Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/96 k. 8
  • ‘Ukholo Lulandela Into Ezwiweyo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ukholo Lulandela Into Ezwiweyo”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Lokhu Kusho Ukuphila Okumi Phakade”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Ukusakaza Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Ulwazi Oluvela KuNkulunkulu Luphendula Imibuzo Eminingi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Siza Abanye Bazuze Ulwazi Oluholela Ekuphileni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 4/96 k. 8

‘Ukholo Lulandela Into Ezwiweyo”

1 Lapho sithola othile ‘othambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade,’ kubalulekile ukuqinisa ukholo lwakhe kulokho akuzwile. (IzE. 13:48; Roma 10:17) Ukuze sikwenze lokho, kufanele silandelele lapho sihambise khona omagazini ngokuba siphindele ukuze sibalethele omagazini bamuva futhi sixoxe ngokwengeziwe. Kufanele sikuphaphamele nokuhambisa izikhokhelo zomagazini bethu. Nokho, hlala ucabanga ngomgomo wokuqala isifundo ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Nakhu okunye ukusikisela okungase kube usizo:

2 Lapho wenza impindelo kumuntu enaxoxa naye ngesihloko esithi “Dumisa INkosi Yaphakade!,” ungaqala ngalendlela:

◼“Lapho sigcina ukuxoxa nawe, sahlaziya obunye ubufakazi obuqand’ikhanda obubonisa ukuthi ukhona uNkulunkulu ongumninimandla onke. Nokho, ukuqaphela nje ukuthi ukhona akwanele. Kudingeka sazi igama lakhe. Umbiza ngaliphi igama uNkulunkulu? [Lindela impendulo.] Izigidi zabantu zimane nje zimbize ngokuthi ‘Nkosi’ noma ‘Nkulunkulu,’ okuyiziqu ezingewona amagama akhe siqu. Ngaphezu kwalokho, ufuna simazi ngegama lakhe. [Funda iHubo 83:18.] IBhayibheli lisitshela okuningi ngoJehova uNkulunkulu, njengoba kuchazwe kulencwadi.” Mbonise isithombe esisekhasini 29 lencwadi ethi Ulwazi, bese ufunda amazwi angezansi kwesithombe. Ngemva kokuxoxa ngezigaba ezintathu zokuqala esahlukweni 3, uyobe ususiqalile isifundo!

3 Kulabo owaxoxa nabo ngesihloko esithi “Okuyokwenza Inkolo Yezwe Iphele,” ungase uthande ukulandelela isithakazelo ngokuthi:

◼“Ngemva kokufunda lesi sihloko, kungenzeka lakuhlaba umxhwele iphuzu lokuthi asinakuzibheka ngendlela efanayo zonke izinkolo. Zikhona zombili, inkolo yamanga neyeqiniso. Lokhu kuphakamisa umbuzo onengqondo othi, Ukukhulekela kukabani uNkulunkulu akwamukelayo? UJesu wanikeza impendulo, futhi iqokonyisiwe kulencwadi.” Vula isahluko 5 encwadini ethi Ulwazi, bese ufunda isigaba 4, kuhlanganise noJohane 4:23, 24. Yibe usubuza, “Ungasamukela yini isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala?” Uma evuma, vula isahluko 1 bese uqala isifundo.

4 Uma kwaboniswa isithakazelo kuyi-“Phaphama!” ka-April 22, lapho uphindela ungase uzame lendlela yokuqala isifundo encwadini ethi “Ulwazi”:

◼“Cishe uyakhumbula ukuthi saxoxa ngamathemba okuthi ekugcineni sizobona izwe elingenayo impi. Kunzima ukucabanga ukuthi liyoba njani. Nanku omunye umfanekiso walo odwetshiwe. [Mbonise umfanekiso osemakhasini 188-9 encwadini ethi Ulwazi.] Bekungeke yini kujabulise ukukwazi ukujabulela lendawo? [Vula amakhasi 4-5, mbonise umfanekiso, bese ufunda ibhokisi.] Isihloko salencwadi sifana namazwi kaJesu atholakala kuJohane 17:3. [Funda.] Uma ungangivumela, ngingathanda ukukubonisa indlela lencwadi engase isetshenziswe ngayo neBhayibheli lakho ukuze uthole lolo lwazi olusindisa ukuphila.” Uma umninikhaya evuma, qala isifundo esahlukweni sokuqala.

5 Uma waxoxa nomuntu owayematasa lapho umhambela okokuqala, ungase usho lokhu lapho uphindela:

◼“Bengikuvakashele kungekudala ngakushiyela omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Labomagazini bakha inhlonipho ngeBhayibheli nesiqondiso salo sokuziphatha. Ngenxa yokuthi nginomuzwa wokuthi kubalulekile ukuba wonke umuntu aliqonde iZwi likaNkulunkulu, ngibuyile ukuze ngikubonise okuthile okuzokusiza ukuba uliqonde.” Mbonise incwadi ethi Ulwazi, bese umbonisa ekuqukethe okusekhasini 3. Mbuze ukuthi isiphi isahluko esibonakala sithakazelisa kakhulu, sivule, bese uqala isifundo.

6 Injabulo yethu iyoba nkulu uma sikwazi ‘ukuvulela abanye umnyango oyisa okholweni’ oluholela ekuphileni okumi phakade.—IzE. 14:27; Joh. 17:3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela