Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/95 kk. 5-6
  • Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Izihlokwana
  • IZIYALEZO
  • ISIMISO
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 10/95 kk. 5-6

Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996

IZIYALEZO

Phakathi no-1996 iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini siyoqhutshwa ngalamalungiselelo alandelayo.

IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: IBhayibheli, [bi-ZU], OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu [jv-ZU], “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si-ZU], “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” [td-ZU], Ukubonisana NgemiBhalo [rs-ZU], nethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade [kl-ZU] kuyosekelwa kuzo izabelo.

Isikole kufanele siqale NGESIKHATHI ngengoma, umthandazo, namazwi okwamukela bese siqhubeka ngendlela elandelayo:

ISABELO NO. 1: Imizuzu engu-15. Lenkulumo kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo, futhi iyosekelwa encwadini ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu noma ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Uma sisekelwe kwethi Abamemezeli, lesi sabelo kufanele sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu engu-15 ngaphandle kokubukeza; uma sisekelwe kwethi “Yonke ImiBhalo,” kumelwe sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyishumi kuya kwengu-12 bese kulandela ukubukeza kwemizuzu emithathu kuya kwemihlanu, kusetshenziswa imibuzo esencwadini. Injongo akumelwe nje kube ukuhlanganisa indaba kodwa kumelwe kube ukugxilisa ukunakekela ekusetshenzisweni okungokoqobo kokwaziswa okuxoxwa ngakho, kuqokonyiswa lokho okuzoba usizo kakhulu ebandleni. Kufanele kusetshenziswe isihloko esibonisiwe. Isikhulumi singakhuluma ngemifanekiso, izithombe, namashadi okutholakala encwadini ethi Abamemezeli noma sikusebenzise njengezinsiza kufundisa.

Abazalwane ababelwe lenkulumo kufanele baqaphele ukuba bagcine isikhathi abasinikeziwe. Iseluleko sangasese singase sinikezwe uma kudingekile noma uma isikhulumi sizicelele sona kusengaphambili.

AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: Imizuzu eyisithupha. Lena kufanele isingathwe umdala noma inceku ekhonzayo eyokwazi ukufanelanisa kahle ukwaziswa nezidingo zebandla. Lokhu akufanele kube nje ukufushaniswa kwengxenye efundwayo eyabiwe. Kungase kuhlanganiswe nokunikeza umqondo wazo zonke izahluko ezabiwe okuthatha imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60. Injongo eyinhloko iwukusiza izilaleli ukuba zibone ukuthi kungani futhi kukanjani ukwaziswa kuyinzuzo kithina. Khona-ke umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi ukuba baye emakilasini abo ahlukahlukene.

ISABELO NO. 2: Imizuzu emihlanu. Lena iwukufundwa kweBhayibheli kwendaba eyabiwe okufanele inikezwe ngumzalwane. Iyonikezwa ekilasini elikhulu nasemaqenjini amancane. Izabelo zokufunda ngokuvamile zimfushane ngokwanele ukuba zivumele umfundi anikeze ukwaziswa okufushane okuchazayo esingenisweni nasesiphethweni. Kungase kuhlanganiswe isizinda esingokomlando, ukubaluleka okungokwesiprofetho noma okungokwemfundiso, nokusetshenziswa kwezimiso. Wonke amavesi abiwe kufanele afundwe ngokoqobo ngaphandle kokuma. Njengokulindelekile, lapho amavesi afundwayo engalandelani, umfundi angasho ivesi elizofundwa ngokulandelayo.

ISABELO NO. 3: Imizuzu emihlanu. Lenkulumo iyokwabelwa udade. Isihloko salenkulumo siyosekelwa kwethi “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo.” Umfundi oyabelwe kumelwe akwazi ukuzifundela. Lapho enikeza lenkulumo umfundi angahlala noma ame. Udade owabelwe lenkulumo kuyodingeka enze isihloko nokwaziswa okuzocatshangelwa kuvumelane nesimo esingokoqobo, kutuswa ukuba kube esihilela inkonzo yasensimini noma ukufakaza ngokwethukela. Umsizi oyedwa uyokwabiwa umbonisi wesikole, kodwa abasizi abengeziwe bangase basetshenziswe. Akukhona ukuhlelwa kwenkulumo okufanele kucatshangelwe ngokuyinhloko kodwa ukusetshenziswa okuphumelelayo kwendaba ngokwayo.

ISABELO NO. 4: Imizuzu eyisihlanu. Iyokwabelwa umzalwane noma udade. Iyosekelwa encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo noma Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Lapho yabelwe umzalwane, lenkulumo kufanele ilungiselelwe kucatshangwa ngezilaleli eHholo LoMbuso. Lapho yabelwe udade, ukwaziswa kufanele kunikezwe njengoba kuboniswe ngeNkulumo No. 3. Uma isabelo sisekelwe encwadini ethi Ulwazi, ukuhlelwa kwenkulumo kungase kube impindelo noma isifundo seBhayibheli sasekhaya. Umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo esikhethekile endleleni umfundi asiza ngayo umninikhaya ukuba acabange futhi aqonde ukwaziswa nanokuthi imibhalo isetshenziswa kanjani. Akudingeki kufundwe izigaba zencwadi.

ISELULEKO NOKUKHULUMELA: Ngemva kwenkulumo yomfundi ngamunye, umbonisi wesikole uyonikeza iseluleko esiqondile, angalandeli njengesibopho isimiso sokweluleka ngokulandelana kwamaphuzu ahlelwe epheshaneni leSeluleko Senkulumo. Kunalokho, kufanele agxile kulezo zindawo umfundi adinga ukuthuthuka kuzo. Uma umfundi efanelwe u-“L” kuphela futhi ingekho enye imfanelo yenkulumo ephawulwe ngokuthi “W” noma ngokuthi “S,” khona-ke umeluleki kumelwe akokolozele ibhokisi, ngokuvamile okubhalwa kulo u-“L,” u-“W,” noma u-“S,” lemfanelo yenkulumo umfundi okumelwe asebenzele kuyo ngokulandelayo. Uyokwazisa umfundi ngalokhu ngalo lolo suku futhi abonise lemfanelo yenkulumo epheshaneni lomfundi elilandelayo leSabelo SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini (S-89). Labo abazonikeza izinkulumo kufanele bahlale ngaphambili ehholo. Lokhu kuyokonga isikhathi futhi kwenze ukuba umbonisi wesikole akwazi ukweluleka ngokuqondile umfundi ngamunye. Uma isikhathi sivuma ngemva kokunikeza iseluleko somlomo esidingekayo, umeluleki anganikeza ukukhulumela ngamaphuzu afundisayo nakhayo abafundi abangawahlanganisanga. Umbonisi wesikole kumelwe aqaphele ukuba angasebenzisi imizuzu engaphezu kwemibili ngeseluleko nanganoma ikuphi okunye ukukhulumela okufushane akunikezayo ngemva kwenkulumo yomfundi ngamunye. Uma inkulumo yamaphuzu avelele eBhayibheli ibingekho ezingeni elifanele, kungase kunikezwe iseluleko ngasese.

UKULUNGISELELA IZINKULUMO: Ngaphambi kokuba alungiselele inkulumo ayabelwe, umfundi kufanele afunde ngokucophelela ukwaziswa okukwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole okuphathelene nemfanelo yenkulumo okufanele ayisebenzele. Abafundi ababelwe iNkulumo No. 2 kufanele bakhethe isihloko esifanelana nengxenye yeBhayibheli abazoyifunda. Ezinye izinkulumo kumelwe zibekwe ngokuvumelana nesihloko esikulesi simiso.

ISIKHATHI: Akekho umuntu okufanele eqe isikhathi, ngisho neseluleko nokukhulumela kukameluleki. IziNkulumo NO. 2 kuya ku-4 kumelwe zimiswe ngokuhlakanipha uma isikhathi sesiphelile. Lowo owabelwe ukunikeza uphawu lokuphela kwesikhathi kufanele akwenze ngokushesha lokho. Lapho abazalwane abasingethe iNkulumo No. 1 namaphuzu avelele eBhayibheli beqa isikhathi, kufanele banikezwe iseluleko ngasese. Sonke kufanele sigcine isikhathi sethu ngokucophelela. Isimiso sisonke: imizuzu engu-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.

UKUBUKEZA OKULOTSHWAYO: Ngezikhathi ezithile kuyoba nokubukeza okulotshwayo. Lapho ulungiselela, bukeza ukwaziswa okwabiwe futhi uqedele ukufundwa kweBhayibheli okwabiwe. IBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe phakathi nalokhu kubukeza kwemizuzu engu-25. Isikhathi esisele siyoba ngesokuxoxa ngemibuzo nezimpendulo. Umfundi ngamunye uyophawula iphepha lakhe. Umbonisi wesikole uyozicabangela nezilaleli izimpendulo zemibuzo yokubukeza futhi agxile emibuzweni enzinyana, esiza bonke ukuba baziqonde kahle izimpendulo. Uma izimo zebandla zibizela lokho, ukubukeza okulotshwayo kungenziwa ngesonto elilandela lelo eliboniswe esimisweni.

ISIMISO

Jan. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 13 kuya ku-15

INgoma No. 191

No. 1: Ukuziphatha Okusihlukanisayo Nezwe (jv-ZU k. 178 isig. 4–k. 183 isig. 2)

No. 2: Jeremiya 14:10-22

No. 3: td-ZU 37A Lokho UMbuso KaNkulunkulu Oyokwenzela Isintu

No. 4: UJesu Akayanga Ezulwini Ngomzimba Wenyama (rs-ZU k. 409 isig. 1)

Jan. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 16 kuya ku-19

INgoma No. 157

No. 1: Inhlonipho Ngokuphila Nokuhlanzeka Kwenhlangano Ngokokuziphatha (jv-ZU k. 183 isig. 3–k. 187)

No. 2: Jeremiya 18:1-17

No. 3: td-ZU 37B Ukubusa KoMbuso Kuqala Ngesikhathi Izitha ZikaKristu Zisekhona

No. 4: Isizathu Esenza UJesu Avele Ngomzimba Wenyama (rs-ZU k. 410 izig. 1-5)

Jan. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 20 kuya ku-22

INgoma No. 24

No. 1: AmaKristu Eqiniso Awayona Ingxenye Yezwe (jv-ZU k. 188–k. 192 isig. 2)

No. 2: Jeremiya 20:1-13

No. 3: td-ZU 37C UMbuso KaNkulunkulu Awulethwa Imizamo Yomuntu

No. 4: Labo Abavuselwa Ukubusa NoKristu Bayofana Naye (rs-ZU k. 411 izig. 1-5)

Jan. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 23 kuya ku-25

INgoma No. 38

No. 1: Ubuqotho KuNkulunkulu Nokungathathi-hlangothi KobuKristu (jv-ZU k. 192 isig. 3–k. 195 isig. 3)

No. 2: Jeremiya 23:16-32

No. 3: td-ZU 17A Lokho Okushiwo ‘Ukuphela Kwezwe’

No. 4: Lokho Uvuko Oluyokusho Ngesintu Sisonke (rs-ZU k. 412 izig. 1-4)

Jan. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 26 kuya ku-28

INgoma No. 163

No. 1: Amasiko Ezwe Abekela Ukuthembeka KomKristu Inselele (jv-ZU k. 196 isig. 1–k. 201)

No. 2: Jeremiya 26:1-16

No. 3: td-ZU 17B Phaphamela Ubufakazi Bezinsuku Zokugcina

No. 4: Isizathu Sokuba Abayovuswa Bangahlulelwa Ngokwezenzo Zabo Zesikhathi Esidlule (rs-ZU k. 413 isig. 2)

Feb. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 29 kuya ku-31

INgoma No. 185

No. 1: Ukuthuthuka Kwakuqala Kwenhlangano Yosuku Lwanamuhla (jv-ZU k. 204–k. 209 isig. 1)

No. 2: Jeremiya 31:27-40

No. 3: td-ZU 34A UNkulunkulu Uthembisa Isintu Esilalelayo Ukuphila Okuphakade

No. 4: Indlela “Abafileyo Ababesele” Abaphila Ngayo Emhlabeni (rs-ZU k. 413 isig. 3–k. 414 isig. 2)

Feb. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 32 no-33

INgoma No. 6

No. 1: Ukuhlela Ukuba Izindaba Ezinhle Zishunyayelwe (jv-ZU k. 209 isig. 2–k. 217 isig. 1)

No. 2: Jeremiya 33:1-3, 14-26

No. 3: td-ZU 34B Yilabo Abakha Umzimba KaKristu Kuphela Abaya Ezulwini

No. 4: Labo Abayohlanganiswa Ovukweni Lwasemhlabeni (rs-ZU k. 414 isig. 3–k. 415 isig. 4)

Feb. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 34 kuya ku-37

INgoma No. 98

No. 1: INhlangano Engokwasezulwini Nezinzuzo Zayo (jv-ZU k. 217 isig. 2–k. 221 isig. 4)

No. 2: Jeremiya 35:1-11, 17-19

No. 3: td-ZU 34C Ukuphila Okuphakade Kuthenjiswe Inani Elingenakulinganiswa ‘Lezinye Izimvu’

No. 4: Izenzakalo Ezihambisana Nokuba Khona KukaKristu Zenzeka Enkathini Ethile Yeminyaka (rs-ZU k. 263 isig. 1, 2)

Feb. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 38 kuya ku-41

INgoma No. 91

No. 1: Ababonisi Abajikelezayo Baqinisa Amabandla (jv-ZU k. 222 isig. 1–k. 227 isig. 4)

No. 2: Jeremiya 38:1-13

No. 3: td-ZU 41A Isibopho Somshado Kumelwe Sihlonishwe

No. 4: Ukubuya KukaKristu Akubonakali (rs-ZU k. 264 isig. 1–3)

Mar. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 42 kuya ku-45

INgoma No. 184

No. 1: Ukulungisa Okungokwasezulwini Nokuqeqeshwa Kwababonisi (jv-ZU k. 228 isig. 1–k. 233 isig. 1)

No. 2: Jeremiya 43:1-13

No. 3: td-ZU 41B Isimiso Sobunhloko Kumelwe Sihlonishwe NgamaKristu

No. 4: Indlela Yokuza KukaJesu Neyokubonwa Kwakhe Amehlo Onke (rs-ZU k. 264 isig. 5–k. 265 isig. 6)

Mar. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 46 kuya ku-48

INgoma No. 53

No. 1: Ukulungiselela Ukwanda Okusheshayo (jv-ZU k. 233 isig. 2–k. 235)

No. 2: Jeremiya 48:1-15

No. 3: td-ZU 41C Umthwalo Wemfanelo Wabazali AbangamaKristu Kubantwana

No. 4: Izenzakalo Ezihlangene Nokuba Khona KukaKristu (rs-ZU k. 266 izig. 1-5)

Mar. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 49 no-50

INgoma No. 65

No. 1: Imihlangano Ehlangabezana Nezidingo Ezingokomoya (jv-ZU k. 236–k. 241 isig. 1)

No. 2: Jeremiya 49:1-11, 15-18

No. 3: td-ZU 41D AmaKristu Kufanele Ashade NamaKristu Akanye Nawo Kuphela

No. 4: AmaKristu Akudingeki Agcine ISabatha (rs-ZU k. 120 isig. 1–k. 121 isig. 1)

Mar. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 51 no-52

INgoma. No. 70

No. 1: UJeremiya—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 129 izig. 36-39)

No. 2: Jeremiya 51:41-57

No. 3: td-ZU 41E AmaKristu Eqiniso Awasithathi Isithembu

No. 4: Awukho Umbhalo Ogciniwe WeBhayibheli Wokuthi U-Adamu Wagcina ISabatha (rs-ZU k. 121 isig. 2-4)

Apr. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: IsiLilo 1 no-2

INgoma. No. 140

No. 1: Isethulo Sencwadi YesiLilo (si-ZU kk. 130-1 izig. 1-7)

No. 2: IsiLilo 2:13-22

No. 3: td-ZU 31A UMariya Wayengeyena “Unina KaNkulunkulu”

No. 4: UJesu Akazange Awuhlukanise Phakathi UMthetho KaMose Waba Izingxenye “Zemikhosi” “Nezokuziphatha” (rs-ZU k. 122 isig. 1, 2)

Apr. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: IsiLilo 3 kuya ku-5

INgoma. No. 194

No. 1: IsiLilo—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 132 izig. 13-15)

No. 2: IsiLilo 5:1-22

No. 3: td-ZU 31B IBhayibheli Libonisa Ukuthi UMariya “Akahlalanga Eyincasakazi”

No. 4: Imiyalo Eyishumi Yaphela NoMthetho KaMose (rs-ZU k. 122 isig. 3–k. 123 isig. 1)

Apr. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 1 kuya ku-4

INgoma. No. 124

No. 1: Isethulo Sencwadi KaHezekeli (si-ZU kk. 132-3 izig. 1-6)

No. 2: Hezekeli 3:16-27

No. 3: td-ZU 14A Lokho Okushiwo ImiBhalo NgeSikhumbuzo

No. 4: Isizathu Sokuba Ukuzibamba Kokuziphatha Kungasuswa Ngesikhathi Kupheliswa Imiyalo Eyishumi (rs-ZU k. 123 izig. 2, 3)

Apr. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 5 kuya ku-8

INgoma. No. 30

No. 1: Ukugubha Umkhosi Wokufa KweNkosi (jv-ZU k. 242 isig. 1–k. 243 isig. 4)

No. 2: Hezekeli 5:1-15

No. 3: td-ZU 14B Ukugubha IMisa Akukho NgokomBhalo

No. 4: Lokho Okushiwo ISabatha KumaKristu (rs-ZU k. 124 isig. 1–k. 125 isig. 4)

Apr. 29 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela uJeremiya 13 kuya kuHezekeli 8

INgoma. No. 155

May 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 9 kuya ku-11

INgoma. No. 183

No. 1: Intsha Iyanakwa Futhi Yonke Ikhuthazwa Ukuba Ishumayele (jv-ZU k. 244 isig. 1–k. 248 isig. 3)

No. 2: Hezekeli 9:1-11

No. 3: td-ZU 13A Wonke AmaKristu Kumelwe Abe Yizikhonzi

No. 4: UNkulunkulu Ufuna Ukuba Ube Nekusasa Elijabulisayo (kl-ZU kk. 6-7 izig. 1-5)

May 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 12 kuya ku-14

INgoma. No. 109

No. 1: Imihlangano Ihlelelwa Bonke Ukuba Babone Futhi Bezwe (jv-ZU k. 248 isig. 4–k. 253)

No. 2: Hezekeli 14:1-14

No. 3: td-ZU 13B Izindinganiso Zokufanelekela Inkonzo

No. 4: Ukuphila Okumi Phakade EPharadesi—Akulona Iphupho (kl-ZU kk. 7-9 izig. 6-10)

May 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 15 no-16

INgoma. No. 4

No. 1: Imihlangano Emikhulu Inikeza Ubufakazi Bobuzalwane Bethu (jv-ZU k. 254–k. 260 isig. 2)

No. 2: Hezekeli 16:46-63

No. 3: td-ZU 33A Isizathu Sokushushiswa KwamaKristu Eqiniso

No. 4: Indlela Ukuphila Okuyoba Yiyo EPharadesi (kl-ZU kk. 9-10 izig. 11-16)

May 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 17 kuya ku-19

INgoma. No. 225

No. 1: Okwaqopha Umlando Ekukhuleni Ngokomoya (jv-ZU k. 260 isig. 3–k. 264 isig. 5)

No. 2: Hezekeli 18:21-32

No. 3: td-ZU 33B Umfazi Akumelwe Avumele Indoda Imehlukanise NoNkulunkulu

No. 4: Isizathu Sokubaluleka Kolwazi NgoNkulunkulu (kl-ZU kk. 10-11 izig. 17-19)

June 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 20 no-21

INgoma. No. 180

No. 1: Imihlangano Inikeza Amandla Okwenza Umsebenzi Wokushumayela (jv-ZU k. 265 isig. 1–k. 268 isig. 3)

No. 2: Hezekeli 21:18-32

No. 3: td-ZU 33C Indoda Akufanele Ivumele Umkayo Ayivimbele Ekukhonzeni UNkulunkulu

No. 4: Incwadi Eyembula Ulwazi NgoNkulunkulu (kl-ZU kk. 12-13 izig. 1-6)

June 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 22 no-23

INgoma. No. 97

No. 1: Imibuthano Ekhumbulekayo Yabantu BakaJehova (jv-ZU k. 268 isig. 4–k. 275 isig. 1)

No. 2: Hezekeli 22:17-31

No. 3: td-ZU 42A Imithandazo Ezwiwa UNkulunkulu

No. 4: Lokho IBhayibheli Elikwembulayo NgoNkulunkulu (kl-ZU kk. 14-15 izig. 7-9)

June 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 24 kuya ku-26

INgoma. No. 46

No. 1: Imihlangano Eyahlelelwa Ukudumisa UJehova Emhlabeni Wonke (jv-ZU k. 275 isig. 2–k. 282)

