Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/93 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-June

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-June
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-June 7
  • Isonto Eliqala Ngo-June 14
  • Isonto Eliqala Ngo-June 21
  • Isonto Eliqala Ngo-June 28
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 6/93 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-June

Isonto Eliqala Ngo-June 7

INgoma 162

10 imiz:IZaziso zebandla. Khuthaza ukusekelwa okuhle kwenkonzo kamagazini ebandleni. Ungase ube nomboniso owodwa noma emibili emifushane yomsebenzi kamagazini: omunye wokuhanjiswa kukamagazini emgwaqweni, kanti omunye kuhanjiswa umagazini phakathi nokufakaza ngokwethukela.

15 imiz:“Siza Abanye Ukuba Bafunde Ngomuntu Omkhulu Kunabo Bonke.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, thola ukukhulumela kwezilaleli ngendlela eziye zakujabulela ngayo ukucabangela lencwadi eSifundweni Sencwadi Sebandla.

20 imiz:“Sebenzisa Amapheshana Ekwethuleni Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu.” Ingxoxo ehlanganyelwa nezilaleli. Yiba nemiboniso emibili. Owokuqala kufanele usebenzise intshumayelo esesigabeni sesibili lapho umninikhaya ebonisa isithakazelo. Ummemezeli uyaqhubeka ethula incwadi ngemva kwengxoxo emfushane yokwaziswa okusepheshaneni. Ummemezeli uhambisa incwadi futhi wenza ilungiselelo lokuphindela. Umboniso wesibili kufanele usebenzise enye yezintshumayelo eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1992, ikhasi 8. Khumbuza abamemezeli ukuba bahambise omagazini bamuva kanye nepheshana lapho umninikhaya engayamukeli incwadi.

INgoma 205 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 14

INgoma 196

10 imiz:IZaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezivela ku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Sikisela amaphuzu afanelekayo okukhulunyelwa komagazini bamuva angase asetshenziswe enkonzweni yasensimini kulelisonto.

15 imiz:IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo enikezwa umdala. Veza umthwalo wethu wemfanelo wokuziphatha ngokufanelekile lapho siya obhapathizweni.

20 imiz:“Okwenza Amapheshana Abaluleke Kangaka Enkonzweni Yethu Namuhla.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Ngemva kokucabangela isigaba sokugcina, yiba nomboniso omfushane obonisa indlela okulula ngayo ukusebenzisa ipheshana ekufakazeni ngokwethukela.

INgoma 126 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 21

INgoma 31

10 imiz:IZaziso zebandla. Khulumela amaphuzu avelele oMbiko Wenkonzo Ka-March. Khulumela futhi ingxenye ibandla lenu elibe nayo embikweni wenkonzo yasensimini waleyonyanga. Hlanganisa nombiko wezimali futhi ufunde noma yiziphi izincwadi zokubonga iminikelo. Zwakalisa ukwazisa ngokusekela ibandla ngokwezimali kanye nomsebenzi weNhlangano womhlaba wonke.

15 imiz:“Ukuqalisa Izifundo ZeBhayibheli Ngencwadi Ethi Umuntu Omkhulu.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Ngemva kokucabangela isigaba sesibili, yiba nomboniso wendlela yokuqalisa isifundo seBhayibheli ngalencwadi. Ummemezeli uqala ngokufunda izigaba ezintathu zokuqala esahlukweni 111 sencwadi abese eqhubeka nentshumayelo esikiselwe esigabeni sesibili kulesihloko.

20 imiz:Inkulumo ephathelene neNdalo, esekelwe encwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 87-91. Isikhulumi kufanele sibe esikhethayo ekusebenziseni amaphuzu amaningi ngangokunokwenzeka angahlanganiswa kuphela ngesikhathi esinikeziwe.

INgoma 79 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 28

INgoma 130

10 imiz:IZaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini. Donsela ukunaka emaphuzwini ambalwa okukhulunyelwa komagazini bamuva angase asetshenziswe enkonzweni yendlu ngendlu noma lapho kufakazwa ngokwethukela.

20 imiz:“Hlanganyela Njalo Enkonzweni Yasensimini.” Ingxoxo esingathwa unobhala noma umbonisi wenkonzo. Bukeza izincwadi zeNhlangano zomhla ka-August 15, 1992, neka-August 20, 1992 ngokuphathelene nokubika inkonzo yasensimini. Hlola futhi ukuthi likhona yini ibhokisi elihlukile eliphawulwe ngokuthi “Imibiko Yenkonzo Yasensimini.” Lichaze ngokugcwele lelilungiselelo lokusingatha imibiko efike sekwephuzile. Bukeza ukwaziswa okusencwadini ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 106-10, uma isikhathi sivuma. Gcizelela isidingo sokuba bonke bahlanganyele njalo enkonzweni nokuba bangenise imibiko yenkonzo yasensimini ngokushesha ekupheleni kwenyanga.

15 imiz:Izidingo zebandla. Kungabukezwa amaphuzu aphathelene nezidingo zebandla njengoba zavezwa ekuhambeleni kokugcina kombonisi wesifunda.

INgoma 71 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela