Ubunye Bangempela BobuKristu—Bungatholakala Kanjani?
1 Yini engenza abantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha abavela emazweni angu-234 nasemaqenjini ezilimi angaba ngu-380 ukuba babe nobunye? Ukukhulekela uJehova uNkulunkulu kuphela okungenza lokho. (Mik. 2:12; 4:1-3) OFakazi BakaJehova bazi ngokuzibonela ukuthi ubunye bobuKristu buyinto ekhona ngempela namuhla. ‘Njengomhlambi munye’ ngaphansi ‘kukamalusi munye,’ sizimisele ukumelana nomoya waleli zwe obangela ukwahlukana.—Joh. 10:16; Efe. 2:2.
2 Injongo kaNkulunkulu engabhuntshi iwukuba zonke izidalwa ezisezulwini nezisemhlabeni zibe munye ekukhulekeleni kweqiniso. (IsAm. 5:13) Ngenxa yokuthi wayekwazi ukubaluleka kwalokhu, uJesu wathandaza ngobuqotho ecela ukuba abalandeli bakhe babe nobunye. (Joh. 17:20, 21) Ngamunye wethu angenza kanjani ukuba aphonse itshe esivivaneni ukuze kube nobunye ebandleni lobuKristu?
3 Indlela Ubunye Obutholakala Ngayo: Ngaphandle kweZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe, ubunye bobuKristu bebungeke bube khona. Ukusebenzisa lokho esikufundayo eBhayibhelini kwenza umoya kaNkulunkulu usebenze ngokukhululekile ekuphileni kwethu. Lokhu kusenza sikwazi “ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.” (Efe. 4:3) Kusishukumisela ukuba sibekezelelane ngothando. (Kol. 3:13, 14; 1 Pet. 4:8) Ingabe uyayifeza ingxenye yakho ukuze kube nobunye ngokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu nsuku zonke?
4 Umsebenzi wethu wokushumayela nokwenza abafundi nawo usenza sibe nobunye. Lapho sisebenza nabanye enkonzweni yobuKristu, ‘silulwela ndawonye ukholo lwezindaba ezinhle,’ siba “izisebenzi [ezindawonye] eqinisweni.” (Fil. 1:27; 3 Joh. 8) Njengoba sisebenza ndawonye, izibopho ezihlanganisayo zothando ebandleni ziyaqina. Kunganjani ucele othile okade wagcina ukusenza naye ukuba uhambe naye enkonzweni yasensimini kuleli sonto?
5 Yeka ukuthi sinelungelo elingakanani lokuba yingxenye yabantu okuwukuphela kwabo abanobunye bobuzalwane emhlabeni namuhla! (1 Pet. 5:9) Muva nje, izinkulungwane zabantu zizibonele ngokwazo lobu bunye bembulunga yonke eMihlanganweni Yezizwe ‘Yokukhazimulisa UNkulunkulu.’ Kwangathi ngamunye wethu angaba nesandla kulobu bunye obuyigugu ngokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, ngokuxazulula ukungaboni ngaso linye ngothando, nangokushumayela izindaba ezinhle “nganhliziyonye.”—Roma. 15:6.