No. 2: Hezekeli 26:1-14

No. 3: td-ZU 42B Isizathu Sokuba Eminye Imithandazo Ibe Yize

No. 4: Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli (kl-ZU kk. 15-16 izig. 10-13)

June 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 27 kuya ku-29

INgoma. No. 172

No. 1: Funa UMbuso KaNkulunkulu Kuqala (jv-ZU k. 283–k. 287 isig. 1)

No. 2: Hezekeli 29:1-16

No. 3: td-ZU 32A Umuntu Akamiselwa Kusengaphambili

No. 4: IBhayibheli Linembile Futhi Linokwethenjelwa (kl-ZU k. 17 izig. 14, 15)

July 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 30 kuya ku-32

INgoma. No. 85

No. 1: Ukuthembela KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yabo (jv-ZU k. 287 isig. 2–k. 292 isig. 5)

No. 2: Hezekeli 31:1-14

No. 3: td-ZU 11A Ukuphila Kobuntu KukaJesu Kwaba “Isihlengo Sabo Bonke”

No. 4: IBhayibheli Liyincwadi Yeziprofetho (kl-ZU kk. 17-18 izig. 16-18)

July 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 33 no-34

INgoma. No. 35

No. 1: Bashukunyiswa Uthando Ukuba Bakhonze UNkulunkulu (jv-ZU k. 292 isig. 6–k. 298 isig. 2)

No. 2: Hezekeli 34:17-30

No. 3: td-ZU 11B Isizathu Sokuba Kube UJesu Owayengakhokha Isihlengo

No. 4: Iziprofetho ZeBhayibheli NgoJesu (kl-ZU kk. 19-21 izig. 19, 20)

July 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 35 kuya ku-37

INgoma. No. 128

No. 1: Ukuphayona Nokusebenzisa Amathuba Okufakaza (jv-ZU k. 299 isig. 1–k. 303)

No. 2: Hezekeli 35:1-15

No. 3: td-ZU 8A Indlela Yokubona Inkolo Eyodwa Yeqiniso

No. 4: Yakha Ukulangazelela Ulwazi NgoNkulunkulu (kl-ZU kk. 21-2 izig. 21-3)

July 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 38 no-39

INgoma. No. 173

No. 1: Ukukhula Othandweni Ndawonye (jv-ZU k. 304–k. 307 isig. 1)

No. 2: Hezekeli 38:1-4, 10-12, 18-23

No. 3: td-ZU 8B Ingabe Akulungile Ukulahla Izimfundiso Zamanga?

No. 4: UNkulunkulu Weqiniso Negama Lakhe (kl-ZU kk. 23-4 izig. 1-5)

July 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 40 kuya ku-44

INgoma. No. 115

No. 1: Uthando Lobuzalwane Ngezisulu Zempi (jv-ZU k. 307 isig. 2–k. 310 isig. 1)

No. 2: Hezekeli 40:1-15

No. 3: td-ZU 8C Lapho UNkulunkulu Ekuvumela Khona Ukuba Umuntu Ashintshe Inkolo

No. 4: Isizathu Sokuba Usebenzise Igama LikaNkulunkulu (kl-ZU kk. 24-5 izig. 6-8)

Aug. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Hezekeli 45 kuya ku-48

INgoma. No. 112

No. 1: UHezekeli—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 137 izig. 29-33)

No. 2: Hezekeli 47:1-12

No. 3: td-ZU 8D Ingabe UNkulunkulu Ubona Ubuhle Kuzo Zonke Izinkolo?

No. 4: Indlela UJehova Alenza Ngayo Igama Lakhe Laba Likhulu (kl-ZU kk. 25-7 izig. 9-13)

Aug. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 1 no-2

INgoma. No. 82

No. 1: Isethulo Sencwadi KaDaniyeli (si-ZU kk. 138-9 izig. 1-6)

No. 2: Daniyeli 2:31-45

No. 3: td-ZU 43A Obani Abayovuswa Kwabafileyo?

No. 4: Izimfanelo ZikaNkulunkulu Weqiniso (kl-ZU kk. 27-8 izig. 14-16)

Aug. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 3 no-4

INgoma. No. 135

No. 1: Uthando LobuKristu Lapho Kugadla Izinhlekelele Zemvelo (jv-ZU k. 310 isig. 2–k. 315 isig. 2)

No. 2: Daniyeli 3:16-30

No. 3: td-ZU 43B Bayovuselwaphi Abafileyo?

