Ukulondoloza Ubunye Bethu BoMbuso
1 UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo, onamandla negunya. Wawuyisihloko sokushumayela kukaJesu. (Math. 4:17) Ukufundisa abanye nokufakazela iqiniso loMbuso kwakuyingxenye eyinhloko yenkonzo kaJesu. Wasifundisa ukuba sithandazele uMbuso futhi siqhubeke sifuna wona kuqala. (Math. 6:9, 10, 33) Ukuhlala siseduze noJehova nenhlangano yakhe, sifeza ukuthunywa kwethu kokushumayela, futhi sizigcina sehlukile ezweni kusenza sikwazi ukulondoloza ubunye bethu boMbuso. Ngezenzo zethu nangamazwi, sibonisa ukuthi sisohlangothini loMbuso.—Joh. 18:37.
2 Kusukela ngo-1914, loMbuso uye waba yinto engokoqobo ezigidini zezikhonzi. Ubunye obuboniswa yilezizikhonzi zoMbuso buhluke ngokuphawulekayo kulelizwe elihlukene. Kufanele siwenze ube ngokoqobo uMbuso ekuphileni kwethu ukuze ube amandla ahlanganisayo. Yini ewenza ube ngokoqobo kithi?
3 Njengabanye ohulumeni, uMbuso une-mithetho. Nokho, uhlukile ngoba imithetho yawo itholakala eBhayibhelini. Ukufunda iZwi likaNkulunkulu njalo kusinikeza izikhumbuzo esizidingayo zalokho okudingekayo kithi njengezikhonzi zoMbuso. Isifundo somuntu siqu sezincwadi zethu kanye nesiqondiso esivela ‘esigqileni esikholekile nesiqondayo’ kusisiza ukuba sisebenzise imithetho kaNkulunkulu ekuphileni kwethu kwansuku zonke. (Math. 24:45) Lapho sikusebenzisa kithi siqu, uMbuso uba ngokoqobo ngokwengeziwe kithi, usenze sisondelane kakhudlwana ebuzalwaneni bethu bomhlaba wonke, usenze sibe umkhaya ohlangene wabakhulekeli ngaphansi kokubusa kukaJesu.
4 Ubunye Obubangelwa Ukushumayela NgoMbuso: Sithunywe ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso “ezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Ukushumayela “nganhliziyonye” kuyasihlanganisa njengoba silwela ‘ukukhazimulisa’ uJehova. (Roma 15:5, 6) Ukuhlanganyela kukho ngentshiseko nezisebenzi esikanye nazo emhlabeni wonke kuqinisa ukholo lwethu futhi kuvumele umoya kaJehova ukuba usebenze ngathi ukuze kufezeke intando yakhe. ‘Ukuba nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi’ kusenza sibe “abagxilile, abangenakunyakaziswa.”—1 Kor. 15:58.
5 Emazweni amaningi uSathane uzama ukuqeda ubunye bethu ngokuphazamisa umsebenzi wethu wokushumayela. Usebenzisa zonke izindlela anazo ukuba atshale ukungezwani futhi adale izingxabano, ukuze azame ukuveza ukulwa nombango. (IzAga 6:19; Gal. 5:19-21, 26) Angathanda ukuba sihileleke ezimpikiswaneni zezwe size ngisho sisekele nohlangothi oluthile ezimpikiswaneni ezingokombangazwe nezingokwenhlalo. (Jak. 3:14-16) ImiBhalo iseluleka ukuba simelane nethonya lakhe; uma kungenjalo uzosishwabadela njengezisulu zakhe. (1 Pet. 5:8, 9) Ukuba ngokoqobo kwethemba loMbuso akumelwe kuvunyelwe ukuba kufiphale ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu.
6 Ukulondoloza ubunye bethu kudinga ukuhluzeka kwengqondo nokuhlakanipha kwaphezulu. Lapho kuphakama ubunzima, ikakhulukazi uma buhilela abazalwane bethu, kumelwe sibonakalise izithelo zomoya ukuze silondoloze ukuthula. Imikhuba yezwe, enjengokuqhosha, ukuhaha, nokuzazisa, ibangela ukwahlukana futhi kufanele inqotshwe. (Efe. 4:1-3; Kol. 3:5-10, 12-14) Kudingeka sigcine izingqondo zethu zigxile emiqondweni eyakhayo. UMbuso uyinto engokoqobo ekuphileni kwethu! Kodwa kufanele siphaphame ukuze siwugcine unjalo!—Efe. 6:11, 13.
7 Ukuba ngokoqobo kwethemba lethu elimangalisayo loMbuso kuyasihlanganisa emoyeni wobunye ongasoze waphela.—IHu. 133:1.