Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/96 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-April

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-April
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-April 1
  • Isonto Eliqala Ngo-April 8
  • Isonto Eliqala Ngo-April 15
  • Isonto Eliqala Ngo-April 22
  • Isonto Eliqala Ngo-April 29
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 4/96 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-April

Isonto Eliqala Ngo-April 1

INgoma 132

10 imiz:Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Yisho noma imiphi imibiko evelele ephathelene nokugubha kwenu iSikhumbuzo. Khumbuza abamemezeli ukuba bayifake ngokushesha imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-March. Unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqikelele ukuthi iyafakwa yonke imibiko yenkonzo yasensimini yezinyanga ezidlule engakafakwa.

20 imiz:“‘Shisekela Imisebenzi Emihle’ Ngo-April!” Izigaba 1-10 zihlanganiswe umbonisi wenkonzo ngemibuzo nezimpendulo. Chaza (1) lokho ibandla elikuhlelela umsebenzi wenkonzo yasensimini owandisiwe ngo-April, (2) indlela wonke umuntu angase asizwe ngayo ukuze ahlanganyele, (3) nendlela labo abasanda kuhlanganyela nabasebancane abangahileleka ngayo. Masibe nomgomo wenani elisha eliphakeme labamemezeli ngo-April. Bakhuthaze bonke ukuba ngo-April bahlanganyele njalo enkonzweni isonto ngalinye.

15 imiz:“Funa Labo Abathambekele Ngokufanele.” Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe, bese kuba nemiboniso emibili ebonisa indlela ezingase zisetshenziswe ngayo. Uma isikhathi sivuma, landisa okunye kokusikisela kokuhambisa omagazini, okutholakala kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1995, ikhasi 6. Hlanganisa nesikhumbuzo sokuthi kufanele sisho ukuthi iminikelo siyayamukela ukuze siwuqhubekisele phambili umsebenzi womhlaba wonke.

INgoma 20 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 8

INgoma 72

15 imiz:Izaziso zebandla. Umbiko wezimali; phawula ngokubonga umnikelo okuvela eNhlanganweni. Xoxani ngezindlela ezingokoqobo esingasiza ngazo abasanda kuhlanganyela ababekhona eSikhumbuzweni ukuze bathuthuke ngokwengeziwe ngokomoya. Bukeza INqabayokulinda ka-April 1, 1991, amakhasi 9-12.

15 imiz:“Nikela Inkonzo Engcwele Imini Nobusuku.” Imibuzo nezimpendulo. Funda izigaba 5 no-6.

15 imiz:“‘Shisekela Imisebenzi Emihle’ Ngo-April!” Izigaba 11-15 zihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Bakhuthaze bonke ukuba bahlaziye izimo zabo siqu futhi bafune izindlela zokwandisa ukusekela kwabo inkonzo yasensimini.

INgoma 113 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 15

INgoma 133

10 imiz:Izaziso zebandla. Khumbuza izilaleli ngenkulumo yeningi ekhethekile yango-April 21, enesihloko esithi “Ukuhlala Singabangasoleki Esizukulwaneni Esigwegwile.” Khuthaza ukuba kwenziwe umzamo owengeziwe wokusiza wonke umuntu ukuba abe khona.

15 imiz:“Izikhathi Zishintshile.” Imibuzo nezimpendulo. Gcizelela ukunikezwa kwesigijimi soMbuso ngendlela ehlangabezana nezidingo zabantu ezicindezela kakhulu. Sikisela izinkinga zemikhaya nezenhlalo ezisezingqondweni zabantu abaningi, njengoba kuphawulwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 1994, amakhasi 22-3.

20 imiz:“Ukholo Lulandela Into Ezwiweyo.” Chaza indlela omagazini abahanjiswayo abangase basetshenziswe ngayo ukuhlakulela isithakazelo esingaholela ezifundweni zeBhayibheli encwadini ethi Ulwazi. Makube nemiboniso emibili noma emithathu yezintshumayelo.

INgoma 204 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 22

INgoma 6

15 imiz:Izaziso zebandla. Bukeza amaphuzu avelele enkulumo ekhethekile enikezwe kulempelasonto edlule. Chaza indlela lesi seluleko okufanele sishukumise ngayo abanesithakazelo ukuba bathathe ukuma okuqinile kokumela ukukhulekela kweqiniso. Yibe usudonsela ukunakekela esihlokweni esithi “Qhubekani Nanda Olwazini Olunembile,” bese ugcizelela ukubaluleka kokuba khona njalo eSifundweni Sencwadi Sebandla.

12 imiz:IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo enikezwa umdala. Chaza ukuthi kungani abazalwane abaqhuba imihlangano kufanele bagweme ukuthatha izinto kalula ngokubiza abantu besebenzisa amagama abo kuphela.

18 imiz:Ingxoxo phakathi komdala nenceku ekhonzayo ngesihloko esithi “Imikhaya Ehlonipha UNkulunkulu Yangesikhathi Esidlule—Isibonelo Sosuku Lwethu,” esitholakala kumagazini INqabayokulinda ka-September 15, 1995, amakhasi 20-3. Yenze isebenze ngokoqobo ukuze kuzuze imikhaya esebandleni.

INgoma 143 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 29

INgoma 144

12 imiz:Izaziso zebandla. Abanye bachaza oFakazi BakaJehova ngokuthi “ihlelo,” noma “inkolo yokuthatheka” bedukisa abanye ngokuphathelene nemisebenzi esiyenzayo nemigomo esinayo. Usebenzisa incwadi ethi Ukubonisana, ikhasi 209, chaza kafushane indlela yokuphebeza lokhu kumangalelwa. Bakhumbuze bonke, kuhlanganise nalabo abasanda kufanelekela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe, ukuba bayifake ngesikhathi imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-April. Uma sonke singabambisana kulokhu, kufanele ngo-April sifinyelele inani elisha eliphakeme labamemezeli.

15 imiz:Ukuyihlanganisa Ngokulinganayo Insimu Yethu. Inkulumo enikezwa umbonisi wenkonzo. Izindawo ezigqagqene noma eziqhelile kungenzeka zingasetshenzwa njalo. Abanye bangase bakugweme ngamabomu ukusebenza ezindaweni ezinabantu abacebile noma abagxile enkolweni. Amasimu ezamabhizinisi angase adebeselelwe. Abanye abamemezeli bangase bacele njalo amasimu abawathanda bona kunalawo asuke edinga ukunakekelwa. Bakhuthaze bonke ukuba babambisane nemizamo yokuhlanganisa amasimu angasetshenzwa; mhlawumbe kungahlelwa amaqembu ezimoto. Qikelelani ukuthi insimu ihlanganiswe ngokungashwampuluzi, kuhlanganise nalapho okwakungekho muntu khona emakhaya, ngaphambi kokuba iphindwe. Nikeza okunye ukusikisela okubonisa indlela bonke abangasiza ngayo ekuyihlanganiseni kahle kakhulu insimu yenu.

18 imiz:Hambisa INqabayokulinda Ne-Phaphama! Ngo-May. Qokomisa omagazini abathile. Ensimini ehlanganiswa njalo, hambisa noma iyiphi incwajana engangomagazini efanelekayo. Gcina umbhalo wakho konke okuhambisile, ngomgomo wokumisa umzila kamagazini. Sebenzisa amathuba okuhambisa izikhokhelo. Gcizelela izinzuzo ezifinyelela kude zokuhambisa omagazini njengenye yezindlela eziphumelela kakhulu zokuyisa isigijimi soMbuso emphakathini. Masiqikelele ukuthi sinabanele lapho siya enkonzweni; bahambise ngawo wonke amathuba. Amalungiselelo omuntu siqu oSuku Lukamagazini lwamasonto onke ayindlela enhle yokwandisa omagazini esibahambisayo. Umsebenzi wokusebenza ezitolo nokufakaza emigwaqweni ngomagazini nawo uyakhiqiza. Landelela isithakazelo ngezimpindelo eziklanyelwe ukuqala izifundo, usebenzisa incwadi ethi Ulwazi. Yiba nomboniso owodwa noma emibili emifushane yokuhambisa omagazini bamuva, mhlawumbe basebenzise izintshumayelo ezitholakala kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1995, ikhasi 5, izigaba 3-5; funda isigaba 6.

INgoma 195 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela