Gcinani Izingqondo Zenu Zigxile Ezintweni Zaphezulu
1 Sikhulumela isizukulwane esiphila phakathi kwaso kanye nombono waso ngekusasa, isihloko esikuyi-New York Times ka-December 31, 1994, sathi: “Bayasesaba isikhathi esizayo. Bayasesaba ngokuphathelene nemisebenzi, ngokuphathelene nezifo, ngokuphathelene nezomnotho, nangokuphathelene nezimo zezwe.” Kuyo yonke indawo esibheka kuyo, kunomuzwa wokungaqiniseki ngokuphila. Inkonzo yethu njengoFakazi BakaJehova isenza sihlangane njalo nabantu abazizwa ngalendlela. Nakuba nathi sibhekana nezinkinga ezifana nezabo, ukholo lwethu nokuqiniseka ngezithembiso eziqinisekile zeZwi likaNkulunkulu kusenza sibe nombono ohluke kakhulu ngokuphila nangekusasa lesintu.—Isaya 65:13, 14, 17.
2 Ukulindela kwethu okuhle nombono wethu ngethemba eliqinisekile kubangela abantu abaningi abanhliziyo ziqotho ukuba balalele isigijimi esisiletha kubo. Abantu abaningi abazizwa becindezelekile futhi becindezelwe bakuthola kududuza ukuxoxa nathi. Ngenxa yokuthi bayakuthanda abakuzwayo, abanye bayavuma ukufunda nathi iBhayibheli. Nokho, ngezinye izikhathi abantu bangase bafune ukuqale bakhulume ngezinkinga zabo siqu. Nakuba isikhathi esithile singasetshenziselwa ukulalela izinkinga zomuntu othile, akumelwe silahlekelwe umgomo wethu, owukufundisa abantu amaqiniso amahle eZwi likaNkulunkulu.
3 Siyafuna ukuba nozwela kulabo abacindezelekile. Njengoba kulotshwe kuMathewu 11:28, uJesu wabeka isibonelo lapho ethi: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo.” Sifuna ukubakhuthaza ngendlela efanayo abantu. Nokho, phawula isiphetho sevesi 28, uJesu wathi: “Ngizonenza niqabuleke.” Yilokho okufanele kube umgomo wethu. Lokho sikwenza ngokuhlanganyela izithembiso eziqabulayo zeZwi likaNkulunkulu. Ukuba isilaleli esihle kubonisa isithakazelo sethu siqu nokukhathalela esinakho ngalowo muntu futhi kubalulekile ukugcwalisa ukuthunywa kwethu kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso, sisize abanye baqaphele ukuthi uMbuso uwukuphela kwekhambi eliqinisekile lazo zonke izinkinga zesintu.—Math. 24:14.
4 Umsebenzi wethu awuwona owabantu abafundele ubuchwepheshe bokunakekelwa kwempilo. Kunalokho, kunjengoba umphostoli uPawulu achaza, njengoba kuphawulwe kweyoku-1 Thimothewu 4:6, inkonzo egxile ‘emfundisweni enhle,’ izimfundiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu. Labo abanezinkinga zomuntu siqu noma ezingokomzwelo kungase kudingeke bakhuthazwe ukuba bancike kuJehova. Bafundiseni ukugcina ‘izingqondo zabo zigxile ezintweni zaphezulu’—izinto ezihlobene nethemba loMbuso. (Kol. 3:2) Uma abantu begcina izingqondo zabo zigxile eZwini likaNkulunkulu, ithonya lalo elinamandla ekuphileni kwabo lingabakha.—Heb. 4:12.
5 Ngakho umgomo wethu uwukusiza abantu bagxilise ukucabanga kwabo ezintweni ‘ezilungileyo, ezimsulwa, ezithandekayo, nezikufanelekelayo ukudunyiswa.’ (Fil. 4:8) Uma begxila ethembeni loMbuso, bayobusiswa ngendlela efanayo nathi. Nabo bayothola injabulo ebangelwa ukwazi ukuthi ekugcineni uJehova uyozixazulula zonke izinkinga zabo ngoMbuso wakhe.—IHu. 145:16.