Lwela Ukubenza Balalele
1 Abantu abaningi esibathola enkonzweni yethu yendlu ngendlu abacabangi ngezindaba ezingokomoya. Kungenzeka bakhathazeke ngamalungu omkhaya, ubunzima bezomnotho, noma izinkinga zomuntu siqu. Ukuze kuqaliswe ingxoxo, ngokuvamile kungcono ukukhuluma ngezindaba abantu abaningi endaweni yakini abanesithakazelo kuzo. Kungase kusetshenziswe imibuzo ukuze kuvuswe isithakazelo, ngoba yona yenza umninikhaya ahileleke engxoxweni. Imibuzo efuna imibono kodwa engabaphoxi abantu iphumelela kakhulu.
2 Ungase wenze umuntu alalele ngokusebenzisa indlela enjengale:
◼“Sawubona. Igama lami ngingu_____. Ngihlala khona kulendawo. Abaningi engiye ngakhuluma nabo ekuseni namuhla bakhathazekile [khuluma ngezindaba zamuva zendawo noma indaba ekhathaze abantu bendawo]. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba izwe libe njena?” Lindela impendulo. Usungahambisa-ke ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Cabangela kafushane umfanekiso osekhasini 1 nokwaziswa okusezigabeni 1-3 uma isikhathi sivuma. Uma isithakazelo sesikhona, ungethula incwadi ethi Ungaphila Phakade. Ungase udonsele ukunakekela encwadini yeHubo 37:9, 10 njengoba icashunwe ekhasini 157 bese uyifunda khona encwadini. Usebenzisa imifanekiso esemakhasini 156-7, chaza izimo zokulunga eziyoba khona emhlabeni wonke lapho ububi sebungasekho.
3 Hlala ukulungele ukuhambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Abantu kuyo yonke indawo bashaqekile ngenxa yokuwohloka kwezindinganiso zokuziphatha. Lapho ufunda i-Phaphama! ka-August 8, funa amaphuzu ambalwa onomuzwa wokuthi ayovusa isithakazelo kubantu abasensimini yakini. Ngaphandle kokugxila isikhathi eside ezimweni zamanje ezimbi, donsela ukunakekela komninikhaya esihlokweni esithi “Isiqondiso Esiphelele Sokuziphatha,” bese ukhuluma ngokuqiniseka ngezinzuzo zokunamathela eselulekweni seZwi likaNkulunkulu. Kamuva phakathi nenyanga, lapho wethula i-Phaphama! ka-August 22, donsela ukunakekela esihlokweni esithi “Lapho Zonke Izinhlanga Zihlala Ndawonye Ngokuthula.” Qokomisa iseluleko seBhayibheli sokufinyelela ubuhlobo obunokuthula bezinhlanga. Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bamuva nabadala bangase bahanjiswe nganoma isiphi isikhathi kungagcini ngezinsuku ezikhethekile okuhlelwe ukuba kuhanjiswe umagazini ngazo.
4 Khumbula ukuthi umgomo wethu uwukwenza abantu babe nesithakazelo esigijimini soMbuso. Ukuze senze abantu balalele, kumelwe siqale ngokudonsa ukunakekela komninikhaya bese sishukumisa ukucabanga kwakhe. Lokhu kuyokwenza abantu abanjengezimvu bafune ‘ukuzwa lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma’ ngokuqondene nenjongo yakhe ngesintu.—IHu. 85:8.