Imihlangano Yenkonzo Ka-April
Isonto Eliqala Ngo-April 3
INgoma 203
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Bukeza esithi “Lungiselelani ISikhumbuzo.” Khumbuza labo bamemezeli abangakayifaki imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-March ukuba bakwenze lokho ngokushesha. Unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqikelele ukuba ifakwe yonke imibiko engakafakwa yenyanga edlule.
15 imiz: “Ukubonga Ngalokho Esinakho.” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, nikeza amaphuzu engeziwe asekelwe ku-Nqabayokulinda ka-August 1, 1990, amakhasi 19-20 izigaba 15-20.
20 imiz: “INqabayokulinda Ne-Phaphama!—Omagazini Bezikhathi Zethu Eziphuthumayo!” Xoxa nezilaleli. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukwazisa omagazini. (g91-ZU 7/22 k. 9) Yiba nabamemezeli ababili bebonisa indlela yokulungiselela intshumayelo besebenzisa ukusikisela okunikeziwe, bese benza umboniso benikeza izintshumayelo zabo komunye nomunye.
INgoma 219 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 10
INgoma 212
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali nokubonga umnikelo. IZindaba Ezingokwasezulwini. Bakhumbuze bonke ngesidingo sokusiza abantu abathakazelayo ukuba babe khona eSikhumbuzweni. Bakhuthaze bonke ukuba benze umzamo okhethekile wokuhlanganyela enkonzweni yasensimini kulempelasonto.
15 imiz: “Ukulondoloza Ubunye Bethu BoMbuso.” Xoxa nezilaleli.
20 imiz: ‘Okuningi Kokukwenza Emsebenzini weNkosi.’ Sihlanganiswe umbonisi wenkonzo ngemibuzo nezimpendulo. Bukeza amalungiselelo enezelwe okusakaza i-Kingdom News ekhethekile endlini ngendlu. Xoxani ngamalungiselelo okuhlanganisa yonke insimu eyabelwe ibandla lenu. Chaza ukuthi yini okufanele yenziwe ukuze kusizwe abasanda kuhlanganyela ukuba baqale ukuhlanganyela enkonzweni ngokokuqala ngqá. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1995, ikhasi 1.)
INgoma 150 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 17
INgoma 214
13 imiz: Izaziso zebandla. Landisa ama-phuzu avelele akhuthazayo okugujwa kweSikhumbuzo, bese ubukeza izindlela okunganikezwa ngazo usizo oluqhubekayo kulabo abasanda kuhlanganyela ababekhona. Khuthaza bonke ukuba babekhona enkulumweni ekhethekile ngo-April 23 futhi basize abasanda kuthakazela ukuba babuye. Bukeza amalungiselelo enkonzo yasensimini okusakaza i-Kingdom News.
15 imiz: “Ingabe Uyasibona Isidingo?” Imibuzo nezimpendulo. Landisa kafushane imigomo yamanje abadala abazama ukuyifinyelela emsebenzini wabo wokwalusa. Chaza lokho abantu ngabanye abangakwenza ukuze basize.
17 imiz: “Funa Abantu Abafundisekayo.” Xoxa ngokubaluleka kokwenza izimpindelo. Khuthaza ukusetshenziswa kweBhayibheli. Makube nomboniso omfushane owodwa noma emibili yezintshumayelo.
INgoma 197 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 24
INgoma 167
15 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza intuthuko yokusakazwa kwe-Kingdom News ensimini. Mema abamemezeli ukuba balandise okuhlangenwe nakho okujatshulelwayo ekuhambiseni i-Kingdom News. Sikisela izindlela zokuhambisa omagazini ezingafaneleka ensimini yebandla. Yazisa nganoma imaphi amalungiselelo enzelwe ibandla okuhlanganyela ekufakazeni kusihlwa. Bakhumbuze bonke, kuhlanganise nalabo abasanda kufaneleka njengabamemezeli abangabhapathiziwe, ukuba bayifake ngesikhathi imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-April. Uma sonke singabambisana kungafinyelelwa inani elikhulu elisha labamemezeli ngo-April.
12 imiz: Izidingo zebandla. Noma unikeze inkulumo ethi Yiba Okhuthazayo Kwabanye, esekelwe ku-Nqabayokulinda ka-January 15, 1995, amakhasi 21-3.
18 imiz: Qhuba Isifundo Somkhaya Wakho Njalo. Indoda nenkosikazi bazwakalisa ukukhathazeka ngokungabibikho kwentuthuko engokomoya kubantwana babo. Indoda iyavuma ukuthi iye yakudebeselela ukuqhuba isifundo somkhaya; ngezinye izikhathi ayadlula nje amasonto athile kungazange kube khona ukufundiswa komkhaya. Babukeza iseluleko nesiqondiso esinikezwa kwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole, amakhasi 36-7, izigaba 12-14. Bobabili bayavumelana ngokuthi masonto onke bazosinikeza indawo yokuqala isifundo somkhaya, bangavumeli eminye imisebenzi ukuba iphazamise.
INgoma 142 nomthandazo wokuphetha.