UMhlangano WeNkonzo Usihlomisela Yonke Imisebenzi Emihle
1 Injongo yoMhlangano WeNkonzo iwukusishukumisa futhi usihlomisele ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi. (2 Thim. 3:17) Nokho, uma singawulungiseleli kahle lomhlangano noma sehluleka ukusebenzisa esikufundayo, izinzuzo ziyoba ncane kakhulu.
2 Ukulungiselela kusengaphambili kuyokusiza ukuba usizwisise kahle isiyalo. Bukeza izincwadi ezizosetshenziswa, uze nazo ukuze uhambisane nesikhulumi futhi ukwazi ukuba nengxenye. Lalelisisa, ubhale namaphuzu oyowasebenzisa kamuva.
3 Umbonisi owengamele ubukeza izingxenye zomhlangano ngokucophelela. Zabelwa abadala abanekhono, abafanelekayo nezinceku ezikhonzayo ukuba bazilungiselele. (omZU k. 70) Amabandla anabadala abambalwa nezinceku ezikhonzayo angase abele abanye abazalwane abafanelekayo ukuba babasize. (km 10/76, IBhokisi Lemibuzo) Isikhulumi ngasinye kufanele silungiselele ngokungashwampuluzi, sinamathele ngokuseduze eziqondisweni ezinikeziwe, futhi siqiniseke ukuthi asisidli isikhathi.
4 Ngokuvamile lomhlangano uqala ngezaziso. Umzalwane owabelwe kufanele athintane nombonisi owengamele kusenesikhathi ukuze athole ukuthi iziphi izinto okudingeka zimenyezelwe. Zingase zihlanganise izincwadi ezivela eNhlanganweni noma izikhumbuzo ezimayelana namalungiselelo enkonzo noma imibiko yenyanga ngayinye. Singase sizwe ukuthi kunabagulayo okudingeka bavakashelwe noma sizwe imininingwane yemisebenzi yebandla ehlelelwe isikhathi esizayo. Lalelisisa ukuze uzwe ukuthi kuthiwani futhi ume ngomumo ulungele ukufeza ingxenye yakho.
5 Lapho ingxenye yomhlangano idinga ukuhlanganyela kwezilaleli, lungiselela ngokuba ufunde lokho kwaziswa ubheke nemibhalo. Cabanga ngokuthi wena uhlela ukukusebenzisa kanjani ukusikisela okunikezwayo nokuthi hlobo luni lwezimpendulo ongalunikeza ukuze ukhuthaze abanye. Ungase ubonise ukuba yinzuzo kwesiyalo esithile ngokuxoxa okuhlangenwe nakho okufushane.
6 Lapho kunomboniso, zama ukuzibona ungaphansi kwezimo ezifanayo, bese ucabanga ngokuthi ubungathini. Phawula izimpikiswano ezisetshenzisiwe nendlela ongabonisana ngayo nabantu. Zama ukukhumbula owakusho esikhathini esidlule lapho ubhekene nesimo esifanayo, bese ucabanga ngokuthi amaphuzu abonisiwe angakusiza kanjani ukuze uthole imiphumela engcono esikhathini esizayo.
7 Abantu abazokwenza imiboniso nokuzoxoxwa nabo kufanele balungiselele kahle kusenesikhathi. Ngamunye kufanele akwazi azokusho nokuthi yini okufanele ayenze esiteji. Izingxenye ezingalungiselelwe azivamile ukushukumisa izilaleli noma zizikhuthaze. Abanye beza belungele ukulungiselela ingxenye yabo ekuphetheni kweSifundo Se-Nqabayokulinda ukuze baprakthize esiteji futhi bazise abazalwane abaphatha imibhobho ukuthi kuyodingekani.
8 Ngezinye izikhathi isimiso siyohlanganisa inkulumo ephathelene nesidingo esithile sebandla noma isihloko esifike ngesikhathi se-Nqabayokulinda. Lalelisisa, wamukele iseluleko, bese uzama ukusisebenzisa.
9 Sifuna ‘ukulungela yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thim. 2:21) UMhlangano WeNkonzo ungelinye lamalungiselelo enziwa uJehova ukuze asisize ekwenzeni lokho. Ukuba khona ngokwethembeka nomzamo oqotho wokusebenzisa esikufundayo ngokuqinisekile kuyosisiza ukuba ‘sifeze inkonzo yethu ngokugcwele.’—2 Thim. 4:5, qhathanisa ne-NW.