IMihlangano Yenkonzo Ka-April
Isonto Eliqala Ngo-April 4
INgoma 16
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Xoxani ngamalungiselelo ebandla oSuku Lukamagazini olukhethekile ngoMgqibelo, ngo-April 9. Bukeza amaphuzu athile ayinhloko asencwadini yango-February 15, 1994. Khuthaza abamemezeli ukuba bathathe omagazini babo. Bakhumbuze bonke ngenkulumo ekhethekile ngo-April 10. Kufanele kwenziwe umzamo okhethekile wokusiza abasanda kuhlanganyela ukuba babe khona.
15 imiz: “INqabayokulinda Ne-Phaphama!—Omagazini Beqiniso.” Sihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Cela izilaleli zisho izindlela eziye zazisebenzisa ukuze zandise omagazini ezibahambisayo. Uma isikhathi sivuma yiba nabathile abalandisa okuhlangenwe nakho.
20 imiz: “Hambisa Omagazini Abaphuma Phambili Emhlabeni.” Xoxa nezilaleli ngalokhu kwaziswa, ugcizelele izinzuzo ezikhethekile zalabomagazini. Lapho usuhlanganisa isigaba 2, cela ummemezeli ophumelelayo achaze indlela yokujwayelana nokuqukethwe umagazini nokuthi intshumayelo ilungiselelwa kanjani. Hlela ukuba kwenziwe imiboniso emibili ebonisa izindlela zokuhambisa omagazini bango-April 1 no-15. Phetha ngokusikisela izihloko ezingase zisetshenziswe lapho kuhanjiswa omagazini bamuva be-Phaphama!
INgoma 69 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 11
INgoma 80
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani ngamaphuzu ayinhloko aseBhokisini Lemibuzo.
15 imiz: “UMhlangano WeNkonzo Usihlomisela Yonke Imisebenzi Emihle.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nomboniso obonisa indlela umkhaya olungiselela ngayo umhlangano; ugcizelele ukubaluleka (1) kokulungiselela kusenesikhathi, (2) ukulalelisisa, (3) nokuhlanganyela.
20 imiz: “Khonza UJehova Ngaphandle Kweziphazamiso.” Isenezelo. Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa izigaba 1 kuya ku-6.
INgoma 90 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 18
INgoma 100
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nanoma yikuphi ukubongwa kweminikelo okuvela eNhlanganweni.
15 imiz: “Landelela Omagazini Obahambisile.” Xoxa nezilaleli. Cela ukukhulumela kwazo ngokuthi kungani kunesidingo sokukwazi kahle okuqukethwe omagazini nokuhlaziya ngokucophelela ukuthi umninikhaya wasabela kanjani esikhathini esidlule ukuze uthole ukuthi iyiphi indlela engaba ngcono kakhulu. Uma isikhathi sivuma, yiba nabamemezeli abanekhono benza umboniso wezintshumayelo ezisikiselwe.
20 imiz: “Khonza UJehova Ngaphandle Kweziphazamiso.” Isenezelo. Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa izigaba 7 kuya ku-12.
INgoma 51 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 25
INgoma 70
15 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini. “Usizo Lokunqoba Izinkinga Zansuku Zonke.” Khuthaza abamemezeli ukuba bahlanganyele ngokugcwele enkonzweni yasensimini kulempelasonto yokugcina ka-April futhi baqikelele ukuthi bayawuletha umbiko wabo wenkonzo yasensimini ekupheleni kwenyanga. Sihlose ukuba nenani elisha eliphakeme labamemezeli ngo-April futhi siyokwazisa ukubambisana kwenu ekufinyeleleni lomgomo.
13 imiz: Ukholo. Sisekelwe encwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 259-62. Ingxoxo phakathi kweqembu lentsha nomdala. Umdala uxoxa ngencazelo yokholo, abese ebuza leliqembu imibuzo. Kungani abaningi bengenalo ukholo? Siyini isisekelo sokholo lwethu? Singalulondoloza kanjani ukholo oluqinile? Silubonisa kanjani ukholo olunjalo? Umdala uphetha ngokulitusa nokulikhuthaza leliqembu.
17 imiz: “Ukuhlanzeka Kudumisa UNkulunkulu.” Umdala uxoxa nezilaleli ngalesihloko. Uphetha ngenkulumo emfushane ebukeza iseluleko esanikezwa ku-Nqabayokulinda ka-June 1, 1989, amakhasi 15-20.
INgoma 75 nomthandazo wokuphetha.