UMhlangano Wesigodi “Wabaphathi Bokukhanya” Ka-1992
1 Siyajabula ukuninikeza uhlu lwezinsuku kanye nezilimi zoMhlangano Wesigodi “Wabaphathi Bokukhanya” Ka-1992. Lemihlangano iyoshukumisa kakhulu futhi ibe ngevelele emisebenzini engokwasezulwini esizoyenza ngo-1992. Kulonyaka ibandla ngalinye lizokwaziswa ngencwadi ukuthi imuphi umhlangano elizoya kuwo. Sinikhuthaza nonke ukuba ninamathele kulelilungiselelo. Uma umhlangano ungeke uqhutshwe ngolimi lwenu khona-ke sizani nizizwe nikhululekile ukuya komunye. Kuqaliswa lelilungiselelo ukuze abamemezeli bangaminyani endaweni eyodwa njengoba ezinye izindawo zomhlangano manje sezigcwala kakhulu, futhi sifuna wonke umuntu akhululeke ngangokunokwenzeka.
2 Sibhekana nobunzima ekulungiseleleni izikhulumi zeminye imihlangano. Singakwazisa uma abadala abafanelekayo bengasiza komunye wemihlangano elandelayo: (a) Kudingeka izikhulumi zesiNgisi e-East London, eGaborone, nakaManzini. (b) Kudingeka izikhulumi zesiNgisi nesiBhunu kaNyamazane (eNelspruit), ePort Elizabeth, naseWindhoek. (c) Kudingeka izikhulumi zesiVenda nesiTsonga eNkowankowa. Siza ubhalele iNhlangano usazise ngalokho okuhlelayo. Incwadi yakho kufanele uyinikeze ikomiti yenkonzo yebandla lenu. Bayonezela ukukhulumela kwabo, bayisayine lencwadi bese beyidlulisela kumbonisi wesifunda. Umbonisi wesifunda uyonezela ukukhulumela kwakhe kokutusa bese ethumela lencwadi eNhlanganweni. Incwadi yakho kufanele ifike eNhlanganweni KUNGAKEDLULI uAugust 1, 1992.
3 Kuhlelwe lemihlangano elandelayo:
NgoNovember 27-29:
ESt. Helena (isiNgisi)
NgoDecember 11-13:
EGaborone, eBotswana (*isiNgisi, *isiTswana)
EMpangeni (isiZulu) (AKUKAQINISEKWA)
EWindhoek (isimiso sezilimi ezimbili isiBhunu/isiNgisi)
NgoDecember 18-20:
EBloemfontein (isimiso sezilimi ezimbili isiBhunu/isiNgisi, *isiSuthu)
E-East London (*isiNgisi, *isiXhosa) (AKUKAQINISEKWA)
EKapa (*isiBhunu, *isiNgisi, *isiXhosa)
EOngwediva (isimiso sezilimi ezimbili isiKwanyama/isiNdonga, nesiPutukezi kancane)
NgoDecember 25-27:
EGoli (*isiBhunu, isiGreki kancane, *isiNgisi, *isiPutukezi, *isiSuthu, *isiZulu. Siyoba futhi nesimiso sabakhuluma ngezandla.)
ELebowa-kgomo (iSipedi)
EMafikeng (isiTswana)
EMaputo (*isiPutukezi, *isiTsonga)
EMgungundlovu (isiZulu) (AKUKAQINISEKWA)
ENewcastle (isiZulu)
KaManzini (*isiNgisi, *isiZulu)
NgoJanuary 1-3, 1993:
EMaseru (isiNgisi kancane, *isiSuthu)
Emtata (isiXhosa)
ENkowankowa (*isiTsonga, nesiVenda kancane)
EPitoli (*isiBhunu, *isiNgisi, isimiso sezilimi ezimbili iSipedi/isiSuthu, *isiZulu)
EPort Elizabeth (*isiBhunu, *isiNgisi, *isiXhosa)
EThekwini (*isiNgisi, *isiZulu) (AKUKAQINISEKWA)
KaNyamazane (isimiso sezilimi ezimbili isiBhunu/isiNgisi, *isiZulu)
NgoJanuary 8-10:
EInhambane (isiPutukezi kancane, *isiTsonga)
EXai-xai (isiTsonga)
* Kubonisa ukuthi kuyonikezwa isimiso esigcwele ngalezozilimi.