IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-October: Isikhokhelo sonyaka se-Phaphama! noma INqabayokulinda esifika ngeposi ngomnikelo ka-R33,00 esomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga ngo-R16,50. Izikhokhelo ze-club system zingu-R19,00 no-R9,50 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini lapho isikhokhelo senqatshwa. Ngo-November: Hambisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki kanye nencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R10,90. Ngo-December nango-January: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R10,50.
◼ SIZANI NIPHAWULE: Ngenyanga ka-October no-November sinikhuthaza ukuba nihambise incwadi ethi Ungaphila Phakade ngomnikelo okhethekile kanye nesipho senyanga esivamile. Lesi sipho esikhethekile sizoqhubeka sihanjiswa ukuze siqede sonke isitokwe esisekhona salencwadi.
◼ Amabandla manje asenga-oda itekisi lonyaka ka-1996, elitholakala ngo-R13,00 lilinye, ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Inani lalo lizofakwa ku-akhawunti yezincwadi. Amabandla anesikweleti ku-akhawunti yawo kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Kusikiselwa ukuba wonke amabandla afake itekisi lonyaka elisha ngo-January 1, 1996.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1996 e-odeni lawo elivamile lezincwadi kusukela ngo-October 1. Lezi zincwajana zizotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiKwanyama, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, nesiZulu. Kuze kube yilapho lezi zincwadi sezitholakala futhi sezithunyelwe, ziyobhalwa ngokuthi “Back Ordered” kuma-invoice ebandla. Izincwajana ezithi Ukuhlola ImiBhalo ziyizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi ziyofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngo-R1,80 iyinye, okuyinani lommemezeli nephayona. Amaphayona avamile nakhethekile abesohlwini ngaphambi kuka-July 1, 1995, angathola eyodwa ngesihle. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Izincwadi ezinikezwe amaphayona mahhala kufanele ziboniswe ngokuhlukile efomini leMali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20). Kufanele zi-odwe ngebandla. SIKHUTHAZA WONKE AMALUNGU OMKHAYA, KUHLANGANISE NEZINGANE EZIKWAZIYO UKUFUNDA, UKUBA ABE NEZINCWAJANA ZAWO SIQU.
◼ Isenezelo sale-Nkonzo Yethu YoMbuso ‘siyiSimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sango-1996.’ Kufanele sigcinwe ukuze sisetshenziswe kuwo wonke u-1996.
◼ AmaKomiti Enkonzo kufanele asize athumele eNhlanganweni okuhlangenwe nakho okuvelele komkhankaso wensimu engabelwe. Siyokujabulela ukukuthola ngo-November 15, 1995.
◼ Amaphayona akhethekile, avamile nasizayo angase akwazi ukwenza izikhokhelo zawo siqu ngenani lamaphayona uma ezenza ngebandla lakubo. Inani lamaphayona alisebenzi ezikhokhelweni eziyisipho ezenzelwa abamemezeli. Futhi, abamemezeli abangamalungu omkhaya wephayona abangewona amaphayona kufanele bathole izikhokhelo zabo ngenani lebandla elivamile.