No. 4: UJehova UNkulunkulu Ugcwele Isihe Futhi Unomusa (kl-ZU kk. 28-9 izig. 17-19)

Aug. 26 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela uHezekeli 9 kuya kuDaniyeli 4

INgoma. No. 201

Sept. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 5 no-6

INgoma. No. 29

No. 1: Ubuzalwane Obunobunye Lapho Bebhekene Nokushushiswa (jv-ZU k. 315 isig. 3–k. 317)

No. 2: Daniyeli 6:4-11, 16, 19-23

No. 3: td-ZU 27A Ukubuya KukaKristu Akubonakali

No. 4: UJehova Wephuza Ukuthukuthela, Akakhethi, Futhi Ulungile (kl-ZU k. 30 izig. 20, 21)

Sept. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 7 no-8

INgoma. No. 148

No. 1: Ukwakha Ndawonye Embulungeni Yonke (jv-ZU k. 318 isig. 1–k. 325 isig. 4)

No. 2: Daniyeli 7:2-14

No. 3: td-ZU 27B Ukubuya KukaKristu Kuqashelwa Ngamaqiniso Abonakalayo

No. 4: UJehova UNkulunkulu Munye (kl-ZU kk. 30-1 izig. 22, 23)

Sept. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 9 no-10

INgoma. No. 105

No. 1: Ukulungisa Nokwandiswa Komsebenzi Wokwakha (jv-ZU k. 325 isig. 5–k. 333 isig. 3)

No. 2: Daniyeli 9:20-27

No. 3: td-ZU 10A AmaKristu Awabophekile Ukuba Agcine ISabatha

No. 4: UJesu Kristu Uyisihluthulelo Solwazi NgoNkulunkulu (kl-ZU kk. 32-3 izig. 1-3)

Sept. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Daniyeli 11 no-12

INgoma. No. 168

No. 1: UDaniyeli—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 141-2 izig. 19-23)

No. 2: Daniyeli 12:1-13

No. 3: td-ZU 10B UMthetho WeSabatha Awunikezwanga AmaKristu

No. 4: UMesiya Owayethenjisiwe (kl-ZU k. 33 izig. 4, 5)

Sept. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Hoseya 1 kuya ku-5

INgoma. No. 205

No. 1: Isethulo Sencwadi KaHoseya (si-ZU kk. 143-4 izig. 1-8)

No. 2: Hoseya 5:1-15

No. 3: td-ZU 10C Isikhathi Sokuqala Nesokuphela KweSabatha LikaNkulunkulu Lokuphumula

No. 4: Uhlu Lozalo LukaJesu Lumphawula NjengoMesiya (kl-ZU k. 34 isig. 6)

Oct. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Hoseya 6 kuya ku-10

INgoma. No. 166

No. 1: Ukwanda Okusheshayo Embulungeni Yonke (jv-ZU k. 333 isig. 4–k. 339)

No. 2: Hoseya 8:1-14

No. 3: td-ZU 9A Insindiso Ivela KuNkulunkulu NgoKristu Kuphela

No. 4: Iziprofetho Ezigcwalisekile Ziphawula UJesu NjengoMesiya (kl-ZU k. 34-6 izig. 7, 8)

Oct. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Hoseya 11 kuya ku-14

INgoma. No. 92

No. 1: UHoseya—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 145 izig. 14-17)

No. 2: Hoseya 11:1-12

No. 3: td-ZU 9B Ukuthi “Uma Usuke Wasindiswa, Usindiswe Phakade” Akukho NgokomBhalo

No. 4: Ubufakazi Obengeziwe Bokuthi UJesu WayenguMesiya (kl-ZU k. 36 isig. 9)

Oct. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Joweli 1 kuya ku-3

INgoma. No. 161

No. 1: Isethulo Sencwadi KaJoweli Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 146-8 izig. 1-5, 12-14)

No. 2: Joweli 2:1-11, 28-32

No. 3: td-ZU 9C “Ukusindiswa Kwabantu Endaweni Yonke” Akukho NgokomBhalo

No. 4: UJehova Unikeza Ubufakazi NgeNdodana Yakhe (kl-ZU k. 38 izig. 10, 11)

