Phindela Lapho Wathola Khona Isithakazelo
1 Iningi lethu liye laba nempumelelo ekusakazeni omagazini nezincwajana ezingangomagazini. Kubalulekile ukuba siphindele siyozama ukukhulisa isithakazelo. Ukuphumelela kwethu ukwenza kanjalo kungaxhomeka ekutheni silungiselela kahle kangakanani ngaphambi kokuba senze impindelo.
2 Khumbula ukuthi intsha eningi ikhathazeka ngezinto ezifana nalezo ezikhathaza abantu abadala. Omagazini bango-May be-Phaphama! banezihloko ezicubungula izinkinga ezikhona manje ngokombono wentsha. Lezihloko zinikeza ukuqonda okungasiza intsha, kanye nabazali bayo, ukuba baqaphele lokho okubaluleke ngempela ekuphileni.
3 Uma wahambisa i-“Phaphama!” ka-May 8, ungahlela ukulandelela ngokuhambisa eka-May 22. Ungase uthi:
◼ “Umagazini engakushiyela wona wawunezihloko ezikhuluma ngethemba lezingane. Intsha yethu iphoqeleka ukuba ikhulele ezweni elinganikezi themba ngesikhathi esizayo. Eningi yayo ibonisa intukuthelo yayo ngokuvukela. Kodwa ikhona engeqisi futhi elondoloza izindinganiso zayo eziphakeme. Lesihloko esiku-Phaphama! yamuva sichaza indlela inkantolo ephakeme esekela ngayo ukuma okwathathwa osemusha. Ngicabanga ukuthi uzokujabulela lokho esikushoyo.”
4 Ungase unqume ukuhambisa incwajana engangomagazini usebenzisa lendlela:
◼ “Ngayijabulela ingxoxo yethu emfushane esikhathini esidlule eyayiphathelene nekusasa lalomhlaba. Ungacabanga ukuthi ukuphila kuyoba njani lapha lapho uNkulunkulu eqeda ububi nokuhlupheka? [Mbonise umfanekiso osekhasini 31 lencwajana engangomagazini ethi Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?] Phawula wonke lamavesi asemakhasini 29 no-30 achaza izibusiso ezizolethwa uMbuso kaNkulunkulu. [Khetha umbhalo owodwa, bese uwufunda ngokuqondile encwajaneni.] Ngithanda ukukushiyela yona ngomnikelo wamasenti angu-90.”
5 Lapho uphindela, mhlawumbe umninikhaya uyokutshela ukuthi uthola izincwadi zesonto lakhe futhi unomuzwa wokuthi zanele. Ungase uthi:
◼ “Kungakhathaliseki inkolo esikuyo, sonke sithintwa izinkathazo eziningi ezifanayo—ubugebengu, ukugula okungathi sína, izinkinga zendawo ezungezile—akunjalo? [Lindela impendulo.] Ingabe unomuzwa wokuthi likhona ikhambi langempela lalezinkinga? [Funda eyesi-2 Petru 3:13.] Injongo yezincwadi zethu ishiwo ekhasini 2 le-Nqabayokulinda. [Funda umusho owodwa noma emibili oyikhethile.] Abantu abaningi abangebona oFakazi BakaJehova bayakujabulela ukufunda izincwadi zethu ngenxa yesigijimi sethemba ezisiqukethe, esisekelwe eBhayibhelini.” Uma umninikhaya esabela kahle, chaza isimiso sethu sokutadisha iBhayibheli bese umnikeza omagazini bamuva.
6 Ungasebenzisa lendlela:
◼ “Esikhathini esidlule ngilapha, sakhuluma ngamathemba esikhathi esizayo ezwe lethu. Ucabangani ngalombiko? [Yisho izindaba ezisematheni ezibangela ukukhathazeka.] Lapho abantu bezwa izinto ezinjalo, bayazibuza ukuthi kazi lelizwe liphokophelephi, akunjalo? Sikholelwa ukuthi lezizinto zibonisa ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina’ ezabikezelwa eBhayibhelini kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5.” Ngemva kokufunda amavesi asemqoka, ungambuza ukuthi uye wababona yini abantu abafanelwa yilencazelo. Qhubeka uxoxa ngesinye sezihlokwana ezisemakhasini 181-6 encwadini ethi Ukubonisana.
7 Uma silungiselela kahle futhi sibonise isifiso esiqotho sokusiza, singaqiniseka ukuthi abanhliziyo ziqotho bayolalela.—Joh. 10:27, 28.