhathi (ezingu-1 900; ․․․․․․․․; ezingu-300) emiBhalweni YesiHeberu kuphela, ngaphezu kwanoma iziphi iziqu zakhe. [kl-ZU k. 24 isig. 5]

30. Ukuwa kweBabiloni kwabikezelwa (uDaniyeli noHoseya; uJoweli no-Amose; ․․․․․․․․). [kl-ZU k. 18 isig. 17]

Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:

IHu. 22:7, 8, 18; IHu. 78:40, 41; Isaya 55:10, 11; Dan. 1:8, 11-13; 1 Kor. 9:16

31. Ukuze igcizelele ukubaluleka komsebenzi wokushumayela, INqabayokulinda ka-1949 yathi: “UJehova uye wenza ukushumayela kwaba umsebenzi obaluleke kakhulu noma ubani kithi angawenza kulelizwe.” [jv-ZU k. 292 isig. 5]

32. Intsha engamaKristu kufanele inganqikazi ukutshela iziphathimandla kanye nabafundi ekanye nabo ngenhlonipho ukuthi ngeke iwungcolise unembeza wayo wokuhlonipha uNkulunkulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w92-ZU 11/1 k. 14 isig. 17.]

33. Injongo kaNkulunkulu yokuqala ngesintu nomhlaba iyofezeka. [kl-ZU k. 9 isig. 10]

34. UJesu waphathwa kabi futhi waphangwa nezingubo zakhe ngaphambi kokuba afe. [kl-ZU k. 19 isig. 19]

35. UNkulunkulu unemizwa, ukukhetha esikwenzayo kuyamthinta. [kl-ZU k. 14 isig. 8]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela