Imihlangano Yenkonzo Ka-November
Isonto Eliqala Ngo-November 6
INgoma 6
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni.
15 imiz: “Sizani Abafuni Beqiniso Bafune UNkulunkulu.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Bakhuthaze bonke ukuba bajwayelane ngokugcwele nencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ukuze bayisebenzise ngokuphumelelayo ensimini.
20 imiz: “Yonke ImiBhalo Inenzuzo Yokufundisa.” Xoxa ngezici ezivelele ze-Nguqulo Yezwe Elisha, ubonise ukuthi kungani ingcono kunezinye. Chaza izinzuzo zokuthi kungenxa yokuthi ihunyushwe ngolimi lwanamuhla. (Bheka incwadi ethi “Yonke ImiBhalo,” ikhasi 328, izigaba 4-6.) Khuthaza abamemezeli ukuba bathole ezabo abazozisebenzisa emihlanganweni yebandla nasekuzihambiseni ensimini. Uma isikhathi sivuma, bukeza imiqondo ekuyi-Phaphama! ka-February 22, 1995 amakhasi 23-7. Makube nemiboniso yezintshumayelo ezimbili.
INgoma 2 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 13
INgoma 33
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Khuthaza ibandla ukuba liwasebenzise ngokunenzuzo amahora asehlobo emini ende ukuba lihlanganyele ekufakazeni kusihlwa.
15 imiz: “Ukuba Khona Njalo Emihlanganweni—Kubalulekile Ekumeni Kwethu Siqinile.” Inkulumo nengxoxo nezilaleli.
20 imiz: “Ziphathe Ngendlela Efanele Izindaba Ezinhle.” Imibuzo nezimpendulo. Yenezela okunye ukukhulumela okusekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 1989, amakhasi 16-17, izigaba 5-9.
INgoma 23 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 20
INgoma 64
10 imiz: Izaziso zebandla. Izindaba Ezingokwasezulwini.
20 imiz: “IBethel Idinga Ukusekela Kwakho Okuqhubekayo”—Ingxenye 1. Ingxoxo evuth’ uphondo yemibuzo nezimpendulo kusukela ezigabeni 1-28. Hlanganisa nezingxoxo ezimfushane noma ukukhulumela kwanoma ubani owake waba nethuba lokusebenza eBethel. Umdala oqhuba lengxoxo kufanele asebenzise imizuzu engaba mibili ebukeza amaphuzu ayinhloko.
15 imiz: “Siza Abanye Baqaphele Ukuba Yinzuzo KweBhayibheli.” Umdala uxoxa nabamemezeli ababili noma abathathu ngokuthi kungani kufanele senze izimpindelo sinomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli. Bukeza bese kuba nemiboniso yezintshumayelo ezisikiselwe zokwenza izimpindelo, kube njengokungathi kuyaprakthizwa.
INgoma 8 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 27
INgoma 96
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa ngamaphuzu angase asetshenziswe ekuhambiseni incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Khulumela nesaziso esiphathelene namabheji omhlangano wesigodi.
15 imiz: “Gcinani Izingqondo Zenu Zigxile Ezintweni Zaphezulu.” Imibuzo nezimpendulo.
20 imiz: “IBethel Idinga Ukusekela Kwakho Okuqhubekayo”—Ingxenye 2. Umdala uqhuba ingxoxo evuthayo yemibuzo nezimpendulo yalesi sihloko kusukela ezigabeni 29-44. Qala ngokubukeza okufushane Ingxenye 1 bese uphetha ngokubukeza amaphuzu ayinhloko. Hlanganisa nokukhulumela kwentshiseko kwalabo abake bavakashela eBethel.
INgoma 78 nomthandazo wokuphetha.