Oct. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Amose 1 kuya ku-5

INgoma. No. 199

No. 1: Isethulo Sencwadi Ka-Amose (si-ZU kk. 148-9 izig. 1-6)

No. 2: U-Amose 3:1-15

No. 3: td-ZU 16A Lokho Isono Esiyikho

No. 4: Ukuphila KukaJesu Ngaphambi Kokuba Abe Umuntu (kl-ZU k. 39 izig. 12-14)

Nov. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Amose 6 kuya ku-9

INgoma. No. 18

No. 1: Amose—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU k. 150 izig. 13-17)

No. 2: Amose 8:1-14

No. 3: td-ZU 16B Isizathu Sokuba Bonke Abantu Bahlupheke Ngesono Sika-Adamu

No. 4: Inkambo KaJesu Yokuphila Emhlabeni (kl-ZU kk. 40-1 izig. 15-17)

Nov. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: U-Obadiya kuya kuJona 4

INgoma. No. 26

No. 1: Isethulo Sencwadi Ka-Obadiya NekaJona Nezizathu Zokuba Zibe Nenzuzo (si-ZU kk. 151-3 izig. 1-5, 10-14; k. 153-5 izig. 1-4, 9-12)

No. 2: Jona 3:10; 4:1-11

No. 3: td-ZU 16C Sasiyini Isithelo Esenqatshelwa?

No. 4: UJesu Uyaphila Futhi Uyabusa NjengeNkosi (kl-ZU kk. 41-2 izig. 18-20)

Nov. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Mika 1 kuya ku-4

INgoma. No. 138

No. 1: Isethulo Sencwadi KaMika (si-ZU kk. 155-6 izig. 1-8)

No. 2: Mika 4:1-12

No. 3: td-ZU 16D Kusho Ukuthini Ukona Umoya Ongcwele?

No. 4: Ukukhulekela Okwamukelwa UNkulunkulu (kl-ZU kk. 43-5 izig. 1-5)

Nov. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Mika 5 kuya ku-7

INgoma. No. 89

No. 1: UMika—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 157-8 izig. 16-19)

No. 2: Mika 6:1-16

No. 3: td-ZU 40A Uyini Umphefumulo?

No. 4: Ukwenza Intando KaNkulunkulu (kl-ZU kk. 46-7 izig. 6-10)

Dec. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Nahume 1 kuya ku-3

INgoma. No. 136

No. 1: Isethulo Sencwadi KaNahume Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 158-60 izig. 1-7, 11, 12)

No. 2: Nahume 1:2-14

No. 3: td-ZU 40B Uyini Umehluko Phakathi Komphefumulo Nomoya?

No. 4: Khulekela UNkulunkulu Ngendlela Yakhe (kl-ZU k. 48 izig. 11-13)

Dec. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Habakuki 1 kuya ku-3

INgoma. No. 144

No. 1: Isethulo Sencwadi KaHabakuki Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 161-3 izig. 1-5, 12-14)

No. 2: Habakuki 1:12–2:8

No. 3: td-ZU 39A Uyini Umoya Ongcwele?

No. 4: Qaphela Ukuba Ungamthukuthelisi UNkulunkulu (kl-ZU kk. 49-50 izig. 14-17)

Dec. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Zefaniya 1 kuya ku-3

INgoma. No. 146

No. 1: Isethulo Sencwadi KaZefaniya Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 163-6 izig. 1-6, 10-12)

No. 2: Zefaniya 1:7-18

No. 3: td-ZU 39B Amandla Okuphila Omuntu Nawesilwane Abizwa Ngokuthi Umoya

No. 4: Gcina Izindinganiso ZikaNkulunkulu Eziphakeme (kl-ZU kk. 50-1 izig. 18, 19)

Dec. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Hagayi 1 no-2

INgoma. No. 164

No. 1: Isethulo Sencwadi KaHagayi Nesizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (si-ZU kk. 166-8 izig. 1-7, 13-16)

No. 2: Hagayi 2:6-19

No. 3: td-ZU 39C Isizathu Sokuba AmaKristu Eqiniso Agweme Zonke Izinhlobo Zokusetshenziswa Kwemimoya

No. 4: Khulekela UJehova Ngomphefumulo Wonke (kl-ZU kk. 51-2 izig. 20-2)

Dec. 30 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedela uDaniyeli 5 kuya kuHagayi 2

INgoma. No. 177

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela