Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ezabelweni zamasonto kaJanuary 6 kuya kuApril 20, 1992. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingasetshenziswa ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Ngaphansi koMthetho kaMose, zonke izono nezoni kwakubhekwa ngokufanayo. [siZU k. 29 isig. 34]
2. Igama elithi Numeri libhekisela ekubalweni kwabantu eNtabeni iSinayi futhi kamuva emaThafeni akwaMowabi. [siZU k. 30 isig. 2]
3. Nakuba incwadi kaNumeri iyisibonelo ekubekeni izinto ngokungagwegwesi, uMose wakufihla ukushiyeka kwakhe siqu. [siZU k. 31 isig. 7]
4. Ngaphansi kwesivumelwano soMthetho, isono ngaso sonke isikhathi sasidinga umhlatshelo wokusihlangula, ukuvunywa, ukuphenduka, nokulungisa ngezinga okungenzeka ngalo. [siZU k. 29 isig. 32]
5. “Ukuqalekisa kwasobala” eqinisweni kwakuwukuhlambalaza. (Lev. 5:1, NW) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 9/1 k. 13.]
6. Ukunikela kompristi omkhulu inkunzi njengomhlatshelo wesono “azenzele yena nendlu yakhe” kwakufanekisela umhlatshelo kaJesu njengoba wasetshenziswa ‘endlini yakhe’ yabapristi abangaphansi. (Lev. 16:6) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 3/1 k. 28.]
7. Akufanele neze ukubiza inzalo kumzalwane. (Lev. 25:35-37) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 2/15 k. 30.]
8. Imithetho ephathelene nokuhlanjululwa kwabanochoko nezindlu ezinamagciwane kwakubonisa ukuqaphela amagciwane ezifo futhi kwakuvikela ekungenweni izifo. (Lev., isahl. 14) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ig81 9/22 k. 25.]
9. Phakathi noma ngaphezu kwamakherubi phezu kwesivalo somphongolo wesivumelwano, kwabonakala ukukhanya okuyisimangaliso okubizwa ngokuthi iShechinah njengophawu lokuba khona kukaNkulunkulu eNgcwelengcwele. (Num. 7:89) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka ikj k. 165.]
10. AmaIsrayeli kwakudingeka enze “insephe emiphethweni” yezingubo zawo ukuze angafani nabakwaMowabi, abaseGibithe noma abanye futhi ukuze akhumbule ukuthi kwakumelwe ahluke. (Num. 15: 38-40) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU84 4/15 k. 20.]
Phendula imibuzo elandelayo:
11. Incwadi kaLevitikusi ilikhulisa kanjani igama likaJehova? [siZU k. 26 isig. 9]
12. Imuphi umsebenzi wobupristi oyofezwa umPristi Omkhulu, uJesu Kristu, nabapristi bakhe abangaphansi phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane? [siZU k. 30 isig. 39]
13. Ukwenqatshelwa kokudla amanoni kuzikhumbuzani izinceku zikaJehova namuhla? (Lev. 3:17) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 2/15 k. 29.]
14. Yini okungenzeka yayihilelekile esonweni sikaNadabi noAbihu? (Lev. 10:1, 2) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 2/15 k. 29.]
15. Kungani ukuzala umntwana kwakwenza owesifazane abe “ongcolile”? (Lev. 12: 2, 5) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 2/15 k. 29.]
16. Kungani kwakhishwa isijeziso sokuba noma ubani ‘othuka’ abazali bakhe abulawe? (Lev. 20:9) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 2/15 kk. 29-30.]
17. Kushiwoni ‘ngabesifazane abayishumi ababhaka isinkwa eziko linye’? (Lev. 26: 26) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 2/15 k. 30.]
18. Kungani uMiriyamu akhuluma ngokumelene noMose ngenxa yomkakhe wakwaKushe? (Num. 12:1) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 4/15 k. 29.]
19. Iliphi iqiniso elibalulekile uKora angazange alinake? (Num. 16:1-3) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka igZU79 5/8 k. 11.]
Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
20. Incwadi kaLevitikusi yabhalwa uMose ngonyaka ka-․․․․․․․. [siZU k. 25 isig. 4]
21. Umongo wo․․․․․․․ utholakala kuyo yonke incwadi kaLevitikusi, ekhuluma ngalemfuneko ngaphezu kwanoma iyiphi enye incwadi yeBhayibheli. [siZU k. 26 isig. 9]
22. Ukugcwaliseka kweminingi yemifuziselo engokwesiprofetho ekuLevitikusi kuchazwe encwadini yama․․․․․․․. [siZU k. 29 isig. 37]
23. Incwadi kaNumeri ihlanganisa inkathi esukela ku-․․․․․․․ kuya ku-․․․․․․․ B.C.E. [siZU k. 30 isig. 4]
24. Encwadini kaNumeri, inkambo kaIsrayeli yokungalaleli nokuhlubuka isetshenziswa ngenjongo yokugcizelela isidingo esikhulu․․․․․․․. [siZU k. 31 isig. 9]
25. Imithetho esencwadini kaLevitikusi ngokuqondene ․․․․․․․ yembula ulwazi lwamaqiniso angazange aqashelwe amadoda ezwe ezokwelapha kwaze kwaba sezinkulungwaneni zeminyaka kamuva. [siZU k. 26 isig. 7]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Incwadi kaLevitikusi ihlanganisa (iminyaka engu-40; unyaka owodwa; inyanga eyodwa). [siZU k. 25 isig. 3]
27. Incwadi kaNumeri yaqedwa uMose ngonyaka (ka-1513; ka-1512; ka-1473) B.C.E. [siZU k. 30 isig. 4]
28. ‘Ukuhlupha umphefumulo’ ngokusobala kwakubhekisela (ekuzileni; ekuzishayeni; ekugwemeni noma imiphi imisebenzi yokuzilibazisa). (Lev. 16:29) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 2/15 k. 29.]
29. ‘Ukushwabaniswa’ kwethanga lowesifazane eqinisweni kwakusho ukuthi (wayeyoyeka ukukhonza uJehova; wayengeke esakwazi ukusebenzisa umlenze wakhe; izitho zakhe zokuzala zaziyoshwabana, kwenze kungabi nokwenzeka ukuba akhulelwe). (Num. 5:21) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 4/15 k. 29.]
30. ‘INcwadi Yezimpi ZikaJehova’ (yiyiwukwaziswa kwezihlubuki; yayiwumbhalo othembekile ongokomlando; yayiwukulandisa kokuzicabangela kwezindaba zeBhayibheli). (Num. 21:14, 15) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 4/15 k. 30.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Lev. 2:11, 12; Lev. 17:10-14; Lev. 19:32; Num. 15:30, 31; Heb. 13:11
31. Ngenxa yokuthi igazi lingcwele, alinakufakwa emzimbeni nganoma iyiphi indlela. [siZU k. 29 isig. 33]
32. NgoSuku Lokubuyisana izidumbu zezilwane zomnikelo wesono zazikhishelwa ngaphandle kwekamu bese zishiswa. [siZU k. 29 isig. 38]
33. Uma elithi ‘izinyosi’ lalisho amanzi ezithelo, khona-ke zazingabila, futhi ngenxa yalokho, zazingeke zamukeleke emhlatshelweni. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iw84 2/15 k. 29.]
34. Inhlonipho ngasebegugile kwakuyisimiso sesizwe kwaIsrayeli. [Ukufundwa kweBhayibheli kwasonto onke; bheka iwZU87 6/1 k. 5.]
35. Abaphuli bomthetho kaNkulunkulu bangamabomu, abangaphenduki babebulawa. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 4/15 k. 15.]