Phonsani Amanetha Enu Ukuze Nibambe
1 Sonke sakhuthazwa uchungechunge olwalunesihloko esithi “Ukukhonza Njengabadobi Babantu” olwanikezwa eMihlanganweni yethu emikhulu yamuva eyayinesihloko esithi “Abathandi Benkululeko.” Loluchungechunge olwalunezingxenye ezintathu olwalungeSonto ekuseni lwasisiza ukuba siwubheke ngelinye iso umsebenzi wethu wokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi silingisa iNkosi yethu, uJesu.—Math. 24:14; 28:19, 20.
2 Ngemva kokubamba izinhlanzi okuyisimangaliso, uJesu wathi kuPetru: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu [“bephila,” NW].” (Luka 5:10) Ngaleyondlela uJesu wafanisa abantu nezinhlanzi, futhi wamema abadobi abathobekile ukuba badele umsebenzi wabo wokuziphilisa ngenxa yohlobo oluhle kakhulu lokudoba—ukubamba abantu bephila.
3 Kusho ukuthini konke lokhu kithi ngabanye? Lapho uPetru, uAndreya, uJakobe, kanye noJohane bemenywa ukuba babe abadobi babantu, umbhalo uthi: “Bashiya konke, bamlandela.” (Luka 5:11) Yeka isibonelo esihle! Ingabe singawuhlakulela umoya ofanayo wokuzidela, ukuzimisela okufanayo ukukhonza uJehova kungakhathaliseki ukuthi kusilahlekiselani?
4 Nokho kuthiwani, uma insimu yenu okwamanje ibonakala ingakhiqizi? Ungadumali. Khumbula, uJesu wagcwalisa amanetha abafundi ngemva kokuba sebedobe ubusuku bonke bengabambi lutho. Kungenzeka okufanayo ngendlela engokomoya. Abazalwane abaningi nodade bebelokhu bezimisele ukuthuthela kwamanye amasimu namazwe ukuze bandise inkonzo yabo. Lokhu kungafaniswa nabadobi abathola ukuthi emanzini endawo yakubo izinhlanzi sezidotshwe zonke, bese beya kwenye indawo.—Luka 5:4-10.
5 Emabandleni amaningi asemadolobheni kunezindikimba ezinkulu zabadala, izinceku ezikhonzayo, kanye nabanye abazalwane abafanelekayo. Ingabe ke wakucabangela ukuthuthela ezindaweni ezinesidingo esikhulu ngokwengeziwe sabadobi babantu? Ingabe ungenza okwengeziwe ukuze wakhe amabandla amancane futhi usize ekuhlanganiseni amasimu amakhulu angakasetshenzwa? Khona-ke siza ulucabangele ngomthandazo uhlu olulandelayo lwamabandla kanye nezindawo lapho izinkonzo zakho njengomdobi ongokomoya zidingeka khona ngokuphuthumayo.
EBesters: Leli ibandla elakhiwa odade abahlanu kuphela. Kunesidingo esiphuthumayo sabadala nezinceku ezikhonzayo ukuba baqhube imihlangano futhi bahole.
EBraneamburg (ngaseBadplaas): Iqembu elincane elingalodwa elinabamemezeli abangaphansi kwabayisishiyagalombili. Kunesithakazelo esikhulu kulendawo. Kudingeka amaphayona.
EBurford: Ibandla elincane elishisekayo elidinga umdala noma inceku ekhonzayo engahola.
ECarolina: Ingokomoya lalelibandla elincane labamemezeli abangu-15 lihle. Kudingeka abadala noma izinceku ezikhonzayo abanemikhaya eqinile ngokomoya.
EDaggakraal (ngaseVlakpoort): Kudingeka abadala nezinceku ezikhonzayo noma amaphayona. Kunabamemezeli abayishumi abadinga ukuholwa. Badinga nosizo ekuhleleni nasekuqhubeni imihlangano yebandla.
EDeepdale (esifundeni saseBulwer): Lendawo injengensimu engabelwe. Kunodade oyedwa vó. Iyindawo enabantu abaningi kakhulu.
EDoornhoek (ngaseMnambithi): Kudingeka amaphayona kulelibandla elincane elinenceku ekhonzayo eyodwa kanye nabamemezeli abayisishiyagalombili.
EDoringkop (ngaseStanger): Lendawo yake yasetshenzwa amaphayona akhethekile esikhashana futhi ashiya abantu abaningi abathakazelayo. Inezakhamuzi ezicishe zibe ngu-10 000.
Kangwanase (ngasemngceleni ohlukanisa iNatali neSwazini): Ibandla eliseduze kakhulu Ingwavuma. Nakuba lingekho ibandla kulendawo kunephayona elivamile nomkalo futhi ukusabela kuhle kakhulu. Kudingeka izisebenzi ezengeziwe.
Abamemezeli Abangabodwa BaseMadras (ngaseMarite, eBushbuckridge): Leli iqembu labamemezeli abangu-12 kanye namaphayona avamile amahlanu. Abadala nezinceku ezikhonzayo bayadingeka ukuze bahole.
Abamemezeli Abangabodwa AbaseMganduzweni (esifundeni saseWhite River): Iqembu labamemezeli abangu-11. Kunesidingo sabadala nezinceku ezikhonzayo ukuba baqhube imihlangano futhi bahole.
ENdwedwe: Kudingeka amaphayona azosiza ibandla ekuhlanganiseni insimu enkulu. Indawo yokuhlala ikhona.
Abamemezeli Abangabodwa EPhatheni: Odade abangalujabulela usizo lomzalwane, oyinceku ekhonzayo noma umdala, onomkhaya oqinile ngokomoya. Amaphayona nawo amukelekile ukuba azosiza lapha.
Abamemezeli Abangabodwa ERonaldsey (esifundeni saseXimhungwe): Iqembu labamemezeli abangu-15 kanye nephayona elivamile elilodwa. Kudingeka amaphayona avamile engeziwe kanye nabadala nezinceku ezikhonzayo.
Abamemezeli Abangabodwa EVioletbank (ngaseShatale): Iqembu elikhula ngokushesha labamemezeli abangu-21. Eminyakeni emibili edlule kwakunabamemezeli abayisikhombisa kuphela. Kudingeka abadala nezinceku ezikhonzayo kanye namaphayona avamile.
EZwaartkopje, eLangkloof (ngaseNkangala): Lena insimu engabelwe enabantu ababonisa isithakazelo esikhulu. Inabantu abaningi. Kudingeka amaphayona azonakekela lesithakazelo.
ESwazini: EHluti: Ibandla elincane elidinga abadala nezinceku ezikhonzayo. Kunabamemezeli abayishumi kulelibandla.
EMankayiyane: Leliqembu elincane elakhiwa abamemezeli abayisikhombisa abangabodwa lidinga ukuholwa abadala abavuthiwe nezinceku ezikhonzayo.
EVenda: EFefe (ngaseMudale): Kudingeka abadala noma izinceku ezikhonzayo abazohola. Kunabamemezeli abahlanu nje kuphela kuleliqembu futhi insimu idinga ukuhlanganiswa kahle ngobufakazi.
EFolovhodwe: Kunabamemezeli abayisikhombisa nje kuphela kulendawo. Kudingeka amaphayona azonakekela labantu abathakazelayo.
EMakhushu (ngaseMessina): Kunodade abathathu kuphela kulendawo futhi bayehluleka ukuhlanganisa insimu enkulu. Kudingeka umkhaya oqinile ngokomoya noma umbhangqwana ongamaphayona.
6 Labo abazimisele ukuzidela ukuze bakhonze lapho kunendingeko enkulu khona bangaqiniseka ngesibusiso sikaJehova. “UPetru wathatha, wathi kuye [uJesu]: Bheka, thina sishiyé konke, sakulandela. UJesu wathi: Ngiqinisile ngithi kini: Akukho-muntu oshiyé indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, . . . ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesisikhathi . . . nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”—Marku 10:28-30.