Okwenza Amapheshana Abaluleke Kangaka Enkonzweni Yethu Namuhla
1 Kumagazini INqabayokulinda ka-January 1, 1991, ikhasi 30, kwakunokuhlangenwe nakho okwakunesihloko esithi “Wathola Ipheshana Emzileni Wesitimela.” Kwalandisa ngomphathi weqembu elilungisa ujantshi wesitimela owathola elinye lamapheshana ethu libambeke ngaphansi kukajantshi. Wafunda lelipheshana ngokushesha wabe esetshela umkhwenyana wakwakhe: “Namuhla ngilitholile iqiniso!” Womabili lamadoda a-oda izincwadi ezengeziwe futhi azifunda. Manje, abangaphezu kwekhulu babazukulu babo bakhuthele eqinisweni. Lokhu kubonisa lokho okungaba umphumela wokufunda ipheshana elilodwa nje kuphela.
2 Ukusebenzisa Amathuba: Abazalwane kuyo yonke indawo basebenzisa wonke amathuba ukuze bahambise amapheshana. Omunye uFakazi osemusha waphawula ukuthi uthisha wakhe wayedabukile ngenxa yokufa kukaninazala. Lodade omusha wabhalela uthisha wakhe incwadi eduduzayo futhi wafaka kuyo nepheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? Lothisha wabhala incwajana enamazwi okubonga futhi kamuva wakhuluma nalodadewethu osemusha. Manje lothisha ubamukela njalo omagazini abavela kuye.
3 Abanye abamemezeli ababefakaza emgwaqweni oya emathuneni babona abantu bependa amathuna ngomcako. Labamemezeli basebenzisa lelithuba ukuze babahambisele amapheshana. Usuku olulandelayo kwakuyiholide abantu abaningi ababevakashela ngalo emathuneni, ngakho labamemezeli banquma ukuma esangweni lalamathuna futhi bahambise amapheshana. Kwahanjiswa amapheshana angaphezu kwamakhulu amahlanu, kwaba nabantu abathathu nje kuphela abawenqaba. Ngonyaka owalandela, abamemezeli baphindela futhi bahambisa amapheshana angaphezu kwenkulungwane, kwaba nabayisithupha kuphela abawenqaba. Abantu abaningi bazwakalisa ukwazisa okujulile. Enye indoda yafunda lelipheshana njengoba yayihamba, futhi ngokushesha yaphindela emuva ukuze ikhulume nodade owayeyinikeze lelipheshana. Yathi: “Kunothile ebengingathanda ukuba afunde lesigijimi. Ngingalithola elinye?”
4 Amapheshana mancane futhi aphatheka kalula nomaphi lapho siya khona. Lapho siba nezingxoxo zokwethukela nabanye, kungaba yizihambi noma abantu esibajwayele, kufanele silwele ukwenza ukukhulumela okufushane okungaholela ekuxoxeni ngelinye lamapheshana ayisishiyagalombili esinawo manje. Lokhu kungenziwa lapho sixoxa nomakhelwane, lapho sithenga noma silinde ukubonana nothile, lapho sivakashele izihlobo, noma kwezinye izimo eziningi.
5 Okuwenza Aphumelele: Amapheshana anombala okhangayo. Ayafushanisa. Abaninikhaya nalabo esihlangana nabo ngokwethukela abacindezeleki, bazizwe bebophekile ukufunda izinto eziningiliziwe. Nakuba kunjalo, isigijimi sihlaba umxhwele futhi siyafundisa. Umfundi uthola umbono oqinile ongokomBhalo ngendaba okukhulunywa ngayo epheshaneni. Ngemva kokuthola ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula futhi labukezwa nayo, enye insizwa yababaza: “Angikaze ngizwe ukwaziswa okukhuthaza kangaka ngesimo sezwe!”
6 Sifuna ukusebenzisa lamapheshana ngazo zonke izikhathi ezifanelekayo. Abamemezeli abaningi baye bawathola ewusizo ekuqaliseni izingxoxo emsebenzini wendlu ngendlu. Izifundo eziningi eziqhutshwayo manje zaqaliswa ngepheshana. Ekhasini lesine lale-Nkonzo Yethu YoMbuso, kunokusikisela okusebenzayo mayelana nendlela yokusebenzisa amapheshana ngokuphumelelayo. Yebo, amapheshana angamathuluzi amancane kodwa abalulekile enkonzweni yethu.