Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/93 k. 5
  • Umbiko Omuhle Ka-April!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbiko Omuhle Ka-April!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 8/93 k. 5

Umbiko Omuhle Ka-April!

1 Siyajabula ngenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-55 727 lango-April. Ngaphezu kwalokho, siye saba nenani elisha eliphakeme lezifundo zeBhayibheli ezingu-62 060. Niye nasebenza ngenkuthalo kakhulu futhi siyanitusa ngalokhu. Sicela niqhubekele phambili nesibonelo senu sentshiseko ensimini.

2 Ingabe singazibekela umgomo wokufinyelela inani elisha eliphakeme ngo-August? Kungafezwa kanjani lokhu? Uma ummemezeli ngamunye engahlanganyela ngokugcwele enkonzweni phakathi no-August futhi awulethe ngokushesha umbiko wakhe ekupheleni kwenyanga khona-ke sikholelwa ukuthi singalifinyelela elinye inani elisha eliphakeme. Umqhubi wesifundo sencwadi ngamunye angase agcine amafomu ombiko (S-4) ambalwa endaweni okuqhutshelwa kuyo isifundo sencwadi ukuze awanikeze iqembu lakhe. Kufanele akhumbuze abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo ebhokisini elibhalwe ukuthi “Imibiko Yenkonzo Yasensimini” eHholo LoMbuso.

3 Kuthiwani ngabafundi beBhayibheli abathuthukayo? Ingabe bakhona kubo abafanelekela ukuhlanganyela nathi enkonzweni phakathi no-August? Kufanele kube nokwanda kwasikhathi sonke kwabamemezeli abasha nyanga ZONKE phakathi kwezifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-62 000 eziqhutshwayo. Kungani ungasebenzisi ukusikisela okuhle okunikezwe esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 1993 ukuze uqhubeke usiza labantu ukuba bathuthuke?

4 Kwangathi sonke singenza umzamo wokufakaza ngokungashwampuluzi ensimini esiyabelwe. Khumbula ukuthi ngaso sonke isikhathi kufanele ube ‘ovamé njalo emsebenzini weNkosi‚ wazi ukuthi ukusebenza kwakho akusilo ize eNkosini.’—1 Kor. 15:58.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela