Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/96 k. 1
  • Asikaze Sibe Nensada Engaka Engokomoya!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Asikaze Sibe Nensada Engaka Engokomoya!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isibusiso SikaJehova Siyasicebisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Ukuzinikela Ngokuzithandela Ekwenzeni Yonke Imisebenzi Emihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Niyemukelwa Endleleni Yokuphila Engcono Kakhulu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Basha, UMdali Wenu Ufuna Nijabule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 5/96 k. 1

Asikaze Sibe Nensada Engaka Engokomoya!

1 Abantu abaningi balangazelela usuku lapho bengasho khona ukuthi, “Asikaze sibe nensada engaka!” Ezingqondweni zabo, lolo suku luyofika lapho benezinto eziningi ezibonakalayo, ezibavumela ukuba ‘bakhululeke, badle, baphuze, futhi bazijabulise.’ (Luka 12:19) Ngokuphambene nalokho, kwamanje siyakwazi ukusho ukuthi asisweli lutho oluhle, ngomqondo ongokomoya. (IHu. 34:10) Kwenzeka kanjani lokho?

2 IzAga 10:22 zithi “isibusiso sikaJehova siyacebisa.” Thina esithola lowo musa waphezulu singasho ngempela ukuthi uNkulunkulu ‘usinikeza zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele.’ (1 Thim. 6:17) Lokhu kusenza sibe abantu abacebe kunabo bonke emhlabeni!

3 Ukubala Izibusiso Zethu: Bambalwa kithi abanezinto ezibonakalayo eziningi. Nakuba kunjalo, sibusisiwe ngoba asikhathazeki ngokweqile ngezidingo zethu zansuku zonke. UJehova uyazazi izinto esizidingayo, futhi uthembisa ukuthi uzosinikeza zona. (Math. 6:31-33) Isiqinisekiso sakhe sisinikeza ukuthula kwengqondo okuyigugu ngempela.

4 Nokho, izibusiso zethu ezingokomoya zinkulu ngisho nangaphezulu. Ukuphila kwethu kuxhomeke ekudleni okungokomoya okuvela kuJehova. (Math. 4:4) Labo ababheka emithonjeni yezwe ukuze bondliwe ngokomoya bayalamba kuyilapho thina sidla futhi siphuza ngokwaneliseka. (Isaya 65:13) ‘Isigqila esikholekile’ sisenza sikwazi ukuthola ulwazi olungapheli oluholela ekuphileni okumi phakade.—Math. 24:45; Joh. 17:3.

5 Ubuzalwane bethu obuyigugu bomhlaba wonke busenza sibe nobudlelwane obufudumele babazalwane nodade abanothando abahlala kuzo zonke izingxenye zomhlaba. (Joh. 13:35) Ibandla esikulo liyindawo yokukhosela enokuthula, esingathola kuyo induduzo nokuqabuleka. Abadala baqapha imiphefumulo yethu, besisiza ukuba sibhekane nazo zonke izinhlobo zezinkinga. (Heb. 13:17) Ukusondelana kwethu nabafowethu kuphumela ekukhuthazaneni, kusiqinisele ukuba siphikelele.—Roma 1:11, 12.

6 Ngisho nomsebenzi esiwenzayo uyisibusiso. Imisebenzi eminingi iyisicefe futhi ayikulethi ukwaneliseka. Ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye kuletha injabulo kubo nakithina. (IzE. 20:35) Ngempela siyakwazi ukubona okuhle kuwo wonke umshikashika wethu.—UmSh. 2:24.

7 Ngaphezu kwakho konke, sinethemba elimangalisayo lesikhathi esizayo. (Roma 12:12) Sibheke phambili emhlabeni omusha ophelele wokulunga, lapho siyophila khona phakade nabathandekayo bethu ngenjabulo nangokuthula! Leli themba liyigugu elinenani elingaphezu kwanoma yini lelizwe elingayinikeza.—1 Thim. 6:19.

8 Singakubonisa Kanjani Ukwazisa Kwethu? Asisoze sakwazi ukukhokhela uJehova ngalokho aye wasenzela khona. Ukwazisa kwethu singakubonisa nje (1) ngokumbonga nsuku zonke ngenxa yomusa wakhe ongafanelwe (Efe. 5:20), (2) ngokubonisa uthando lwethu ngokulalela (1 Joh. 5:3), (3) ngokungcwelisa igama lakhe ngokushumayela izindaba ezinhle (IHu. 83:18), (4) nangokusekela ibandla lobuKristu ngokubambisana nalo ngomphefumulo wonke.—1 Thim. 3:15.

9 Sinazo zonke izizathu zokuba abantu abajabule kunabo bonke emhlabeni. (IHu. 144:15b) Kwangathi isimo sethu sengqondo, ukuziphatha, nenkonzo kungabonisa injabulo esinayo epharadesi lethu elingokomoya. Asikaze sibe nensada engaka!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela