Basha—Qondisani Izinyathelo Zenu Ngokuhlakanipha
1 UBaba wethu, uJehova, unesithakazelo somuntu siqu entuthukweni engokomoya yabantu abasha. Ngokulalela ngokuhlakanipha imiyalo yakhe yothando, intsha ayenzi nje kuphela inhliziyo yakhe ithokoze kodwa futhi imiphefumulo yayo ifumana impumuzo. (IzAga 27:11; Math. 11:28-30) Ivumela uJehova ayinikeze isiqondiso esihlakaniphile sezinyathelo zayo.—IzAga 16:9.
2 UKristu Jesu wabeka isibonelo lapho esemusha sokuba omunye owazuza umusa kuNkulunkulu nakubantu. (Luka 2:52) Namuhla intsha kufanele ilwele ukwenza okufanayo. Ukuqondisa izinyathelo ngokuhlakanipha komuntu omusha kufanele kubonakale ekuphishekeleni kwakhe izinto ezingokomoya. Lapho eneminyaka engu-12 ubudala, uJesu wayaziwa ngesifiso sakhe sokukhuluma nabanye ngoJehova. (Luka 2:46, 47) Intsha namuhla iye yabonisa isifiso esifanayo sokuchaza ukholo lwayo kwabanye.—wZU90 7/1 kk. 29-30; wZU87 12/1 k. 21.
3 Yini eningayenza manje ninabantu abasha futhi ikakhulukazi phakathi nezinyanga ezizayo, kuhlanganisa namaholide enu esikole, ukuze ‘nidumise uJehova ngempahla yenu’? (IzAga 3:9) Kungani ningasandisi isikhathi enivame ukusichitha emsebenzini wokushumayela nasekufundiseni izindaba ezinhle, mhlawumbe ngokuba nize nibe ngisho amaphayona asizayo? Ningase nimangaliswe injabulo eyengeziwe nezinye izinzuzo ezimane zigeleze ngenxa yokuba nengxenye eyandisiwe enkonzweni. Lokhu kuyoninikeza nethuba lokusebenza enkonzweni yasensimini nabamemezeli abaningi abahlukahlukene. Ningase nikwazi ukuqala manje ngokumema ummemezeli noma abamemezeli ababili abanokuhlangenwe nakho ukuba basebenze nani kulempelasonto.
4 Ngaphandle kokuya nabo enkonzweni abazali banganikeza izingane zabo isikhuthazo esikhulu nosizo ngokusebenzisa izikhathi zokuprakthiza. Abanye abavuthiwe ebandleni bangathatha isinyathelo kuqala ngokucela abasebasha ukuba bahambe nabo enkonzweni yendlu ngendlu nasemsebenzini wokwenza izimpindelo nezifundo zeBhayibheli. Ubungane obuseduze nabamemezeli abanjalo abaqinile ngokomoya buyobakha abasebasha futhi bubasize ukuba “baqhubekele ekuvuthweni.”—Heb. 6:1, qhathanisa neNW.
5 Wonke umKristu unesidingo sokuthuthukisa ikhono lakhe lokufundisa. Intsha nayo kufanele yenze okufanayo. Ingabe nina basha nizilungiselela ngokungashwampuluzi izabelo eniba nelungelo lokuzinikeza eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini? Ingabe ninaso isimiso sasikhathi sonke sokufunda nesesifundo somuntu siqu kanye nokuzindla? Ingabe ngokuzimisela ukwaziswa enikufundayo niyakusebenzisa ekuphileni kwenu? Ingabe niyilungiselela kahle imihlangano ukuze nikuqonde ngokugcwele ukwaziswa futhi nilungele ukunikeza izimpendulo? Ingabe niyawabhala amaphuzu awusizo anikezwa emihlanganweni futhi nizame ukusebenzisa ukusikisela okuku-Nkonzo Yethu YoMbuso?
6 Ningawayeki amathuba okuhlanganyela ekuhlanzeni iHholo LoMbuso nokusiza abazalwane nodade abagugile noma ababuthaka ngokubenzela imisebenzi yasendlini noma ngezinye izindlela eziwusizo. Ningakudebeseleli ukwenza iminikelo yenu siqu yasikhathi sonke ukuze nisize ekunakekelweni kwezindleko zeHholo LoMbuso nomsebenzi weNhlangano womhlaba wonke.
7 Uma ‘siqaphela okwezwi likaJehova’ futhi simvumela ukuba aqondise izinyathelo zethu, uyosiholela enjabulweni nasemalungelweni andisiwe enkonzo.—IHu. 119:9.