IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-August: Kungasetshenziswa noma iyiphi kulezizincwajana ezingangomagazini ezilandelayo ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo wamasenti angu-90 iyinye: Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, nethi Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani? Ngo-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,50. Ngo-October: Isikhokhelo esithunyelwa ngeposi somagazini abaphuma kabili ngenyanga be-Phaphama! noma INqabayokulinda ngomnikelo ka-R30,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R15,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R19,00, esinye singu-R9,50. Ngo-November: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00.
◼ Ibandla ngalinye lizothola amafomu amathathu oKubalwa Kwezincwadi (S-AB-18). Unobhala webandla kufanele ahlangane nenceku yezincwadi ekuqaleni kuka-August bese bemisa usuku lokubala isitokwe sezincwadi zebandla ekupheleni kwenyanga. Kumelwe zibalwe ngokoqobo zonke izincwadi ezisesitokweni, bese izingqikithi zifakwa efomini loKubalwa Kwezincwadi. Inani lomagazini abasesitokweni lingatholakala encekwini kamagazini. Sizani nithumele iphepha lokuqala eNhlanganweni engakadluli u-September 6. Gcinani elesibili emafayelini enu. Elesithathu kungabalelwa kulo. Ukubalwa kwezincwadi kufanele kwenganyelwe unobhala, ifomu eseligcwalisiwe lihlolwe umbonisi owengamele. Unobhala nombonisi owengamele bayolisayina lelifomu.
◼ Abamemezeli abahlela ukuqala inkonzo yamaphayona esikhathi esigcwele ngo-September 1, 1994, kufanele bafake izicelo kungakephuzi.
◼ Unobhala webandla uyohlanganisa imibiko yenkonzo ukuze ifakwe efomini loMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10). Uyofundisa ngokunakekela noma imuphi umdala noma inceku ekhonzayo okungenzeka asize ekuhlanganiseni umbiko. Lokhu kuyoqinisekisa ukuba ukwaziswa okudingekayo kufakwe kahle ngokwezinhlu emakhadini eRekhodi Lommemezeli Lebandla (S-21). UMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10) kufanele ugcwaliswe kahle nangobunono bese uhlolwa ngokucophelela ikomiti yenkonzo.
◼ Amabheji omhlangano wesigodi ka-1994 kufanele a-odwe futhi imali yawo engamasenti ayisikhombisa lilinye iyofakwa ku-akhawunti yezincwadi yebandla. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni, noma anesikweleti ku-akhawunti yawo kufanele i-oda lawo alithumele nemali. Sizani ni-ode ngamaqoqo angu-20 uma kungenzeka. Amabheji atholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Sizani ni-ode ngefomu i-Literature Order (S-AB-14). Lama-oda kufanele afike eNhlanganweni ngaphambi kuka-November 1, 1994. Ngemva kwalokho ngeke sikwazi ukuthumela ama-oda amabheji.
◼ Amabandla akhunjuzwa ukuba a-ode amafomu anele onyaka wenkonzo ka-1995. Lamafomu akufanele asaphazwe; kufanele asetshenziselwe injongo yawo kuphela.
◼ Ngo-August 26 no-27 iNhlangano izobala zonke izincwadi enazo esitokweni saseBethel. Ngenxa yalokhu kubalwa, phakathi nalezozinsuku ngeke asingathwe ama-oda ezincwadi amabandla ngenjongo yokuwathumela noma ukuwadiliva.
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
NgesiNgisi: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila (isethi yamakhasethi ayisishiyagalombili aku-albhamu; ibandla neningi: R57,00; amaphayona: R47,00). NgesiSuthu: IZiNgoma ZoMbuso No. 2 (ibandla neningi: R7,50; amaphayona: R6,50).