Yenza Ngomphefumulo Wonke!
1 Sinezizathu eziningi zokubonga uJehova. Zihlanganisa izinto aye wazenza esikhathini esedlule, azenzayo manje, nasazosenzela zona esikhathini esizayo. Ukubonga kwethu kufanele kusishukumisele ukuba senzeni? Ihubo likaDavide liyaphendula: “Ngiyakubonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba-semlonyeni wami njalonjalo.”—IHu. 34:1.
2 IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi siyalwe ukuba sishumayele. Lona umsebenzi esiwenza ‘ngomphefumulo wonke njengokungathi senzela uJehova.’ (Kol. 3:23) Kungakanani esiyokwenza enkonzweni uma ngempela siyenza ngomphefumulo wonke? Uma sicabanga ngothando lukaJehova asibonisa lona, ngokuqinisekile izinhliziyo zethu zisishukumisela ukuba sihlanganyele ngenkuthalo ekutsheleni abanye ngaye nangezinjongo zakhe eziyigugu! Sishukunyiselwa ukuba senze okusemandleni ethu.
3 Kunengqondo ukulindela ukuba umuntu owenza ngomphefumulo wonke afune ukugcina ukunaka kwakhe kugxile enkonzweni engcwele. Umhubi, ngokusobala owayezizwa ngaleyo ndlela, wathi: “Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa.” (IHu. 119:164) Labo abanemizwa efana neyomhubi bafuna ukuwasebenzisa ngokunenzuzo amathuba okudumisa uJehova. Lapho izimo zabo zivuma, bakhonza ngentshiseko ngangokusemandleni.
4 Sinamathuba Amaningi Okudumisa UJehova: Akudingeki ukuba sishumayele izindaba ezinhle endlini ngendlu kuphela. Abantu esisebenza nabo, esifunda nabo, izihlobo, nabantu esibajwayele badinga ukusizwa isigijimi soMbuso. Lapho sisohambweni, singaqala izingxoxo ezingaholela ekunikezeni ubufakazi ezisebenzini zasehhotela, izisebenzi zasezindaweni zokudlela, abantu abasebenza emagalaji, noma abashayeli bamatekisi. Lapho sisekhaya, singafakaza komakhelwane noma abantu abadilivayo. Uma silaliswe esibhedlela, bakhona abahlengikazi, odokotela, nezinye iziguli esingashumayela kuzo ngokwethukela.
5 Ukufakaza Ngokwethukela Kuba Nemiphumela: Ngolunye usuku oFakazi ababili babehamba epaki baqala ingxoxo nensizwa ethile eyayishaywa umoya nengane yayo. Ngokuhamba kwesikhathi yona nomkayo bamukela iqiniso. Kamuva lensizwa yaveza ukuthi ngaphambi nje kokuba ihlangane nalaboFakazi ababili, yayithandaze kuNkulunkulu, icela, ‘Uma ukhona, ngicela ungenze ngikwazi.’ Ithi lokho okwenzeka epaki kwakuyimpendulo kaJehova yomthandazo wayo.
6 Labo abenza ngomphefumulo wonke ekugcwaliseni isifiso sabo sokusiza abanye bathola injabulo enkulu ngokomoya. Bayazi ukuthi inkonzo enjalo, eyenziwa “ngenhliziyo epheleleyo,” iyamjabulisa uJehova.—1 IziKr. 28:9.