Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/96 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 8/96 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-August: Noma iyiphi incwajana engangomagazini enamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,00 iyinye kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona, kungase kuhanjiswe incwajana engangomagazini ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela? Ngo-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00 enkulu noma ngo-R4,00 engangena ephaketheni. Amabandla anencwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise esitokweni nayo angayihambisa. Ngo-October: Isikhokhelo sonyaka esifika ngeposi se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R38,00 esomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma esezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R19,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini lapho isipho senqatshwa. Ngo-November: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R3,50. Kuzokwenziwa umzamo okhethekile wokulandelela bonke abayihanjiselwe, ngombono wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.

◼ Kusukela ngo-August 30, 1996, kuye ku-August 31, 1996, iNhlangano izobala zonke izincwadi enazo esitokweni saseBethel. Ngenxa yalokhu kubalwa, phakathi nalezo zinsuku ngeke asingathwe ama-oda ezincwadi amabandla ngenjongo yokuwathumela noma ukuwalanda.

◼ Ibandla ngalinye lizothola amafomu amathathu athi Ukubalwa Kwezincwadi (S-AB-18). Unobhala webandla kufanele ahlangane nenceku yezincwadi ekuqaleni kuka-August bese bemisa usuku lokubala isitokwe sezincwadi zebandla ekupheleni kwenyanga. Kumelwe zibalwe ngokoqobo zonke izincwadi ezisesitokweni, bese izingqikithi zifakwa efomini elithi Ukubalwa Kwezincwadi. Ingqikithi yenani lomagazini eninabo ingatholakala encekwini kamagazini. Sizani nithumele iphepha lokuqala eNhlanganweni engakadluli u-September 6. Gcinani ikhophi emafayelini enu. Elesithathu kungase kubalelwe kulo. Ukubalwa kwezincwadi kufanele kwenganyelwe unobhala, ifomu eseligcwalisiwe lihlolwe umbonisi owengamele. Unobhala nombonisi owengamele bayolisayina leli fomu.

◼ Amabheji omhlangano wesigodi ka-1996 kufanele a-odwe futhi imali yawo iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi yebandla ngamasenti angu-8 lilinye. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni, noma anesikweleti ku-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nemali. Sizani ni-ode ngamaqoqo ahamba ngama-20 lapho kunokwenzeka. Amabheji atholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTswana, isiXhosa, nesiZulu. (Sizani niqaphele ukuthi ngokokuqala ngqá manje aseyatholakala ngesiTswana nangeSipedi.) Sizani nifake ama-oda enu nisebenzisa ifomu i-Literature Order (S-AB-14). Lama-oda kufanele afike eNhlanganweni ngaphambi kuka-November 1, 1996. Ngemva kwalokho ngeke siwasingathe ama-oda amabheji.

◼ Abamemezeli abahlela ukuqala inkonzo yamaphayona avamile ngo-September 1, 1996, kufanele bafake izicelo kungakephuzi.

◼ Unobhala webandla uyohlanganisa imibiko yenkonzo ukuze ifakwe efomini loMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-AB-10). Uyofundisa ngokucophelela noma imuphi umdala noma inceku ekhonzayo okungenzeka asize ekuhlanganiseni umbiko. Lokhu kuyoqinisekisa ukuthi ukwaziswa okudingekayo kufakwe kahle ngokwezinhlu emakhadini eRekhodi Lommemezeli Lebandla (S-AB-21). UMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-AB-10) kufanele ugcwaliswe kahle nangobunono bese uhlolwa ngokucophelela ikomiti yenkonzo.

◼ Amabandla akhunjuzwa ukuba a-ode inani elanele lamafomu onyaka wenkonzo ka-1997. Lamafomu akufanele asaphazwe; kufanele asetshenziselwe injongo enzelwe yona kuphela.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela