Ungaphindela Yini Ezinhlwini?
1 Eminyakeni eyisihlanu edlule, izinkulungwane zamaphayona avamile zakuthola kudingekile ukuphuma ezinhlwini zamaphayona. Ingabe wawungomunye wawo? Uma kunjalo, ngokungangabazeki wawunesizathu sokuhoxa kulelilungelo. Mhlawumbe kwakungokuthile owawungakulindele nokwakungaphezu kwamandla akho. Ingabe sisekhona lesosizathu? Uma kwakuyimpilo, izinkinga zezimali, noma izibopho zomkhaya okwakwenza wayeka, ingabe izimo zakho sezingcono? Ingabe kukhona ukulungisa okuthile ongakwenza ukuze uphinde ujabulele izibusiso zokuba iphayona elivamile? Uke wacabanga yini ngokuphinda ufake isicelo sokuphayona?
2 Njengoba wazi, ukuhleleka okuhle nokuba nesimiso esenziwe ngokucophelela kuyadingeka ukuze uphumelele njengephayona. Nakuba ngokuvamile singekho isikhathi esiningi sokuzilibazisa, izikhashana iphayona elizitholayo zokuzilibazisa ngokuvamile zanelisa kakhulu futhi zinomvuzo. (IzAga 19:17; IzE. 20:35) Ngokuzigcina umatasa enkonzweni, uyavikeleka ethonyeni lendlela yokuphila yokuzanelisa wena, neyokunethezeka ephishekelwa yizwe. UJehova uthembisé ukuthi uyokwenza ucebe ngokomoya uma uzidela futhi ubeka uMbuso kuqala. Ngokuqinisekile uyothola injabulo yangempela nokwaneliseka ngokwenza inkonzo kaJehova ngenhliziyo yonke.—IzAga 10:22; Kol. 3:23, 24.
3 Ingabe inkonzo yesikhathi esigcwele kufanele ibhekwe njengelungelo elivulekele idlanzana elikhethekile kuphela? Cha. Ngenxa yesifungo sethu sokuzinikezela, wonke amaKristu kufanele ayicabangele ngokungathi sína inkonzo yesikhathi esigcwele ngaphandle kwalapho izimo zikwenza kungenzeki.—Marku 12:30.
4 Uma impilo yakho nemithwalo yemfanelo engokomBhalo kungakuvumeli nhlobo ukuba uphayone okwamanje, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyazi futhi uyaqonda. Uyokuvuza ngenxa yokwethembeka kwakho kulokho izimo zakho ezikuvumela ukuba ukwenze. (1 Kor. 4:2; 2 Kor. 8:12) Nokho, uma kubonakala kufaneleka ngawe ukuba uphinde uphayone, kungani ungathintani nombonisi owengamele bese ucela ifomu lokwenza isicelo?
5 Ingabe Umkhaya Wakho Ungasiza? Kungenzeka ukuthi waphuma ezinhlwini ngenxa yokuthi kwakudingeka unakekele izibopho zomkhaya. Kungenzeka yini ukuthi manje amanye amalungu omkhaya angase akwazi ukusiza okungenza ukuba ukwazi ukuphindela ebuphayoneni? Abanye, ngosizo nje oluncane lokunakekela imithwalo yemfanelo ethile, bangaphinde baphayone.
6 Ukubambisana okuhle kanye nokuzikhandla kakhudlwana kwamanye amalungu omkhaya kungenza lokhu kwenzeke. Usizo lunganikezwa ngezimali noma izinto zokuhamba, kanye nokuhlela njalo izikhathi zokusebenza ndawonye enkonzweni. Ngokunokwenzeka kunezinye izindlela angasiza ngazo. Uma izimo zingakuvumeli ukuba uphinde ungenele lelilungelo lenkonzo, mhlawumbe lolosizo lunganikezwa elinye ilungu lomkhaya elingase likwazi ukwenza kanjalo.
7 Kungani ningaxoxi ngalendaba njengomkhaya? Amathuba okuba elinye ilungu libe iphayona angase abe mahle uma nikwenza kube umsebenzi wokubambisana. Uma elinye iphayona lingenezelwa ezinhlwini, wonke umkhaya ungazizwa ngokufanelekile ukuthi unengxenye. Umoya onjalo wokuphana ngeke nje wandise ubufakazi boMbuso obunikezwa ensimini kodwa futhi uyokwenza umkhaya usondelane ngokwengeziwe ngokomoya.—Luka 6:38; Fil. 2:2-4.