Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini zamasonto ka-May 3 kuya ku-August 23, 1993. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhale kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikha-thi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Isiprofetho, esashiwo eminyakeni engaphezu kwengu-300 ngaphambili, sokuthi uJosiya wayeyodiliza i-altare likaJerobowamu eBethele sagcwaliseka ngokuphawulekayo. [siZU k. 68 isig. 25]
2. AmaKhosi esiBili ahlanganisa inkathi esukela ekubuseni kukaSolomoni ngo-1037 B.C.E. kuya cishe ku-580 B.C.E. [siZU k. 69 isig. 2]
3. Ngemva kokufunda umBhalo, ukuze ubonise ukusebenza kwawo ngokuvamile kwanele ukumane nje uxoxe ngawo. [sgZU k. 128 isig. 20]
4. Nakuba ukuphindaphinda kuyikhono elibalulekile lokufundisa, ukuphindaphinda okungadingekile kungenza inkulumo ibe namazwi amaningi futhi ingathakazelisi. [sgZU k. 130 isig. 11]
5. Lapho ukufunda kahle ukukhuluma usebenzisa uhlaka, uyobe uthathe isinyathelo esikhulu sokuthuthuka njengesikhulumi sasobala. [sgZU k. 140 isig. 10]
6. Akunakwenzeka ukwenza ukufundwa kwezigaba okuzwakalayo kuzwakale njengenkulumo ezenzakalelayo. [sgZU k. 145 isig. 21]
7. Ukubonisa ukugcizelela kuhilela ukuqashelwa kwalawomazwi adlulisela umqondo bese uwenza aqhame uma eqhathaniswa namazwi awazungezile. [sgZU k. 158 isig. 3]
8. Izimonyo zasemehlweni zazingaziwa ezikhathini zeBhayibheli. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-gZU78 7/22 k. 12.]
9. Ubufakazi babavubukuli bukusekela ngokunamandla ukulandisa kweBhayibheli okukweyesi-2 AmaKhosi 17:6-18 okuphathelene nokubhubhisa kwabase-Asiriya umbuso wasenyakatho wakwa-Israyeli. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-gmZU kk. 47-8.]
10. Amazwi kaDavide akweyoku-1 IziKronike 16:31 abonisa ukuthi nakuba ukubusa kukaJehova kwaqala lapho eqala ukudala, ngezinye izikhathi uye wenza ilungiselelo eliqondile lokubusa kwakhe elenza ukuba kukhulunywe ngaye njengoba ‘yiNkosi’ ngesikhathi esithile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU85 12/15 k. 11.]
Phendula imibuzo elandelayo:
11. Lapho umninikhaya efunda umbhalo, ungawagcizelela kanjani amaphuzu awo ayinhloko? [sgZU k. 126 isig. 13]
12. Uma isikhulumi sinenkinga yesijwayezi sokushukuma komzimba, yini okumelwe siyenze? [sgZU k. 132 isig. 20]
13. Yini ongayenza ukuze ulungise ukuntuleka kokuqephuza ekufundeni? [sgZU k. 143 isig. 7]
14. Yabhalelwani incwadi yeziKronike? [siZU k. 75 isig. 2]
15. Iyiphi indlela eyisisekelo yokwakha indaba enengqondo, noma indlela yokubonisana? [sgZU k. 150 isig. 11]
16. Babuyini ‘ubufakazi’ obukweyesi-2 AmaKhosi 11:12? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU91 2/1 k. 31.]
17. Ngokuvumelana neyesi-2 AmaKhosi 19:32, 33, yavinjwa kanjani inkosi yase-Asiriya ukuba ingezi eJerusalema? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU88 2/15 k. 28.]
18. Yini esingayifunda kokuhlangennwe nakho kukaDavide noHanuni kweyoku-1 IziKronike 19:2-4? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-gZU74 2/8 k. 3.]
19. Izigaba zabapristi ezingu-24 zisisiza kanjani ukuba siqonde okumelelwe ‘amalunga’ okubhekiselwe kuwo kusAmbulo 4:4? (1 IziKr. 24:4) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU73 7/1 k. 311.]
20. Sikuqonda kanjani ukuthi eyoku-1 IziKronike 29:5 iyasebenza phakathi kwabantu bakaJehova namuhla? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU90 7/1 k. 31.]
Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
21. Zonke izinkulumo zidinga ․․․․․․․ ukuze sizinikeze isiqondiso futhi sihlanganise izingxenye zazo ngendlela ejabulisayo. [sgZU k. 133 isig. 1]
22. Isikhulumi esinekhono asilahlekelwa ․․․․․․․ izilaleli ngokubheka okulotshiwe isikhathi eside kakhulu noma ngesikhathi esingafanele. [sgZU k. 138 isig. 1]
23. Ukuze abonise ukuthi akakubekezeleli ukudelelwa kwezinceku zakhe azimisile, uJehova waletha isijeziso esisheshayo entsheni eyizichwensi eyayihleka u-․․․․․․․ njengomprofethi kaJehova. [siZU k. 74 isig. 34]
24. Njengesikhulumi, ngaso sonke isikhathi ubophekile ukukwazi ukuphendula umbuzo othi ․․․․․․․_. [sgZU k. 154 isig. 7]
25. UMathewu noLuka basebenzisa izinhlu zozalo zencwadi ․․․․․․․ ekuvezeni ngokucacile ukuthi uJesu wayenguMesiya. [siZU k. 78 isig. 23]
26. Ezinkulumweni eziningi, ukuvumelana kwamaphuzu kudinga _․․․․․․․ ukusuka kwelinye iphuzu kuya kwelinye. [sgZU k. 149 isig. 2]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
27. Ngemva kokunquma isihloko senkulumo yakho, isinyathelo esilandelayo ukukhetha (imibhalo; imifanekiso; amaphuzu amakhulu) ohlela ukukusebenzisa. [sgZU k. 134 isig. 9]
28. Ukuze ulondoloze isizathu esivamile enkulumweni, kumelwe (ukhulume ngokucace kakhulu; ukhumbule umbono wezilaleli; ushiseke). [sgZU k. 156 isig. 17]
29. ‘Umnyaka wamashumi amabili kaJothamu’ usho unyaka wama-20 (wokuphila kwakhe; wokubusa kwakhe okungokoqobo; wenkathi eyadlula kusukela aba yinkosi). (2 AmaKh. 15:30) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto bheka onke; bheka i-wZU80 9/15 k. 8.]
30. Labo abafika ‘kuDavide ukuzomsiza’ (babeshukunyiswa ubugovu; babekhethe ukusekela ubukhosi bukaDavide ngenhliziyo yonke; babelandela inkambo engenazinkathazo). (1 IziKr. 12:22) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU83 8/15 k. 16.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
1 AmaKh. 22:19-22; 2 AmaKh. 1:2, 7, 8; 5:1-5; 25:27-30; 1 IziKr. 9:26, 27
31. Indlela esigqoka ngayo ingasihlanganisa neqembu noma isigaba esithile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU73 9/1 k. 405.]
32. Abagcini-sango abangamaLevi babenesikhundla sokwethenjelwa okuvelele. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU88 12/1 k. 21.]
33. Nakuba abadala bangase babe nomuzwa wokuthi bayakwazi ukusingatha izimo, kufanele bafunde esibonelweni sikaJehova futhi balalele lokho abanye abakushoyo futhi bakusebenzise. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU75 1/15 k. 34.]
34. Isayensi yemivubukulo isekela iqiniso lokuthi inkosi yakwaJuda eyayithunjelwe eBabiloni ekugcineni yakhululwa etilongweni futhi yanikezwa isabelo sokudla. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-gmZU k. 48.]
35. Abantwana bangashukumisela abantu abadala esenzweni. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-wZU75 1/1 k. 6.]